Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngoQeduhlobo/ISizukulwane/UMuzi owawulapha wayangaphi

UQeduhlobo/ISizukulwane/UMuzi owawulapha wayangaphi   Nina beNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi. UMudli weNguyazana eyedwa kwaNolele. UMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose! Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi , ngethemba basaphila abeSilo. Lesi sithelo enisibona esesithombeni isithelo somuthi okuthiwa uQeduhlobo . UQeduhlobo ubuye waziwe ngokuthi ISizukulwane noma uMuzi owawulapha wayangaphi. Le sithelo sikaQeduhlobo siwumuthi wokuphindisa . Siyingozi kakhulu ekuphindiseni , sishaya sibhuqe wonke umndeni walowo muntu osuke egangile , enze ... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uDube ka Silwane yaseMaqadini{kwaNgcobo}

Umlando ngenkosi uDube ka Silwane yamaQadi Inkosi uDube ka Silwane yabaseMaqadini yabusa ngesikhathi sokubusa kweziNgonyama oShaka noDingane. AmaQadi ayindlu yakwaNgcobo , baphuma kuNgothoma ka Dingile ka Ngcobo ka Vumizitha {esimazi kakhulu ngelikaVumezitha}. Uma uMnumzane eganwe yisithembu , inkos... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMganu/uBaganiselwa/ uNoganisela\Marula/Sclerocarya birrea

UMganu /Marula/Sclerocarya birrea Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela, ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda🙌🏾 Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi. Lo muthi osesithombeni kuthiwa uMganu ngesiZulu, udume kakhulu ngeleMarula. Ubuye waziwe ngoBaganiselwa. Umuthi waseAfrika lona owenza izinto eziningi. Izithelo zawo ezibizwa ngaMaganu kwenziwa ngazo uTshwala besiLungu . Lo muthi ngokolimi loSodayensi ubizwa ngokuthi i”Sclerocarya birrea. NgesiSuthu kuthiwa i-Morula . NgesiTsonga ubizwa ngeKanyi ,kanti ngesiVenda kuthiwa u’Mufula’. Zimbili izinhlobo zoMganu,futhi zombili zikhula zibe zinde impela kangangokuthi zingafinyelela kumaMitha angamashumi amabili(20). UMganu wokuqala uthela izithelo ezingaphezudlwana kwamaThunduluka. Lezi zithelo ziba luhlaza uma zingakavuthwa, uma sezivuthiwe ziyawuguqula  umbala kancane ucishe ube Phuzi . Lezi zithelo ziyadliwa,zimuncwana uma uzidla . Yizona kanye okwenziwa ngazo uTshwala besiLungu(igama ngizoligodla). Kanti nabantu abansundu benza ngazo uTshwala, ababubiza ngokuthi “wuTshwala bamaganu. UMganu wesibili uthela izithelo ezinombala oluhlaza uma zingakavuthwa, uma sezivuthiwe ziyawuguqula umbala ube bomvu. Lezi zithelo zincane kakhulu uma uziqathanisa nezoMganu wokuqala. Lolu hlobo

read more

Incazelo ngeDelele /iGusha/Okra 🖋️👇🏾

IDelele/iGusha /iOkra. Nina bakaTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela, babuphuzwa imihlambi yezinyamazane🙌🏾 Le sitshalo enisibona esithombeni sibizwa ngokuthi “iGusha” ngesiSwati . NgesiNdebele sakwaMthwakazi kuthiwa “iDelele”. NgesiLungu sibizwa ngeOkra. Lesi sitshalo asinalo igama lesiZulu lesiZulu, kwazise abantu bakwaZulu abasikhonzile,kanti abanye abasazi nokusazi. Siyadliwa lesi sitshalo , sidliwa njengeSishebo,sidliwa ngePapa. Uma upheaka iDelele akufanele ulibhubhudlele uSawoti uma ngoba lokho kuwukuliqeda amandla. USawoti ufakwa kancane.  Zimbili izinhlobo zeDelele/iGusha. Kukhona inhlobo etshalwayo . Bese kuba khona inhlobo emila endle, leyo nhlobo abantu bakwaMthwakazi bayibiza ngokuthi “iDelele lamahlamvu” . Ukunambitheka kwalezi zinhlobo kuyefana ,kanti nemisebenzi nayo iyefana. IDelele/iGusha liba lula kabi uma selivuthiwe,futhi kuba lukhuni ukulisheba ngePapa esitsheni ngenxa yobulula balo,kangangokuthi abanye baze bakhethe ukuliphuza. Bayalincoma oDokotela , bathi lilawula uShukela neAsidi kumuntu. Phecelezi” it stabilize blood sugar and acid in a human’s body” . Kanti lihle kakhulu uma uwumuntu onenkinga yokungayi ngaPhandle(ukuyozikhulula). Phecelezi “constipation problems”. Bathi livula yonke imigudu evalekile ngaphakathi, lenze nendle ibe

read more

Incazelo ngesilwane iMfene🖋️👇🏾 

Incazelo ngesilwane iMfene🖋️👇🏾 21 January 2023 IMfene/ Baboon: Nina bakaMashikizela ashiye impi yakhe ! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe🙌🏾 Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo. Ngethemba ukuthi basaphila kumagumbi amane omhlaba. IMfene yisilwane esitholakala ehlathini ,ikakhulukazi ezindaweni ezinezintaba. Kuthiwa ziningi izinhlobo zeziMfene, kukhona iMonkey esiyazi ngekeNkawu, kukhona iChimpanzee, kukhona iYellow Baboon, kukhona iGuinea Baboon, kukhona,kukhona iChacma Baboon, iOlive Baboon, kukhona iKinda Baboon kanye nezinye izinhlobo eziningi . Lena etholakala lapha eNiningizimu Afrika kuthiwa iChacma Baboon, iyatholakala kulo lonke eleAfrika esemazansi. Kunenkolelo ethi abantu abansundu bathakatha ngayo iMfene, leyo nkolelo ithi bayayifuya emakhaya beyifuyela ukuyithuma ukuba iyogila ubusokoco emizini yabantu. IMfene iyisilwane esihlakaniphile futhi esingakhohlwa, asingamlabali umuntu owake wacisha wasenza isilo sengubo ngaphambilini. Phela ziyaxaka iziMfene emasimini, zintshontsha ummbila . IMfene yenduna kuthiwa iKhonde, eyensikazi noma eyesifazane kuthiwa uMathananazana. Abantu bakwaZulu bayihloniphisa ngokuyibiza ngeMbuzimawa. Uma emndeni kukhona umuntu omdala onegama elithinta iMfene, abaKoti bakulowo muzi abalokothi balithinte igama leMfene uma bexoxa

Incazelo ngoMaphipha oyiKhubalo(Cape Beech)🖋️👇🏾

Incazelo ngoMaphipha oyiKhubalo(Cape Beech)🖋️👇🏾 UMaphipha/ CapeBeech/Rapaneu melanophloeos/Boekenhout Nina bakaSingquma kakhulumi kanamlomo, akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo ,lona olwaluqed’umuzi ngokunkenkeza🙌🏾 Ngiyayibingelela iNgabade enhla nasezansi. Lo muthi osesithombeni kuthiwa uMaphipha igama lawo, ubuye ubizwe ngeSiqalaba noma ngeKhubalwana. NgesiSwati kuthiwa iGcolo noma uDzilidzili. KwaXhosa ubizwa ngeSiqwane sehlathi. NgesiLungu ubizwa ngeCape Beech,kanti ngesiBhunu kuthiwa Boekenhout. OSosayensi bona bawubiza ngeRapaneu melanophloeos. IKhubalo elihle kakhulu leli ,elingena ezindaweni eziningana. Babili oMaphipha, kukhona lona uyiKhubalo, bese kuba khona noyiNtelezi ongena kakhulu kwezokuchela . UMaphipha oyiKhubalo uyaphipha njengoba negama nalo lichaza. Kusebenza kakhulu ixolo kulo muthi. Angikaze ngizwe kuthiwa impande yawo iyasebenza. Ngike ngizwe kuthiwa namacembe nawo ayasebenza kodwa bengingakaze ngiwasebenzise. Kuthiwa ageza inxeba eselibolile ,kuthiwa abulala wonke amagciwane , izimpethu nokunye . Bathi a-“Anti-bacterial” (phecelezi). Bathi nesithelo naso uma usidla sibulala izilonda ezingaphakathi emuntwini. *Engikwaziyo ngoMaphapha wukuthi uwumuthi omuhle wesichitho . Uwumuthi omuhle wezinduna. Uwumuthi omuhle wokugeza igazi, wenze umuntu athandeke  . Uyangena futhi nasemithini yokulungisa iDlozi, ebeseliphenduliwe,liphendulwa abathakathi.

read more

Lalela izithakazelo zamaMbatha👂🏾👇🏾

Lalela izithakazelo zamaMbatha👂🏾👇🏾

read more

Lalela izithakazelo zakwaMpungose👂🏾👇🏾

Lalela izithakazelo zakwaMpungose👂🏾👇🏾

read more

Incazelo ngoMviyo/uMtulwa/ Wild medlar🖋️👇🏾

UMviyo: Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo🙌🏾 Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade . Ngethemba isaphila onyakeni osemusha. Lo muthi eniwubona esithombeni igama lawo kuthiwa u’Mviyo” . Lo muthi ubuye ubizwe ngo’Mtulwa’ ngaso futhi isiZulu. NgesiLungu kuthiwa i-‘Wild medlar’. NgesiTswana kuthiwa u’Mmilo’.  Kuthiwa u’ Mothwanye’ ngesiSuthu. Ngolumi lwesiVenda kuthiwa u’Mpfilwa’. UMviyo umuthi othela izithelo ezimnandi kakhulu ,ezibizwa ngokuthi “amaViyo”,noma ‘amaTulo’ ,noma ‘amaTulwana’ . Ziluhlaza ngombala uma zingakavuthwa, uma sezivuthiwe ziyawuguqula umbala zibe nsundu. Zimnandi zehla esiphundu. Abafana abelusayo bazikhonze kabi. UMviyo muhle kabi kwezendabuko. Izimpande zoMviyo ziyaphalaza, ziwumuthi olwa kakhulu uma uphalaza. Zingena emithini eMhlophe ,imithi yeNhlanhla. Imithi esingabala kuyo oVelabahleke, uVumakubangoma omhlophe, uMtholo(uMafunazayithole), uQhume (uMfazothethayo) kanye neminye. Kulemithi uMviyo ungena njengomuthi uzokulwa, uzokhuphula amandla eminye imithi. AmaSoka awukhonze kabi uMviyo, kwazise vele imithi emhlophe yimithi esetshenziswa kakhulu ngamaSoka. UMviyo uyangena nasemaGobongweni ,eloMndiki neloMndawe . Bawukhonze kakhulu abaNgoma noThwasa . Endulo uMviyo kwakuqiniswa ngawo impi

read more

Incazelo ngeMfeyenkawu🖋️👇🏾

IMfe yeNkawu: Nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo uyangiwa kithi kwaZulu🙌🏾. Enhla nasezansi ngiyababingele abeSilo.  Lo muthi eniwubona esithombeni iPhakama elibizwa ngokuthi “iMfeyenkawu” . IPhakama ilezihlahlana ezimila phezu kwezihlahla ezinkulu. Lezo zihlahla zimandla kakhulu uma kuza ekwelapheni, zikhuphula amandla eNduku. Imvamisa yazo iba izintelezi, ezichelayo ziphinde zigeze . Ezinye zazo ziyaphalaza. IPhakama liye libizwe ngaso leso sihlahla elisuke limile kuso. Isibonelo iPhakama loMganu, iPhakama loMnyamathi, iPhakama leMinyela njalo njalo. IMfeyenkawu yona ibizwa ngeMfeyenkawu noma imile kusiphi isihlahla. IMfeyenkawu inhle kakhulu eMagobongweni, eloMndiki neloMndawe. Iphakamisa iDlozi. Iyangena futhi nakwezenhlanhla, ezimhlophe , ikhuphula amandla eNduku. AmaSoka ayikhonze kabi iMfeyenkawu , akhuphula ngayo amandla eNduku yawo emhlophe yokuphalazela ubusoka. Kanti futhi iMfeyenkawu ibuye ibe yiNtelezi, ingena kwezokuchela ekhaya ,ukuxosha imimoya emibi. Abanye bayagitshala ekhaya ukuze ivimbe abaSokoco ukuba  bengangeni ekhaya. Iyakhiwa ehlathini, bese ibekwa nje endaweni ephakeme ikakhulukazi phezu kwesihlahla . Noma yenzelwe isigxobo mhlawumbe ipali elinezimbaxa ngaphezulu ukuze ihlale kahle. Abanye

read more

error: Akuvumelekile lokho !!