Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngoQeduhlobo (ISizukulwane/UMuzi owawulapha wayangaphi)

UQeduhlobo/ISizukulwane/UMuzi owawulapha wayangaphi   Nina beNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi. UMudli weNguyazana eyedwa kwaNolele. UMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose! Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi , ngethemba basaphila abeSilo. Lesi sithelo enisibona esesithombeni isithelo somuthi okuthiwa uQeduhlobo . UQeduhlobo ubuye waziwe ngokuthi ISizukulwane noma uMuzi owawulapha wayangaphi. Le sithelo sikaQeduhlobo siwumuthi wokuphindisa . Siyingozi kakhulu ekuphindiseni , sishaya sibhuqe wonke umndeni walowo muntu osuke egangile , enze ... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uDube ka Silwane yaseMaqadini{kwaNgcobo}

Umlando ngenkosi uDube ka Silwane yamaQadi Inkosi uDube ka Silwane yabaseMaqadini yabusa ngesikhathi sokubusa kweziNgonyama oShaka noDingane. AmaQadi ayindlu yakwaNgcobo , baphuma kuNgothoma ka Dingile ka Ngcobo ka Vumizitha {esimazi kakhulu ngelikaVumezitha}. Uma uMnumzane eganwe yisithembu , inkos... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMganu/uBaganiselwa/ uNoganisela\Marula/Sclerocarya birrea

UMganu /Marula/Sclerocarya birrea Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela, ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda🙌🏾 Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi. Lo muthi osesithombeni kuthiwa uMganu ngesiZulu, udume kakhulu ngeleMarula. Ubuye waziwe ngoBaganiselwa. Umuthi waseAfrika lona owenza izinto eziningi. Izithelo zawo ezibizwa ngaMaganu kwenziwa ngazo uTshwala besiLungu . Lo muthi ngokolimi loSodayensi ubizwa ngokuthi i”Sclerocarya birrea. NgesiSuthu kuthiwa i-Morula . NgesiTsonga ubizwa ngeKanyi ,kanti ngesiVenda kuthiwa u’Mufula’. Zimbili izinhlobo zoMganu,futhi zombili zikhula zibe zinde impela kangangokuthi zingafinyelela kumaMitha angamashumi amabili(20). UMganu wokuqala uthela izithelo ezingaphezudlwana kwamaThunduluka. Lezi zithelo ziba luhlaza uma zingakavuthwa, uma sezivuthiwe ziyawuguqula  umbala kancane ucishe ube Phuzi . Lezi zithelo ziyadliwa,zimuncwana uma uzidla . Yizona kanye okwenziwa ngazo uTshwala besiLungu(igama ngizoligodla). Kanti nabantu abansundu benza ngazo uTshwala, ababubiza ngokuthi “wuTshwala bamaganu. UMganu wesibili uthela izithelo ezinombala oluhlaza uma zingakavuthwa, uma sezivuthiwe ziyawuguqula umbala ube bomvu. Lezi zithelo zincane kakhulu uma uziqathanisa nezoMganu wokuqala. Lolu hlobo

read more

Incazelo ngeDelele (iGusha/Okra )

IDelele/iGusha /iOkra. Nina bakaTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela, babuphuzwa imihlambi yezinyamazane Le sitshalo enisibona esithombeni sibizwa ngokuthi “iGusha” ngesiSwati . NgesiNdebele sakwaMthwakazi kuthiwa “iDelele”. NgesiLungu sibizwa ngeOkra. Lesi sitshalo asinalo igama lesiZulu lesiZulu, kwazise abantu bakwaZulu abasikhonzile,kanti abanye abasazi nokusazi. Siyadliwa lesi sitshalo , sidliwa njengeSishebo,sidliwa ngePapa. Uma upheaka iDelele akufanele ulibhubhudlele uSawoti uma ngoba lokho kuwukuliqeda amandla. USawoti ufakwa kancane.  Zimbili izinhlobo zeDelele/iGusha. Kukhona inhlobo etshalwayo . Bese kuba khona inhlobo emila endle, leyo nhlobo abantu bakwaMthwakazi bayibiza ngokuthi “iDelele lamahlamvu” . Ukunambitheka kwalezi zinhlobo kuyefana ,kanti nemisebenzi nayo iyefana. IDelele/iGusha liba lula kabi uma selivuthiwe,futhi kuba lukhuni ukulisheba ngePapa esitsheni ngenxa yobulula balo,kangangokuthi abanye baze bakhethe ukuliphuza. Bayalincoma oDokotela , bathi lilawula uShukela neAsidi kumuntu. Phecelezi” it stabilize blood sugar and acid in a human’s body” . Kanti lihle kakhulu uma uwumuntu onenkinga yokungayi ngaPhandle(ukuyozikhulula). Phecelezi “constipation problems”. Bathi livula yonke imigudu evalekile ngaphakathi, lenze nendle ibe

read more

Incazelo ngesilwane iMfene️ 

Incazelo ngesilwane iMfene Nina bakaMashikizela ashiye impi yakhe.INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe.UMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo.Ngethemba ukuthi basaphila kumagumbi amane omhlaba. IMfene IMfene yisilwane esitholakala ehlathini ikakhulukazi ezindaweni ezinezintaba. Kuthiwa ziningi izinhlobo zeziMfene,kukhona iMonkey esiyazi ngekeNkawu, kukhona iChimpanzee, kukhona iYellow Baboon,kukhona iGuinea Baboon, kukhona,kukhona iChacma Baboon,iOlive Baboon, kukhona iKinda Baboon kanye nezinye izinhlobo eziningi.Lena etholakala lapha eNiningizimu Afrika kuthiwa iChacma Baboon,iyatholakala kulo lonke eleAfrika esemazansi. Kunenkolelo ethi abantu abansundu bathakatha ngayo iMfene, leyo nkolelo ithi bayayifuya emakhaya beyifuyela ukuyithuma ukuba iyogila ubusokoco emizini yabantu.IMfene iyisilwane esihlakaniphile futhi esingakhohlwa, asingamlabali umuntu owake wacisha wasenza isilo sengubo ngaphambilini. Phela ziyaxaka iziMfene emasimini, zintshontsha ummbila.IMfene yenduna kuthiwa iKhonde, eyensikazi noma eyesifazane kuthiwa uMathananazana. Abantu bakwaZulu bayihloniphisa ngokuyibiza ngeMbuzimawa.Uma emndeni kukhona umuntu omdala onegama elithinta iMfene, abaKoti bakulowo muzi abalokothi balithinte igama leMfene uma bexoxa ngayo. Bathinta elokuyihlonipha,elithi iMbuzimawa. Ekwelapheni Ubuchopho beMfene bungena emibhemisweni ebhenyiswa ingane enenkinga yokukhohlwa

Lalela izithakazelo zamaMbatha👂🏾👇🏾

Lalela izithakazelo zamaMbatha👂🏾👇🏾

read more

Lalela izithakazelo zakwaMpungose👂🏾👇🏾

Lalela izithakazelo zakwaMpungose👂🏾👇🏾

read more

Incazelo ngoMviyo (uMtulwa,Wild medlar)

Incazelo ngoMviyo  (uMtulwa,Wild medlar) Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo.Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye zifofa uMdlebe.USela lintongande lawoBaleka elithabathe umshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni.Ngethemba zisaphila iziNgabade.Esithombeni nina beSilo uMviyo obuye waziwe ngoMtulwa.Siyazazi izithelo zawo ezibizwa ngokuthi amaViyo noma amaTulwa ngoba ziyadliwa ekwaluseni. Wenzani uMviyo UMviyo muhle kakhulu ekulweni kodwa awunakiwe.Kuye kusetshenziswe izimpande kule nduku.Ziyalwa kakhulu izimpande zoMviyo.Muhle uMviyo ekugezeni aManzamnyama.Muhle uMviyo ekulweni namaphupho amabi.Muhle nakuMabutho athunywa ukuyolwa.UMviyo uyangena kwezophalaza,kwezokugquma,kwiZikhafulo,kwezokukhotha,kanye nakwezokugeza.Unamandla kakhulu ekulweni.Muhle nasemithini emhlophe yenhlanhla kwazise vele ungena njengenduku ezokulwa nakho konke okubi.Muhle uma uzowuqhatha nezinduku ezifana noQhume,uVumakubangoma omhlophe,iNhlanhlemhlophe,uVelabahleke kanye neminye imithi.Muhle nasezindukwini zamaSoka.Unamandla kakhulu uMviyo nakwezokucija uBhoko lweSisu.Unamandla impela nakuleyo ndawo.Ubuye ube yintelezi uMviyo.Uyangena kwezokuchela izinduku zoMngangela,kwezaMabhande,kwezokuqina njalo njalo.Muhle nakumaGobongo ikakhulukazi eloMndiki neloMndawe.Endulo uMviyo kwakuqiniswa ngawo impi uma izophuma iyohlasela.UMviyo ubuye uphuziswe imfuyo ukuze ikhuluphale.UMviyo ongeminye yemithi enamandla ekubulaleni amagciwane angaphakathi ushise nezilonda ezingaphakathi nezingaphandle ingakho unamandla kwezokucija uBhoko lweSisu.Impuphu yezimpande zoMviyo

read more

Incazelo ngeMfeyenkawu️

    Incazelo ngeMfeyenkawu  (uhlobo lwePhakama)  Nina abakaSomnandi ka Ndaba woza nagnge umlomo uyangiwa kithi kwaZulu.UNowelamuva wawoShaka,uMdayi sabela kweliphesheya.UZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni.ISilo sakithi kwaNodwengu leso iSilo uMpande ka Senzangakhona.Nanti iPhakama elibizwa ngokuthi iMfeyenkawu.Uma kukhulunywa nagamaPhakama kusuke kushiwo izihlahlana ezimila phezu kwezihlahla ezinkulu.KwezaMakhathakhatha umsebenzi wePhakama wukuphakamisa eminye imithi,noma ukuyiphama amandla.IPhakama liyaliphakamisa nedlozi. Yenzani iMfeyenkawu IMfeyenkawu yinhle kakhulu eMagobongweni,ikakhulukazi kweloMndiki neloMndawe.IMfe yenkawu iyangena futhi nakwezenhlanhla,izinduku ezimhlophe,ikhuphula amandla ezinye izinduku.AmaSoka ayikhonze kabi iMfe yenkawu,akhuphula ngayo amandla eNduku yawo emhlophe yokuphalazela ubusoka.Kanti futhi iMfeyenkawu ibuye ibe yintelezi, ingena kwezokuchela ekhaya ,ukuxosha imimoya emibi.Abanye bayayitshala ekhaya ukuze ivimbe abasokoco ukuba  bengangeni ekhaya. Iyakhiwa ehlathini, bese ibekwa nje endaweni ephakeme ikakhulukazi phezu kwesihlahla.Noma yenzelwe isigxobo esinezimbaxa ngaphezulu ukuze ihlale kahle.Abanye bayibeka esibayeni ukuze ivikele izinkomo ezilwaneni zabasokoco.IMfeyenkawu iyangena naseZikhafulweni,iyangena futhi nasembizeni ephuzwa insizwa enenkinga yokungabatholi abantwana. ye iqhathwe noDlutshani,uMdubu kanye neminye imithi. Khumu! Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”uthole ulwazi oluthe

read more

Dlamini-Malandela

AbakwaDlamini-Malandela. Isibongo sakwaDlamini singesinye sezibongo ezinkulu kakhulu kuleli  leNgabade , kanye nakuyo yonke iAfrika esemazansi. Lesi sibongo siyatholakala lapha kwelakwaZulu, siyatholakala eSwazini (okuyilapho sinobukhosi baso obukhulu khona), siyatholalaka naseNingizimu yezwe laseZ... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!