Dlamini-Malandela

AbakwaDlamini-Malandela.

Isibongo sakwaDlamini singesinye sezibongo ezinkulu kakhulu kuleli  leNgabade , kanye nakuyo yonke iAfrika esemazansi. Lesi sibongo siyatholakala lapha kwelakwaZulu, siyatholakala eSwazini (okuyilapho sinobukhosi baso obukhulu khona), siyatholalaka naseNingizimu yezwe laseZimbabwe, kwaMthwakazi. Ngokwezigaba zabaNguni lesi sibongo sakwaDlamini siwela esigabeni sabaMbo Nguni. Abantu bakwaDlamini -Malandela baphuma endlini yakwaDlamini eyaziwa ngokuthi eyakwaNyanya. Njengazo zonke izizwe zabaNguni, nabo abakwaDlamini kuthiwa imvelaphi yabo isenhla nezwe , nabo behla ngeSilulu belibangise kuleli laseAfrika esemazansi. Isibongo sakwaDlamini saqanjwa ngoKhokho wabantu bakwaDlamini, uDlamini wokuqala indodana ka Cebisa  . Kubantu bakwaDlamini kuphuma nezinye izibongo ,esingabala esakwaShabalala, esakwaNdwandwe, esakwaZondi, esakwaDlomo,esakwaMlangeni,  esakwaNtshalintshali, esakwaMavuso kanye nezinye eziningi . Kanti nakhona kwaDlamini kunezindlu eziningi kakhulu kakhulu ,kangangokuthi kuze kwehluke nezithakazelo ,kube sengathi akuhlotshenwe ,kanti qha, abantu bandawonye. Kukhona iNdlu yaMalangeni okuyiyona Ndlu enkulu, leNdlu yiyona ebusa eSwazini ,kubusa iNgwenyama uMswati wesithathu. Ezinye iziNdlu  eyaMazizi(Miya), eyaseMakhuzeni, eyakwaNyanya(oMalandela),  eyakwaBhidla, eyaseSiphahleni, eyakwaMnwana kanye nezinye . ODlamini beNdlu ka Nyanya yilaba abazithakazela ngoMalandela . Bayatholakala kuleli lakwaZulu. Kuthiwa le Ndlu yakwaNyanya ixebuka kweyaseSiphahleni,kuJama ka Soshenge. LeNdlu igqamisa kakhulu uNyanya noMalandela ezithakazelweni zayo.

Izithakazelo zayo zithi👇🏾.

-Nyanya
-Malandela
-Mfolozi emnyama iNkathabaweli
-AbakoNyanya abayiphuzi ngoba yafika nenkosi yabo.
-AbaneBhaxa abayiweli
-Babuyela kubo bayofuna isithole esimdaka
-Abayowela ngaso
-Soshenge
-Wena ka Somabika
-Ngokubikela amaShenge
-Ukuthi kuyadliwa kwaMandlakazi
-Manzayiwayo
-Malandela ka Soshenge
-Nqina
-Sokhele
-Khondlo
-Ndwandwe ka Sogidi
-Sogidi ka Ndaba
-Vundlela
-Ngqulu
-Shayinja
-Nhlokwana
-Awuqedwa Dlamini 🙌🏾

UNyanya lona wabe eyinkosi yabo oMalandela,kuthiwa wayeneSigodlo ngaseDlebe, eMahlabathini. Wayezalwa uSogidi ka Ndaba. Kuthiwa wayebusa ngesikhathi sokubusa kwenkosi uDingiswayo . Ngokusho kukaSomlando uBaba uMoses Ngcobo encwadini yakhe ethi “Qhude Manikiniki”, ekhasini lama 36, uthi inkosi uNyanya yakhothama ibulawa yiLembe ngenkathi lisekwaMthethwa. Kuthiwa labe lithunywe inkosi uDingiswayo ka Jobe yaBathethwa.
*Lo mlando ucashunwe encwani kaSomlando uSenzo Mbatha esihloko sithi ‘Ziphuma eGuleni” . Uma uyidinga le ncwadi ungaxhumana noMlobi, uyatholakala kuFacebook. UnguSenzo Maswidi Mbatha .

Ake sibelamanise oSoshenge

Kuthiwa uSoshenge wazala uJama ,owazala uMalandela, yena wazala uNdaba. UNdaba kuthiwa wazala uSogidi owayebuye aziwe ngelikaLuzumana. USogidi wazala uNyanya owayebuye aziwe ngelika Dunguzele, uSogidi wabuye wazala uSangotho, uNqina, uSokhele, uJeke, uKhondlo, noNdwandwe. Kuthiwa inkosi uNyanya yakhothama ingenayo ingane yomfana, omunye wabafowabo wabe esengena omunye wamakhosikazi ayo wazalela inkosi uNyanya indodana ogama layo kwakunguHhalimansi ,owayebuye azizwe ngelikaNzule . Yena-ke wazala uNqangi, uNqiwana noVundlela . Uzalo lukaHhalimansi luyatholakala eFilidi. UVundlela wazala uThole noNgqulu. UThole wazala uPhaphu owazala uKati, uShayinja, uMlayo, uMpompo, uNhlokwana, uXhegu kanye nabanye

#Khumu!

Thola ulwazi oluqoshiwe kuYou Tube wethu osihloko sithi ‘Kholo Khumalo TV”📺”

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo