Incazelo ngeMfeyenkawu️

 

IMfeyenkawu

 

Incazelo ngeMfeyenkawu  (uhlobo lwePhakama) 

Nina abakaSomnandi ka Ndaba woza nagnge umlomo uyangiwa kithi kwaZulu.UNowelamuva wawoShaka,uMdayi sabela kweliphesheya.UZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni.ISilo sakithi kwaNodwengu leso iSilo uMpande ka Senzangakhona.Nanti iPhakama elibizwa ngokuthi iMfeyenkawu.Uma kukhulunywa nagamaPhakama kusuke kushiwo izihlahlana ezimila phezu kwezihlahla ezinkulu.KwezaMakhathakhatha umsebenzi wePhakama wukuphakamisa eminye imithi,noma ukuyiphama amandla.IPhakama liyaliphakamisa nedlozi.

Yenzani iMfeyenkawu

IMfeyenkawu yinhle kakhulu eMagobongweni,ikakhulukazi kweloMndiki neloMndawe.IMfe yenkawu iyangena futhi nakwezenhlanhla,izinduku ezimhlophe,ikhuphula amandla ezinye izinduku.AmaSoka ayikhonze kabi iMfe yenkawu,akhuphula ngayo amandla eNduku yawo emhlophe yokuphalazela ubusoka.Kanti futhi iMfeyenkawu ibuye ibe yintelezi, ingena kwezokuchela ekhaya ,ukuxosha imimoya emibi.Abanye bayayitshala ekhaya ukuze ivimbe abasokoco ukuba  bengangeni ekhaya. Iyakhiwa ehlathini, bese ibekwa nje endaweni ephakeme ikakhulukazi phezu kwesihlahla.Noma yenzelwe isigxobo esinezimbaxa ngaphezulu ukuze ihlale kahle.Abanye bayibeka esibayeni ukuze ivikele izinkomo ezilwaneni zabasokoco.IMfeyenkawu iyangena naseZikhafulweni,iyangena futhi nasembizeni ephuzwa insizwa enenkinga yokungabatholi abantwana. ye iqhathwe noDlutshani,uMdubu kanye neminye imithi.

Khumu!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”uthole ulwazi oluthe thuthu ngamakhambi.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo