Sabela

**Umlando ngamaQwabe akwaSabela**

Abantu bakwaSabela baphuma eMthandeni kubantu bakwaQwabe , umuntu abaphuma kuye kwaQwabe nguNomo indodana yenkosi uKhondlo ka Mncinci . UNomo kusengumuntu oyedwa noSomnomo. Kwahamba kwahamba uNomo wagcina esebizwa ngokuthi unguSabela. Amanye amadodana enkosi uKhondlo kwakungoPhakathwayo(owalandela inkosi uKhondlo esihlalweni), uNqetho, uGodide , uVubukulwana, uGodolozi , uSophane kanye nabanye . UNomo wayezalwa yintombi yaseBukhosini obukhulu bakwaMthethwa eyabe iyindodakazi yenkosi uJobe ,ingudadewabo wenkosi uDingiswayo.  Ngaphandle kukaNomo uMaMthethwa wabuye wazala intombi uMfunda eyagana inkosi uBhebhe Mhlongo yazala inkosazana uNandi eyagana inkosi uSenzangakhona Zulu yazala iSilo uShaka. NguPhakathwayo owagcina ebe yinkosi ehlonishwayo futhi eyaduma kakhulu kwaQwabe.  Ngesikhathi kusaphila inkosi uKhondlo kwaqubuka umbango phakathi kwamadodana ayo oPhakathwayo noNomo, kubangwa ubukhosi . Inkosi uKhondlo yayicheme noNomo . La madodana enkosi uKhondlo agcina ethathelene izikhali. Kubukeka sengathi uPhakathwayo wayethande ukuba namandla, kwazise wayesekwa yibo bonke abafowabo esingabala kubo oGodolozi , Nqetho, oMnengwa wakwaMakhanya.  Abantu bakwaMakhanya kusengabantu baseMthandeni kwaQwabe. UNomo yena wayengelekelelwa muntu ,wagcina ebalekele eKhakonina kwaMthethwa wayocela usizo enkosini uDingiswayo eyayibusa aBaThethwa ngaleso sikhathi. Ngempela inkosi uDingiswayo yamsiza uMshana wayo uNomo yamnika ibutho leZichwe elatholana phezulu nebutho lakwaQwabe elalibizwa ngokuthi yiZinkonde . Lamabutho atholana phezulu ngasemathafeni omfula uMhlathuze ,lapho sekwakhiwa khona idolobha laseMpangeni.  IZichwe zayihlehlisa impi yakwaQwabe zaze zayoyithela emfuleni uMhlathuze . Yagcina yehluliwe eyakwaQwabe lapho kuhlangana khona uMhlathuzana noMlalazi. Leyo ndawo nanamuhla ibizwa ngokuthi kuseZinkondeni. Ize uNomo awudla umhlanganiso kumfowabo uPhakathwayo, kodwa inkosi uDingiswayo ayithandanga ukuthi uNomo abuyele eMthandeni ayobusa isizwe sikayise , lokhu yakubona kungewona umqondo omuhle ,yayikholelwa wukuthi uNomo wayengezukuphepha laphaya eMthandeni kwazise wayehlanganyelwa cishe yibo bonke abafowabo ngenkathi kuliwa.  Inkosi uDingiswayo yabiza uNomo yathi akabuye azokwakha eKhakonina, yamakhisa endaweni yaseNdondwana.  Esakhile uNomo waphikelela oYengweni enkosini uDingiswayo wayodlulisa okukhulu ukubonga ngosizo aluthola kuBaThethwa baseKhakonina. Inkosi uDingiswayo kuthiwa yaphendula ngokuthi ” Nami ngiyabonga ngokusabela kwakho uma ngikubiza ngithi uze uzohlala ekhaya konyoko, kusukela namuhla igama lakho usuyoba nguSabela” . Laqambeka kanjalo igama likaSabela, nozalo lwakhe lwaziwa ngokuthi lungolwakwaSabela kuze kube namuhla. USabela wakha imizi yakhe eminingi esingabala kuyo nowasekuLimeni okuyiwona muzi wakhe omkhulu. Umuzi wasekuLimeni wawumise lapho sekunePulazi lakwaManyonyoba khona namuhla. Ngenxa yokudlanga kwezimpi ezaqubuka ngesikhathi seZilo oShaka noDingane abantu bakwaSabela bagcina sebehlakazeke bagcwala kulo lonke elikaMthaniya. Iningi labo litholakala eMbumbulu. UPhakathwayo nguyena owalandela inkosi uKhondlo esihlalweni sobukhosi bakwaQwabe.

**Thola umlando wakwaSabela othe thuthu encwadini kaSenzo Mbatha esihloko sithi ‘Izibongo zakithi’.

Ake sibelamanise oSabela

USabela /uNomo wazala uGwamanda noYayisa . UGwamanda wazala abakwaYengwa nabakwaGwabanda . UYayisa wazala uGquma ,owazala uMpaka . UMpaka wayebuye aziwe ngelikaGejane . UMpaka wazala uMatshekane , uMaphofu, uVezi noSungulo. UMatshekane wazala uMpukane noMagadeni. UMagadeni wazala uMfuyeni noGodlinkukhu . UGodlinkukhu wazala uJerry , uManzwethe, uNkwente , uLenani, uBheki noLinda . UJerry wazala uMandla . UMpukane wazala uNyonebomvu , uMguqasi , uMandawana noSosulo . UNyonebomvu wazala uNomagqaja ,uBangulana, uMpongoyembuzi noMfaqaza

UMguqasi wazala uFenuel owazala uNkinsela , uMbongeleni , uJabulani noMichael . UJabulani wazala uSiphakanyiswa Lucas Sabela. UMandawana wazala uNdabazabantu , uBonangaye (Philemon) noMdingeni(Justice). uBonangaye -Philemon wazala uMuntu. UNdabazabantu wazala uSimon owazala uMenzi. UMagadeni wazala uSimiyoni owazala uMenzi, uMatshatha ozala uSonto.

**Izithakazelo zakwaSabela**

-Somnomo

-Gwamanda

-Yayisa

-Matshekana

-Mpaka

-Gumede

-Nina bakaMalandela

-Ngokulandela izinkomo zamadoda

-UKhondlo

-Mnguni ka Yeyeye

-Nina baseMthandeni

-Nina bakaSidlabehlezi     bakaPhakathwayo

-Muthwa

-Maphindela

-Ndubela

#Ulibinda nkosi !

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo