Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Siwela

Umlando ngesibongo sakwaSiwela Nina abakaMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani?USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo!ISilo sakithi oSuthu leso,iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo.Ake sibheke umlando wabantu bakwaSiwela nina beSilo,ngamafuphi nje.... qhubeka ufunde »

Sabela

Umlando ngesibongo sakwaSabela  Abantu bakwaSabela baphuma eMthandeni kubantu bakwaQwabe,umuntu abaphuma kuye kwaQwabe nguNomo indodana yenkosi uKhondlo ka Mncinci.UNomo kusengumuntu oyedwa noSomnomo.Kwahamba kwahamba uNomo wagcina esebizwa ngokuthi unguSabela. Amanye amadodana enkosi uKhondlo kwak... qhubeka ufunde »

Shongwe

Izithakazelo nomlando wakwaShongwe Abantu bakwaShongwe bangabeNguni baseMbo ngokwezigaba zabaNguni.Imvelaphi yabo ixhumene neyakwaDlamini,Shabalala ,Kunene,Mavuso nezinye.Ngenkathi befika kuleli eliseAfrika eseMazansi bafika bazinsa lapho sekuyizwe laseSwazini khona.Babekade beqhamuka enhla nezwe nj... qhubeka ufunde »

Sithole

Umlando ngesibongo sakwaSithole Isibongo sakwaSithole sasingekho ekuqaleni.Lapha kwaSithole endaweni yaseQhudeni entatshaneni iMbilana kade kubonaka ibhungu elide liphuma emgedeni osabekayo okulentatshana iMbilana.Izibongo ezazigqamile kulendawo ngalesosikhathi esakwaMbeje nesakwaMbatha. Abantu baku... qhubeka ufunde »

Shabalala

Umlando ngesibongo sakwaShabalala Abantu bakwaShabalala bangabaNguni baseMbo,imvelaphi yabo iseSwazini.Bahlobene kakhulu nesibongo sakwaDlamini . Ukhokho wabantu bakwaShabalala nguMshengu indodana kaSidwabasiluthuli.UMshengu wazala uMavuso,uNhlabathi noMhlanga.UMavuso wazala uMagudulela,uLudonga noN... qhubeka ufunde »

Shange

Abantu bakwaShange bangabaNtungwa aseMbo ngokwezigaba zabaNguni . U-Shange nokunguyena okwaqanjwa ngaye isizwe wayeyindodana encane yenkosi u-Sibiside Mkhize .Ziningi izibongo ezaphuma enkosini uSibiside , singabala esakwaNdamase , Nyawuza , Khonjwayo ,Chonco [Shayimamba] nezinye . Ngenkathi befika ... qhubeka ufunde »

Siluma

Indabuko yabantu bakwaSiluma⬇️ *Kuloba uKhethukuthula Melusi Siluma* Isthakazelo sakwa SILUMA Shodo Shiyabantu njenge’nyamazane amaCekwa amahle. Nibahle nezinyawo zenu nina enadla odade baboyise nathi abanamehlo abananyongo umhlehlo isibhabhakazane kanti akusiso isibhabhakazane i... qhubeka ufunde »

Shembe

Umlando ngesibongo sakwaShembe   Abantu bakwaShembe baphuma kuMantungwa akwaDonsa , ngakho-ke nabo bangabeNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni njengabo abakwaKhumalo . Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo sakwaShembe nguSokhabuzela kaNyathikazi owazala uMzazela owazala uNhliziyo owazala u... qhubeka ufunde »

Sigola

Umlando ngaMaNgwane akwaSigola: Abantu bakwaSigola batholakala eNingizimu yezwe laseZimbabwe endaweni okwabe kuyizwe leNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo ngaphambi kokuba lidliwe ngamaNgisi ngowe 1893 ku-Lwezi empini yaseGadade. Laba bantu bakwaSigola bayingxenye yabaNguni abasuka neNkosi u-Mzil... qhubeka ufunde »

Sweswe

Umlando ngesibongo sakwaSweswe. Abantu bakwaSweswe bayingxenye yabantu bakwaNcube abatholaka eNingizimu yezwe laseZimbabwe engxenyeni ebizwa ngokuthi kukwaMzilikazi noma kwaMthwakazi nokuyingxenye eyabe iyizwe leNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo ngaphambi kokuba idliwe ngamaNgisi ngowe 1893 . K... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!