Incazelo ngoMadolwana(Equilabium laxiflorum )

UMadolwana

Nina aboVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! #ISilo uMdlokombane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke indawo , ngethemba nisaphila nina beSilo . Cha, thina sisaphila eMantungweni.

UMadolwana

 

Nina beSilo le Nduku eniyibona esithombeni kuthiwa uMadolwana igama layo lesiZulu. NgesiBhunu ibizwa nge Sitrinella-Kromsteelpypsalie. OSosayensi bayibizwa nge Equilabium laxiflorum . Idume kakhulu ngegama lesiNgisi elithi Citronella Dutch-pipe-sage. Nina beSilo akulona iBoza leli. IBoza likhula libe lide kunaleNduku, oSosayensi balibiza ngeTetradenia riparia. IBoza lingena kakhulu kwezokwelapha uQhuqho. 

*Nina beSilo le Nduku yinhle kakhulu ekugezeni abesifazane ngaphakathi , ikakhulukazi abancelisayo. Izimpande zale Nduku ziye zibiliswe zenziwe iSiphungo esiye siphungwe  sisashisa  njengeTiye . Lesi Siphungo sandisa ubisi kuBadlezane ,oMame abasanda kuthola izingane. Lesi Siphungo sibuye sihlanze neSinye, sikhiphe namanzi ashisayo aba seSinyeni. Lesi Siphungo siphinde sehlise izinhlungu zoMhlume kanye neze Silumo.Siphinde sidambise nezinhlungu zokubeletha kanye nezinseka. Amacembe kaMadolwana mahle kakhulu kwezeMfiva , mahle futhi kwiSifuba esibuhlungu , mahle futhi naseSiswini esijuqayo ngenxa yezilo noma izikelemu. Aye abiliswe lamacembe abayiSiphungo esiphungelwa iMfiva, iSifuba kanye neSisu esibuhlungu. Amacembe kaMadolwana abuye agqume , agqumele yona iMfiva. Mahle kakhulu ezinganeni. Izimpande zikaMadolwana ziye zigqulwe zibe yimpuphu enanyekwa emanxebeni nasezilondeni , izishisa qhu!

Khumu

Niphile nina abeNdlondlo enophaphe ekhanda kaMenzi! Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

 

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo