Umlando ngenkosi uSomkhele ka Mayanda ,yaBakhwanazi *Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo* Abantu bakwaMkhwanazi endulo sibathola bakhe kwaDlangezwa eningizimu yomfula uMhlathuze . Enye ingxenye yabo yayakhe ngakwaMpukunyoni. Kulesi sizwe saBakhwanazi kwavelela amaqhawe amaningi. Elinye lalawo maqhawe yinkosi uSomkhele ka Mayanda . Inkosi uSomkhele yavelela kakhulu ngesikhathi seZilo oCetshwayo noDinuzulu. Yayibuthelwe ebuthweni laMamboza, ibuthwa yiSilo uMpande ngo1854. Ibutho laMamboza lalande aBantwana beSilo uMpande , kubandakanya noMntwana uCetshwayo . Leli butho lalibuye laziwe ngoThulwana, iningi lezinsizwa zaleli butho zazizalwe ngo1834. Uyise wenkosi uSomkhele inkosi uMayanda ka Veyana yena wabe engenye yezinduna zenkosi yaBathethwa , inkosi uDingiswayo ka Jobe. Wayehola ibutho lakhona kwaMthethwa elalaziwa ngokuthi yiNingizimu. Inkosi uMayanda yaganwa nguMntwana uNtikili ka Senzangakhona,nguyena owazala inkosi uSomkhele. UMntwana uNtikili wayezalwa uNdlunkulu wenkosi uSenzangakhona uSongiya ka Ngotsha wakwaHlabisa ,obuye abe unina weSilo uMpande ,naBantwana oNozicubu noNzibe. Inkosi uSomkhele yalwa ngokuzikhandla eSandlwana , empini yamaNgisi noZulu ,mhlaka 22 Masingana(January) 1879. UZulu wawudla umhlanganiso kulempi. Yabuye yaba yingxenye yamabutho
read more