Incazelo ngeBhakubha

IBhakubha

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! UHlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya!#ISilo uShaka leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba nisaphila nina beSilo. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo ibizwa ngeBhakubha igama layo . .Lena yiNduku esetshenziswa ngezindlela azahlukene , futhi isetshenziswa yibona bonke abantu. Le Nduku nina beSilo ayaziwa kakhulu kuleli le Ndlovukazi uMthaniya, yaziwa kakhulu lena ngaphesheya kweNgulukudela, kwelikaMzikazi. Kusebenza isigaxa kule Nduku, siyancinza njengoNtonganazibomva kwazise naso siwuhlobo lweziKlenama.

Yenzani le Nduku iBhakubha?

Nina beSilo lena yiNduku yenhlanhla nokuthandwa , futhi ivula izinto . Kusebenza isigaxa sayo esincinzayo , Kuyagezwa, kuyaphalazwa ngale Nduku,  kuphindwe kugqunywe ngayo .Uthandeka ukubhubha umuntu osebenzisa le Nduku. Le Nduku ibuye yandise neMfuyo uma itshalwe eSibayeni , yenza iMfuyo ikhwelane , imithisane yande . Yinhle kakhulu eZimbuzini. Iyatshalwa nasegcekeni ekhaya . Le Nduku nina beSilo kubalulekile ukuba uyibike  uma uzoyitshala ekhaya ukuze ikusebenzele kahle. Yinhle uma uyitshale egcekeni ngoba uma uyitshale ngaphakathi endlini yenza izingane zihalelane zigcine zilalene.Kahle-hle le Nduku kuthiwa  iyaqhanyelisa  ingakho ikhonzwe nangamaSoka. Ayageza ngayo , abuye aphalaze ngayo abuye agqume ngayo . Abuye ayiphanyeke nasoPhahleni lweNdlu akholelwe ekutheni izodonsa izodonsa izintombi.Kodwa kufuneka aqikelele ukuba kuleyoNdlu  abangeni  oDadewabo ngoba kungagcina kuba yibona abalangazelela ukulala nabafowabo. Uma amaSoka eyithake eNdukwini yawo emhlophe yokuphalaza kuba kancane ukuba aphume iNqina kaMabuyaze eNtombini, iyaluhlanganisa uCu le Nduku. Ayithaka nemithi efana noVendle, uNzukela , uFoshela , uNgibonise kanye neminye. Abuye agqume aphinde ageze ngayo.Kanti nabo abeSifazane bayayisebenzisa le Nduku, bayisebenzisele ukuthandeka , ikakhulukazi labo abathi amadoda abashaya iNdiva. Umuthi omuhle kakhulu lona . Le Nduku iyangena nakwezokudonsa imali kwiBhizinizi. Iletha enkulu inhlanhla uma itshalwe egcekeni ,nokho kufuneka ibikwe kahle eMsamo.

Khumu!


Niphile nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo