Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

UMlando ngoMntwana uMkhungo ka Mpande

Nina abakaNowelamuva wawoShaka uMdayi sabela kwephesheya , uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! #ISilo uMpande leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade . Thina sisabanyayisa abasizondayo. *Nina beSilo ake sibheke umlando woMntwana uMkhungo ka Mpande uNungu emaxaka uFulathela bahlab’uZulu! UMntwana uMkhungo ka Mpande . UMntwana uMkhungo wayezalwa iSilo uMpande kuNdlunkulu uMonase ka Mntungwa wakwaNxumalo . Wayelamana naBantwana oBathonyile(intombi) kanye noMantantashiya. UMntwana uMantantashiya waye... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeBoza (Tetradenia riparia,Ginger Bush)

Nina beSilo sakithi oSuthu uMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? UMagalela agase njengeNkosi yaMantshali ngoba egasele uZibhebhu kwaNdunu! #ISilo sakithi oSuthu leso, iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade. Ngethemba nisaphila. Cha, thina sisaphila eM... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMadolwana(Equilabium laxiflorum )

Nina aboVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! #ISilo uMdlokombane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke indawo , ngethemba nisaphila nina beSilo . Cha, thina sisaphila eMantungweni. UMadolwana   Nina beSilo le Nduku... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeBhakubha

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! UHlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya!#ISilo uShaka leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba nisaphila ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeMbune

Nina abakaGawu bazawuliluma bazawuliphisa bakhumbule amaGawu abebesi! UKlebe engibone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala. UHlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya!#ISilo uShaka leso ! Ngethemba bsaphila abeZulu eliphezulu. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo k... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMkhwinini  (uKhwinini , Catharanthus roseus)

Nina abakaZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! #ISilo uMdlokombane leso. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade ngathemba basaphila abeSilo. Cha, thina sisaphila eMantungweni *UMkhwinini* Nina beSilo le Nduku eniyibonayo iNduku cish... qhubeka ufunde »

Umlando ngeSilo uMpande (ISilo sakwaNodwengu)

Nina abakaMsimude wakithi eMlambongwenya uMsimude owavela ngeSiluba phakathi kwamaNgisi namaQadase! UNowelamuva wawoShaka uMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! #ISilo uMpande leso! Nina... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNkentshane(African Wild Dog ,Lycaon pictus,Painted Dogs,Cape Hunting Dog.

Nina abakaKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi ngeyawo Dambuza ka Ntombela! UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazana! #ISilo uMpande leso, iSilo sakithi kwaNodwengu. Nina beSilo lesi silwane enisibonay... qhubeka ufunde »

Incazelo ngesilwane iMpunzi(Common Duiker)

Nina abeNgodlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba! UKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni! #Inkosi uMalandela leyo , inkosi yakithi kwaNkomonye. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade ,ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha, thina sisaphila eM... qhubeka ufunde »

Umlando ngeSilo uShaka ka Senzangakhona(ILembe)

  Nina abakaHlabahlungu bazashumayezana abesezitheni nabasemakhaya! UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Nina beSilo ake sibheke umlando weSilo sakwaDukuza , iSilo uShaka ka Sen... qhubeka ufunde »

 

error: Akuvumelekile lokho !!