Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Seteka

Umlando ngesibongo sakwaSeteka Nina beSilo ezweni laseLesotho kukhona abantu besibongo sakwaSeteka.Labo bantu kahle-hle bangabakwaMaseko.USeteka lona okwaqanjwa ngaye isibongo igama lakhe langempela nguSidinga indodana yenkosi uMgazi ka Khabangobe Maseko.Inkosi uMgazi yayiganwe uMntanenkosi uLambomb... qhubeka ufunde »

Khulu

Umlando ngesibongo sakwaKhulu Nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma!Ngethemba nisaphila nina beSilo.Esithombeni nguBaba uMoran Samora Khulu oyengumdlali webhola owadlelela neqembu elikhulu iKaizer Chiefs.UBaba uKhulu wayezalwe ngo1958 wedlula emhlabeni mhlaka 6 kuNcwaba 2008.Way... qhubeka ufunde »

Siwela

Umlando ngesibongo sakwaSiwela Nina abakaMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani?USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo!ISilo sakithi oSuthu leso,iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo.Ake sibheke umlando wabantu bakwaSiwela nina beSilo,ngamafuphi nje.... qhubeka ufunde »

Madlala

Umlando ngabantu bakwaMadlala UNjenje wazala,uSomagodla ozihasho zithi ‘Somagodla owagodla ingwe nengonyama’.Yena wazala,uSozabe owazala,uNengu noMajola.UNengu wazala uQoma owazala uZamisa,uZamisa wazala uGodongwana,uGodongwana wazala uMashaba.UMajola wazala uGaju owazala uNdlovu noMatom... qhubeka ufunde »

Sabela

Umlando ngesibongo sakwaSabela  Abantu bakwaSabela baphuma eMthandeni kubantu bakwaQwabe,umuntu abaphuma kuye kwaQwabe nguNomo indodana yenkosi uKhondlo ka Mncinci.UNomo kusengumuntu oyedwa noSomnomo.Kwahamba kwahamba uNomo wagcina esebizwa ngokuthi unguSabela. Amanye amadodana enkosi uKhondlo kwak... qhubeka ufunde »

Mathaba

Izithakazelo nomlando wakwaMathamba(AbaseMacambini)   Abantu bakwaMathaba ababuye baziwe ngokuthi bangabantu baseMacambini bangaMalala Nguni ngokwezigaba zabeNguni.Sibathola bakhe ngasemfudlaneni iNyalazi beholwa nguMathaba uqobo.Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi uMathaba ubukhosi bawela kwindla... qhubeka ufunde »

Langa

Izithakazelo nomlando wakwaLanga Lo mlando ucashunwe encwadini kaSolwazi esihloko sithi ‘Izizwe zamakhosi akwaZulu,uMqulu 3’. Abantu bakwaLanga bangamaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni.Laba bantu bakwaLanga bakanye nabantu bakwaKhanyile. Babuye bahlobane nesizwe sakwaMajola,Mchunu,Zulu,Qwabe,... qhubeka ufunde »

Luthuli

Izithakazelo nomlando wakwaLuthuli  Abantu bakwaLuthuli badatshulwa nguZakwe owazala uMavela yena wazala uLuthuli yena wazala uMadlanduna,uMadlanduna wayenamadodana amabili uNkomo noDole.Emandulo kuthiwa abantu bakwaLuthuli babengabantu besibongo esisodwa nabantu bakwaNgcolosi.Babakhelane nesiswe s... qhubeka ufunde »

Molefe

Umlando ngesibongo sakwaMolefe Abantu bakwaMolefe bangabeSuthu abangabaTlokwa.AbeSuthu bahlukaniswe izigatshana,kukhona abaKgatla,abaHurutsi,abaKwena,abaFokeng nabanye abaningi .Bonke abeSuthu baphuma kuBafokeng.AbaTlokwa baphuma kubaKgatla nabo abaKgatla bephuma kubaHurutsi,abaHurutsi bephuma kubaF... qhubeka ufunde »

Mncwabe

Izithakazelo nomlando wakwaMncwabe Lo mlando ucashunwe encwadini ka Senzo Maswidi Mbatha esihloko sithi’Ziphuma eguleni.Abantu bakwaMncwabe sibathola endulo bezinze ngasoThukela endaweni eyaziwa ngokuthi kuseMpofana.BangaBambo Nguni ngokwezigaba zabaNguni, imvelaphi yabo ikubantu bakwaDlamini ... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!