Endlini encane yakwaMaphumulo ilapho kuphuma khona abantu bakwaMseleku. Ukuze babe ngabantu bakwaMseleku yingoba kwathi kuhlasele impi bonke abantu bebaleka bona banele bafika osebeni lolwandle base bayakhohlwa ukuthi kuyabalekwa balibala ukuzidlela lokhu okwakubizwa ngokuthi ngamaseleku[okungamasenene ngolimi lwamathonga] Abantu bakwaMseleku babuye bahlukana phakathi kwaba khona abazibiza ngokuthi ngabakwaDuma abanye bazibiza ngokuthi ngabakwasShinga. Okwamangaza kakhulu ukubona abakwa Duma bona bebambelele kakhulu kwabakwaMaphumulo, kunabakwaShinga. AbakwaDuma baqoqana laphaya ngaseMzi... qhubeka ufunde »