Incazelo ngoMviyo (uMtulwa/ Wild medlar)

UMviyo:

Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo

Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade . Ngethemba isaphila onyakeni osemusha. Lo muthi eniwubona esithombeni igama lawo kuthiwa u’Mviyo” . Lo muthi ubuye ubizwe ngo’Mtulwa’ ngaso futhi isiZulu. NgesiLungu kuthiwa i-‘Wild medlar’. NgesiTswana kuthiwa u’Mmilo’.  Kuthiwa u’ Mothwanye’ ngesiSuthu. Ngolumi lwesiVenda kuthiwa u’Mpfilwa’. UMviyo umuthi othela izithelo ezimnandi kakhulu ,ezibizwa ngokuthi “amaViyo”,noma ‘amaTulo’ ,noma ‘amaTulwana’ . Ziluhlaza ngombala uma zingakavuthwa, uma sezivuthiwe ziyawuguqula umbala zibe nsundu. Zimnandi zehla esiphundu. Abafana abelusayo bazikhonze kabi.
UMviyo muhle kabi kwezendabuko. Izimpande zoMviyo ziyaphalaza, ziwumuthi olwa kakhulu uma uphalaza. Zingena emithini eMhlophe ,imithi yeNhlanhla. Imithi esingabala kuyo oVelabahleke, uVumakubangoma omhlophe, uMtholo(uMafunazayithole), uQhume (uMfazothethayo) kanye neminye. Kulemithi uMviyo ungena njengomuthi uzokulwa, uzokhuphula amandla eminye imithi. AmaSoka awukhonze kabi uMviyo, kwazise vele imithi emhlophe yimithi esetshenziswa kakhulu ngamaSoka. UMviyo uyangena nasemaGobongweni ,eloMndiki neloMndawe . Bawukhonze kakhulu abaNgoma noThwasa .
Endulo uMviyo kwakuqiniswa ngawo impi nxa izophuma iyohlasela. Wawuthakwa emithini yokuchela izikhali zamabutho, nakweyokuchela wona amabutho uqobo.Amabutho ayebuye ageze futhi nangawo.
Izingxabu zoMviyo ziwumuthi wemfuyo. Ziyagxotshwa ,zigxotshwe bese ziphuziswa izinkomo, izimbuzi ,izimvu njalo njalo. Ikhuluphala idabuke imfuyo ephuziswa izingxabu zoMviyo. Ukukhulupha kwayo kuyiholela ekwandeni,ngoba imitha njalo ngenxa yokunona. Izingxabu zoMviyo ziyasebenza emfuyweni zizodwa vo, zingaxutshiwe.


Ake ngime lapho nina beNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi ‘Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu ngamakhambi.

#Khumu!

UMviyo

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo