Nina beSilo sakithi oSuthu uMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? UMagalela agase njengeNkosi yaMantshali ngoba egasele uZibhebhu kwaNdunu! #ISilo sakithi oSuthu leso, iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade. Ngethemba nisaphila. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo lo muthi eniwubonayo kuthiwa yiBoza igama lawo . *Akuwona uMadolwana lona. Ekuseni ngiPoste uMadolwana naphikisa nina nathi yiBoza , naqinisa imisipha niphikisa into eningayazi! Engikuqaphelayo wukuthi le Genge ephikisayo iGenge esuke ingakaze iphawule ngisho nangelilodwa ilanga. Yile Genge ema ekhoneni ilinde amaphutha, noma ime ekhoneni uma ibona umuntu oyedwa ephikisa nayo isho phakathi -iphikise nayo . Yazi ninezinhliziyo ezimbi niyanuka phu umona. UMadolwana neBoza akufani.UMadolwana kuthiwa uMadolwana nje ngoba ukhula ugcine emadolweni omuntu. IBoza lona liyakhula impela libe isihlahla esingalingana nomuntu noma simedlule. Ngiyabagenca-ke mina abantu abavele bephikise nje into abangayazi. *.Ngiyasebenza mina lana. Angidlali! Yebo le mithi icishe ifane kwazise iphuma eMndeni owodwa okunguMndeni obizwa nge Lamiaceae Plants, kodwa ayifani lemith, futhi nemisebenzi ihlukile. Kulo Mndeni wemithi sibuye sithole neMbabazane , iMint kanye neminye imithi. IBoza libizwa ngeTetradenia ripiria ngeBotanical name , kanti uMadolwana wona ubizwa nge Plectranthus laxiflorus .Kanti ngesiNgisi iBoza libizwa nge Misty Plume Bush,noma Ginger Bush. NgesiBhunu libizwa nge Gemmerbos, noma Watersalie. Niyeke ukuphikisa into eningayazi!
Lenzani-ke iBoza?
IBoza nina beSilo lingumuthi omkhulu weMfiva , ikakhulu iMfiva ephelekezelwa wuQhuqhu nezilonda emlonyeni ezehla njalo ziyoshona esifubeni. Kusebenza amacembe .Aye aphekwe noma athelwe amanzi ashisayo enziwe iSiphungo soMkhuhlana esishisa izilonda , siqede noQhuqho. Siqede nobuhlungu bekhanda obubangelwa yiMfiva. IBoza libuye ligqumele yoan iMfiva. Ayababa amacembe eBoza kodwa awusizo kakhulu ,iSiphungo sawo sibuye senze inhliziyo ithande ukudla ibe neApetite. Lesi Siphungo sihle kakhulu nasekwelapheni isisu esibuhlungu, sibulala izikelemu ngaphakathi esiswini. Lesi Siphungo sibuye sibe sihle nasekuqedeni iBhabhalazi .Amacembe eBoza abuye ageze umzimba nxa uluma , noma nxa uqubukile. IBoza libuye lichathele uMkhuhlane kanye nokugeza ingaphakathi yomuntu. ISiphungo samacembe eBoza sihle nasekwehliseni amandla ezifo ezingaMahlalakhona, izifo ezifana noShukela , HIV, kanye nezinye
Khumu!
Niphile nina abakaMashikizela ashiye iMpi yakhe! Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Siyasizakala kakhulu ngalolulwazi ikakhulungoba imithi iphwlezelwa zithombe okwenza kucace bha ukuthi yimuphi umuthi okukhulunywa NGAWO.KWANDE
wena weSilo