Umlando ngeSilo uMpande (ISilo sakwaNodwengu)

UMdwebo weSilo uMpande

Nina abakaMsimude wakithi eMlambongwenya uMsimude owavela ngeSiluba phakathi kwamaNgisi namaQadase! UNowelamuva wawoShaka uMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! #ISilo uMpande leso! Nina beSilo ngiyakhuleka kinina enhla nasezansi. Ake sibheke umlando weSilo uMpande ka Senzangakhona ka Jama.

ISilo uMpande ka Senzangakhona.

 

 


ISilo uMpande salandela iSilo uDingane eSihlalweni soBukhosi  bukaZulu.Kuzokhumbuleka ukuthi iSilo uDingane sahlala eSihlalweni ngemuva kokusoconga uMfowabo , iSilo uShaka , iLembe, ngo1828. ILembe yilona elakha uZulu kusukela ngowe 1816 kuya kowe 1828. ISilo uShaka , iSilo uDingane kanye neSilo uMpande babezalwa yiNkosi uSenzangakhona ka Jama ka Ndaba. ISilo uShaka sabusa kusukela ngowe 1816 kuya kowe 1828 lapho sakhothama khona sibulawa ngabafowabo, aBantwana oDingane ka Senzangakhona , uMhlangana ka Senzangakhona kanye noMbopha kaSithayi waseGazini. ISilo uDingane sabusa kusukela  ngowe 1828 kuya kowe 1840 . Sakhothama ngemuva kokunqotshwa kwaso eMpini yaseMaqonqo, sinqotshwa nguMntwana uMpande.IMpi yaseMaqonqo yabe iphakathi kukaZulu ngaphansi kwaso iSilo uDingane, kanye noMntwana uMpande nabalandeli bakhe. * ISilo uMpande sizalwa uNdlunkulu wenkosi uSenzangakhona , uSongiya ka Ngotsha wakwaHlabisa eSigodlweni saseMlambongwenya. Ngamanye amagama iSilo uMpande sabe singuMshana kwaHlabisa, kuyileso sizathu phela iningi leziNduna zeSilo Mpande kanye nezeSilo uCetshwayo  zazingezakhona kwaHlabisa. IziNduna esingabala kuzo oMbopha ka Holizibi , uMahlukwana ka Mbopha, uLumbo ka Mbopha , uNkabanina ka Mbopha , uSonile ka Mbopha kanye nezinye. Iningi lalezi ziNduna lasala oNdini mhla uMntwana uZibhebhu eshobocisa iSigodlo seSilo uCetshwayo sasoNdini ngowe 1883, mhlaka 21 Ntulikazi . ISilo uMpande sasilamana noMntwana uNzibe kanye noMntwana uNtikili , kuNdlunkulu uSongiya .*Ake niyeke ukuntshontsha umsebenzi wami bakithi* UMntwana uNtikili wagana inkosi uMayanda ka Veyana yakwaMkhwanazi, wazala inkosi uSomkhele eyazala inkosi uMtubatuba. UMntwana uNzibe yena wasala eMpini yakwaSoshangane okuyiMpi eyabe iphakwe yiLembe ngowe 1828, okwathi uma ibuya yathola iLembe selikhotheme , lisocongwe ngabafowabo.

INgxabano phakathi kweSilo uDingane noMntwana uMpande ,1838.

Kuthiwa kwathi ngenkathi kuqubuke iMpi yaseNcome kwaba khona ukungaboni ngaso linye phakathi kweSilo uDingane noMntwana uMpande. Kuthiwa ingxabano yabo yadalwa ukwenqaba koMntwana uMpande ukudedela iButho uHlomendlini ukuba liyokwelekela eMpijni yaseNcome , okuyiMpi eyabe iphakathi kukaZulu ngaphansi kweSilo uDingane kanye namaBhunu ka Ngalonkulu(Andries Pretorious ). Kuthiwa sathukuthela sathelwa ngamanzi iSilo uDingane uma sizwa ukuthi uMntwana wenqabile noHlomendlini. Ingxabano yabo yaholela ekutheni uMntwana uMpande awelele emaBhunwini , ayokhosela. Kwathi ngowe 1840 kwaqubuka iMpi enkulu phakathi kweSilo uDingane noMntwana uMpande, leyo Mpi yaziwa ngokuthi yiMpi yaseMaqonqo. AMaqonqo kuthiwa yizintaba ezimbili ezengemele uMfula uPhongolo.Le Mpi yalwa ngoMasingana 1840.IMpi yoMntwana uMpande kuthiwa yabe ibandakanya namaBhunu.  KuleMpi yaseMaqonqo uMntwana uMpande wawudla umhlanganiso ,kwaba wukuhlala kwakhe eSihlalweni soBukhosi. Esebusa wabutha amaButho amaningi esingabala kuwo iNdaba ka Wombe eyabuthwa ngo1841, uDlambedlu \uMdlenevu owabuthwa ngo1843(lwalukhona uDlambedlu lweSilo uShaka, lwalukhona futhi nolweSilo uDingane), uMkhuze owabuthwa ngo1845, uThulwana olwabuthwa ngo1854 , uMbonambi owabuthwa ngo1863. ISilo uCetshwayo kanye nabanye aBantwana sasisebuthweni loThulwana elalibuye laziwe ngaMamboza. UMntwana uNdabuko yena wayebuthelwe kuMbonambi owaholwa nguMankulumana eSandlwana .*Ngo1856 kwaqubuka iMpi phakathi kwaBantwana beSilo uMpande oCesthwayo kanye noMbuyazwe eNdondakusuka ngasoThukela. Kwakubangwa bona uBukhosi. LeMpi yalwa mhlaka 2 Zibandlela 1856. UMntwana uCetshwayo wawudla umhlanganiso kuleMpi.Abalandeli boMntwana uCetshwayo  babezibiza ngoSuthu,aboMntwana uMbuyazwe bona babezibiza ngeZigqoza.  ISilo uMpande  sabusa kusukeka ngawo owezi 1840 kwaze kwaba unyaka ka 1872. Sakhothama mhlaka 18 kuMfumfu(Okthoba) 1872. Salandelwa yiNdodana yaso uMntwana uCetshwayo , owalwa namaNgisi eSandlwana , wawehlula, ngo1879 , mhlaka 22 Masingana.ISilo uMpande sakha iSigodlo saso sakwaNodwengu, lapho sekuyiDolobha lasoLundi khona namuhla.

Khumu!

Izibongo zeSilo uMpande

 

INyosi : uMagolwana kaMkhathini Jiyane

UMsimude!

Owavela ngesiluba

Phakathi kwamaNgisi namaQadasi

INkonjane edukel’ezulwini

Unowela muva wawoShaka

Mdayi sabela kweliphesheya

Izalukazi ziyosala emanxiweni

Amaxhegu ayosala emizileni

ISikhukhulane sikaNdaba

Esikhukhul’omame sabetshatha

Saze sababeka ezinkwazini zemifula

EZinkwazini zoThukela

UNdaba uwele ngelasoDlokweni

UGagangamanzi angawesi mlomo

Amanz’odw’azosal’ebabaza

Izimvubu zayikhex’imilomo

Izingwenya zaphephel’ezintabeni

UMnguni wahlala phansi

Wavumis’izindaba ezinkulu

Ezikhulunywa kubo kwaMalandela

Wakhand’izihlangu

Wazikhandel’enkamangweni

Wakh’izindlu ngezinzala zotshani

Wakh’amaguma ngomsingizana

Wabuz’iMpofana neNdaka

Wath’uMzinyathi

Ngiyowubuza phambili koSilevu

Wathukuthela phakathi kwezinyanga ezimbili

Phakathi kukaNhlangula noNhlangulana

Wayophuma phakathi kweDlinza neShowe

Iziqu zemithi zabheka phezulu

Waphuma phakathi kukaMphehlela

noMaqhwakazi

Iziqu zemithi zabheka phezulu

INkwenkwezi kaNdaba

Ephume izilwane zabikelana

Kubikelane iKhwezi neSilimela

Gijimani ngazo zonke izindlela

Niyobikela uMaphitha noTokotoko

Nithi impi kayibizwa yithi

Nithi ibizwa nguMadela

Ngowakithi kwaMalandela

Wadel’izinkomo

Wazinik’amadoda

Wathi yiwona ayomhlabanela

Wathi ayihlathi lokuphephela

Wathi linjengelaseDlokweni

Wathi lingubaba lingumama

Wathi linguNongogo

Ngeqand’elilodwana

NgelekokaNgontsha

INtonga yethusi

Eyasala kweziny’izinduku

Abakithi ngibasolile

INkosi yakithi kabayitshelanga izibuko

Bayiweze ngelezimvubu nelezingwenya

Isikhoth’esish’eThokazi

Kwaze kwash’eesiseGudunkomo

IZulu elidume phezu kwaMaqongq’omabili

Laduma lazithath’izihlangu zoMbelebele

Lazithath’izihlangu zikaBulawayo

Lazithath’izihlangu zeZinyosi

Lazithath’izihlangu zoDlambedlu

Lazithath’izihlangu zikaNodayana

Lazithath’izihlangu zoMgumanqa

INhlehlanyovane kaNdaba*

Ihlehlele futhi ngoBulawayo

Ihlehlel’izinkomo zamaSwazi

Lalelani lowo muntu omemezayo

Umemeza sengathi uyakhala

Sengathi ukhal’isililo

UMalambule benoSidubelo

BenoNina kaPhenduka

Bamemeze behlez’eMfihlweni

Bathi godl’ekhwapheni

Lukhozi lukaNdaba olumaphikw’abanzi

Lufulel’uSomahhashi koFabase

Lufulel’uNdengezi ezalwa nguMayibuka

Nkomo zay’eHluhluwe zabuyelela

Zabuya sezinembali yamazwi

Nkomo zakhuphuka zithwel’iNingizimu

Nangezimpondo

Ziyabuya sezithwel’iNyakatho nangezimpondo

Weza nezibhaxa ezimbili

Esinye sengathi singuNomampo

Esinye sengathi singuNoziqubu

Weza noMalambule kwabakaSobhuza

Weza noSidubeko kwabakaSobhuza

Weza noThekwane kwabakaSobhuza

Weza noMgidla kwabakaSobhuza

AmaSwazi akhawula ukumfunga uSomhlola

Ayihhulula imfibinga

Ngaphakathi kwaNodwengu

UMakhalimakhande njengezulu*

Lona limakhalima limandindizela

Isikhaphukhaphu singamanz’oMkhuze

UMkhuze siwuwele siwukhaphuza

Umfaki waMajomel’ezimpophomeni

Kuze kuse aMajomel’ebikelana nemiqhele

USongo lwensimbi yakoNdikidi

Elidl’uDambuza benoSikhombazana

Inzingelezi kaNdaba

Ngokuzingelezel’izinkomo zikaMswazi

kaSobhuza

Wazingeleza izinkomo zikaJobe kaGece

Umgwaqo wezinqola uMashishiliza

Umuntu ewulandela

Angaze afike kwaHlathikhulu

Uhlasele libalele koMleshe

Wahlasela libalele koFabase

Wahlasela libalele koSikwata

Wabhoboz’umthombo wemvula

Imvula sasingasakwazi ukuyibona

Kithi kwaMalandela

Utshwala bukaGologo

Babungaphuzwa muntu kwaMalandela

Babuphuzwa yimihlambi yezinyamzane

Usibasa ndleleni kwabemukayo nabahleziyo*

Bathi abahleziyo

Yikhona bezosala besokh’umlilo

Umhlane kaMmama

Hamba simuke

Siqonde kweliphesheya

Laph’abantu bakhona

Bnagangemihlambi yezinyamazane

Indab’engiyizwe ngiphesheya

Bathi nakwaMalandela

Izwe limangqephungqephu

Eminy’imithwalo iqonde kwaVuma

Eminye iqonde kwaNyawo

Imamba ebamba izinhla

Yenyus’iVuna

Imihlambi yamaduna yagugudeka

Kugugudeke ezawoTokotoko

Kwagugudeka ezawoMaphitha

Owadl’izinkomo zawoPhalane zonkana

EzoMbelebele zamuka nomoya

Usibamba siyaphula siliBhubesi

Isihlahla sentshungu sombhelebhele

Sigawulwe nguKlwana

WaseMbongombongweni

Amazembe anqundekile

UMzingeli kadinwa lihawu

Ingan’abadala libadinile

Ube ngumsingi wasenhla

Engumsingi wasezansi

INtakansinsi kaNdaba

Okade kwasa besisitheka

Abakithi kwaZulu

Izinkomo zayithwala imilomo

Zaqonda eSibubulungu

Usimayedwa njengelanga

Lona limi lodwa ezulwini

Usanda sithebeni njengensonyama

Umhlophe ophandlayo

Kithi kwaNodwengu

INkonyane kaNdaba

Eyakhula zeyizonda

Njengesixhumo enyamazane

Isimemezane!

Simenyezwe ngamaSwazi

Athi zaphela izinkomo zikaMswazi

Azinqum’amashoba

Azibon’ukugeza

UMpande kazithand’izinkomo

Ezilotshwe ngencwadi

Ngoba izinkomo

Ezinencwadi ngezamaBhunu

Ubesaqonde kwezikaSomcuba

Uthe engakagezi nokugeza

Esahlezi noNongalaza noSondada

Wasethatha isihlangu

Esihloma umgobo

Ngoba yiNkosi yakosihlangu

Khawuleza nkuna kaNdaba

Uzoyifica imizi emaphethelweni

NgeyawoDambuza kaNtombela

NgeyawoNdlela kaSompisi

Ungabafumanisa behlezi endlini

Besakhe izithanga

Uwufake entombini

Uwufake endodeni

Kuyaya kwaHlathikhulu sekulushongolo

UMdayi ubalekel’unya

LwakwaNtuli nolwakwaNtombela

Ababulal’umuzi kaNdaba

Bathi bawunikiwe

Bawunikwe nguMageba

UMakhalima khande onjengezulu*

USomnandi kaNdaba

Woza ngange

Umlomo uyangiwa

Kithi kwaMalandela

Othukuthele wawela uBhalule

Ngemvula yezinyembezi

Enqonde enqabeni kaSikwata kubeSuthu

 

**ULibinda Nkosi

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo