Nina abakaZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! #ISilo uMdlokombane leso. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade ngathemba basaphila abeSilo. Cha, thina sisaphila eMantungweni
*UMkhwinini*
Nina beSilo le Nduku eniyibonayo iNduku cishe esiyaziyo sonke. Abantu bavamise ukuyitshala emakhaya , ihlobise ikhaya. Le Nduku igama layo kuthiwa uMkhwinini,noma uKhwinini. Inezinhlobo ezimbili, kukhona eqhakaza imbali emhlophe kanye neqhakaza imbali ebomvu. Zombili zenza umsebenzi ofanayo. *Le Nduku oSosayensi bayiza nge Catheranthus roseus. Idume kakhulu ngelika Madagascar periwinkle. AmaPutukezi won ayibiza nge Beijo da molata. Impande yale Nduku nina beSilo yinhle kakhulu ekwelapheni izifo ezimbadlwana. Yinhle kakhulu uma uphethwe yizinyo . Iye igxotshwe bese iyabiliswa, bese kuxubha umuntu ophethwe yizinyo. Ikhipha isilwane ezinyweni ngokuphazima kweHlo. Kanti yona futhi impande yinhle uma uwumuntu okhathazwa yiPhika. Ugxoba yona impande , bese uyayibilisa wenze iSiphungo esiphuzwa iNgilazana nje elingene, siphuzwa umuntu ovukwe yiPhika. IPhika liyingozi nina beSilo liyabulala , ikakhulukazi uma kungelobuthakathi. Lesi Siphungo siphinde sibe sihle nasekwehliseni iNhlungwane emzimbeni, phecelezi i-acid. Sihle futhi nasekulawuleni umfutho wegazi(Blood Pressure), siyawehlisa uma uphakeme kakhulu, siyawenyusa uma uphansi kakhulu. Sihle futhi naseSiswini esijuqayo , isisu sithula khona manjalo ngale Nduku . Lesi Siphungo siphinde sibe sihle nasekwehliseni uShukela , sihle futhi nasekwelapheni ama-Ulcer.Kuthiwa lo muthi uma utshalwe ekhaya wenza ikhaya lithandeke futhi libe nesithunzi.
Khumu!
Niphile nina beSilo. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande…