Nsele

Umlando ngesibongo sakwaNsele

Abantu bakwaNsele bangaBambo Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Laba bantu bakwaNsele babuye baziwe ngokuthi bangabaseMangweni, basekanye nabantu bakwaZwane , abakwaHudla, abakwaCebekhulu , abakwaNdiweni kanye nabanye. UNsele okwaqanjwa ngaye isibongo nguNsele wesibili indodana ka Zikode ka Nsele wokuqala . UNsele wesibili kuthiwa wayenomuzi ngaseHlobane , lowo muzi wawubizwa ngokuthi kukwaLinduthi. Kuhambe isikhathi wagcina efudukile kuleya ndawo wayokwakha kwaNongoma  lapho afike akha khona umuzi waseNseleni. Lo muzi waseNseleni wabe wakhiwe ngasemfuleni uMsunduzwe ezweni namuhla elingaphansi kwaBantwana bakwaMandlakazi. Uzalo lwakhe kwaNongoma lube seluzibiza ngokuthi lungolwakwaNsele. UNsele ll wazala uZinyosi noMlwandle. UMlwandle wazala uGabade ,uMhlahlo noMambiza . UMambiza wazala uSiyabukwa owayebuye aziwe ngelika Ludolo. Kwenye indlu uMambiza wazala uNqama.

UGabade yena wazala uGoyimbe . UNqama yena wazala uHoloyi owazala uSosweyekile. Amadodana ka Nsele ll oZinyosi noMlwandle bagcina bephumile kuyise bayokwakha kwezinye izindawo. UZinyosi wahamba wayokwakha eShowe , kwathi uMlwandle yena waqhubeka nokuhlala kwaNongoma kodwa wagudla ngaseMsunduzwe wenyukela ePhangode .

UMlwandle wayekhonzwe kakhulu yiSilo uCetshwayo esagcina simsusile ePhangode sayomakhisa kwaMzazela, khona kwaNongoma . Kuleya ndawo kwabe kunesihlahla esabe sinomthunzi omkhulu okwakuthi nxa iSilo uCetshwayo sivakashele esigodlweni sakwaGqikazi sifike siphumule kuwo, sasiphumula uma siya noma sibuya khona kwaGqikazi. Inhloso yeSilo uCetshwayo yokwakhisa uMlwandle kwaMzazela kwabe kuwukuthi asibhekele leso sihlahla. UMlwandle kuleya ndawo wakha umuzi wakhe awubiza ngokuthi kuseZimbandameni. Kuyilapho azalela khona indodana yakhe uMambiza .

UMambiza wakhula wakha umuzi wakhe awubiza ngokuthi kuseMthingoma . Wazala uGabade owayebuthelwe ebuthweni le Ngobamakhosi induna yalo okwabe kunguSigcwelegcwele Ngema. UGabade wayekhona eSandlwana mhla uZulu ehlula amaNgisi ngo1879 mhlaka 22 Masingana. Uyise uMambiza yena wasala eMsebe ngenkathi kulwa uSuthu noMandlakazi . Laba bantu bakwaNsele namanje kunendawo abatholakala kuyo kwaNongoma Uma uqeda ukuwela iMfolozi eMnyama. Leyo ndawo yaziwa ngokuthi kukwaNsele.

*Lo mlando ucashunwe encwadini ka Senzo Mbatha esihloko sithi’Izibongo zakithi*

***Izithakazelo zakwaNsele***

-Nsele ka Lindamkhonto

-Phikela

-Zikode

-Mangethe

-Mafu kawalingani

-Awangaphansi nawangaphezulu

-Ntshosho

-Mdladla

#Ulibinda Nkosi!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo