Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Siluma

Indabuko yabantu bakwaSiluma⬇️ *Kuloba uKhethukuthula Melusi Siluma* Isthakazelo sakwa SILUMA Shodo Shiyabantu njenge’nyamazane amaCekwa amahle. Nibahle nezinyawo zenu nina enadla odade baboyise nathi abanamehlo abananyongo umhlehlo isibhabhakazane kanti akusiso isibhabhakazane i... qhubeka ufunde »

Shembe

Umlando ngesibongo sakwaShembe   Abantu bakwaShembe baphuma kuMantungwa akwaDonsa , ngakho-ke nabo bangabeNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni njengabo abakwaKhumalo . Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo sakwaShembe nguSokhabuzela kaNyathikazi owazala uMzazela owazala uNhliziyo owazala u... qhubeka ufunde »

Sabela

**Umlando ngamaQwabe akwaSabela** Abantu bakwaSabela baphuma eMthandeni kubantu bakwaQwabe , umuntu abaphuma kuye kwaQwabe nguNomo indodana yenkosi uKhondlo ka Mncinci . UNomo kusengumuntu oyedwa noSomnomo. Kwahamba kwahamba uNomo wagcina esebizwa ngokuthi unguSabela. Amanye amadodana enkosi uKhondl... qhubeka ufunde »

Sigola

Umlando ngaMaNgwane akwaSigola: Abantu bakwaSigola batholakala eNingizimu yezwe laseZimbabwe endaweni okwabe kuyizwe leNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo ngaphambi kokuba lidliwe ngamaNgisi ngowe 1893 ku-Lwezi empini yaseGadade. Laba bantu bakwaSigola bayingxenye yabaNguni abasuka neNkosi u-Mzil... qhubeka ufunde »

Sweswe

Umlando ngesibongo sakwaSweswe. Abantu bakwaSweswe bayingxenye yabantu bakwaNcube abatholaka eNingizimu yezwe laseZimbabwe engxenyeni ebizwa ngokuthi kukwaMzilikazi noma kwaMthwakazi nokuyingxenye eyabe iyizwe leNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo ngaphambi kokuba idliwe ngamaNgisi ngowe 1893 . K... qhubeka ufunde »

Sibisi

Izithakazelo nomlando wakwaSibisi Abantu bakwaSibisi imvelaphi yabo ikubeSuthu abaziwa ngokuthi bangaMakgwakgwa , aMakgwakgwa wona aphuma kubeSuthu abaziwa ngokuthi ngaBahlakwana [ Bahlakwana] . Ukhokho walaba bantu bakwaSibisi nguMahlatsi indodana kaKherehlwa kaMashiane kaMolapo . ABahlakwana nabo ... qhubeka ufunde »

Shange

Umlando nezithazelo zakwaShange Abantu bakwaShange bangabaNtungwa aseMbo ngokwezigaba zabaNguni . U-Shange nokunguyena okwaqanjwa ngaye isizwe wayeyindodana encane yenkosi u-Sibiside Mkhize .Ziningi izibongo ezaphuma enkosini uSibiside , singabala esakwaNdamase , Nyawuza , Khonjwayo ,Chonco [Shayima... qhubeka ufunde »

Shongwe

Izithakazelo nomlando wakwaShongwe Abantu bakwaShongwe bangabeNguni baseMbo ngokwezigaba zabaNguni . Imvelaphi yabo ixhumene neyakwaDlamini, Shabalala , Kunene , Mavuso nezinye . Ngenkathi befika kuleli eliseAfrika eseMazansi bafika bazinsa lapho sekuyizwe laseSwazini khona. Babekade beqhamuka enhla... qhubeka ufunde »

Sigabade

Izithakazelo nomlando wakwaSigabade #Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo Abantu bakwaSigabade baphuma kuSigabade kaSimyenga wakwaMhlanga. BangabeNguni abangaBaMbo Nguni. AbakwaMhlanga nabo babekade bezinze lapho sekwaZulu khona namuhla. Namuhla laba bantu bakwaSigabade  batholakala ezweni laseZim... qhubeka ufunde »

Shabalala

Izithakazelo nomlando wakwaShabalala  Abantu bakwaShabalala bangabaNguni baseMbo , imvelaphi yabo iseSwazini .Bahlobene kakhulu nesibongo sakwaDlamini . Ukhokho wabantu bakwaShabalala nguMshengu indodana kaSidwabasiluthuli . U-Mshengu wazala u -Mavuso , u-Nhlabathi noMhlanga . U-Mavuso wazala u-Mag... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!