Nina bakaNdaba omuhle kakhulu,uNdaba ngiyameba ngimuke naye ,ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe🙌🏾 Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi. Lesi sihlahla enisibona esithombeni kuthiwa iMoringa Tree. Asinalo igama lesiZulu. Lesi isihlahla esinconywa kakhulu ngoDokotela basemhlabeni jikelele. Basithwele ngeQoma, bathi yisona esihamba phambili ekudambiseni amandla esifo sikaShukela phecelezi i-Diabetes ,ikakhulukazi lena ebizwa ngePre-Diabetes. Lona wumuthi owande lena kwelaseNdiya, nokuyilapho waqala khona. Uyatshalwa lomuthi, kepha uyazikhetha izindawo. Kwezinye izindawo uyakhula kahle , uthele nezithelo, kwezinye ufa usemncane. Lapha eNingizimu Afrika utholaka eLimpopo. Kusebenza amacembe kulomuthi. Bayawomisa, bagaye impuphu enombala oluhlaza ebizwa ngokuthi i-Moringa Powder. Le mpuphu iyatholakala nasezitolo ezinkulu. Le mpuphu isetshenziswa ukudambisa amandla esifo sikaShukela, inekeza amandla amaSotsha omzimba,phecelezi ‘it boost immune system.’ Idliwa nePhalishi elithambile , elingenawo ushukela. Noma ithelwe nje iNgilazini yamanzi, kugoqozwe, bese kuyaphuzwa. Noma ngithelwe eNgilazini yobisi, kuphuze lona okhathazwa isifo sikaShukela. Le mpuphu inhle kakhulu koBaba abangayitholi inzalo, abanenkinga yokuthamba kweNduku,noma ukuwa kwayo. Iqinisa
read moreListen to Leboko la Baphiring by Letswarelo👇🏿
read moreNina bakaMkhwamude wangisika isilevu, uNsungulo olude lwangithunga impumulo ISikholokotho. Lona wumuthi oletha izinhlanhla kubantu uma utshalwe egcekeni lekhaya. Uvimba izinyoka ukuba zingangeni ekhaya. Ubuye ungene nasembizeni yezikelemu. Kanti futhi uwumuthi omkhulu wokwelapha nezindlebe, kukhanyelwa umhluzi wamacembe awo ezindlebeni ezibuhlungu. Zimbili izinhlobo zalomuthi iSikholokotho, kukhona iSikholokotho sangaphandle kanye nesangaphakathi . Esangaphakathi sitshalwa ethinini ,bese sifakwa ngaphakathi endlini, nasemakamelweni imbala. Siletha izinhlanhla ngaphakathi endlini, sidonsa nomoya we-oxygen nokwenza ukuthi abantu abangaphakathi endlini baphefumule kahle, siwusizo kakhulu kwabaphila nesifo sokuxinana phecelezi Asthma. Sixosha yonke imimoya emibi ,esingaphakathi endlini. Bese kuba khona iSikholokotho sangaphandle. Esitshalwa egcekeni ekhaya, sivimba imimoya emibi ukuba engangeni ekhaya. Iphunga laso lizondwa izinyoka kakhulu. Inyoka ayisondeli lapho kutshalwe khona lo muthi. Uma ike yalihogela ivele ijike ibuyele emuva ingabe isangena ekhaya . Kuyileso sizathu lo muthi waziwa ngokuthi yi-Snake Plant ngesiLungu. Sibuye saziwe ngeMother in Law’s tongue, noma nge Sanseviera . Zombili izinhlobo zeSikholokotho ziyazihlosha izinyoka ekhaya, ziyelapha futhi nezindlebe
read more