Machi

 

Umlando ngesibongo sakwaMachi

*Kuloba uMthokozisi Fabase Dlomo*


AbakwaMachi kusengabantu bakwaXolo njengoba bezalwa umuntu munye uMsuthu kaNtamonde kaSabela kaHenge.

Lezizwe sizithola sezisendaweni yaseMatatiela esiDumbini zibuswa inkosi Sabelo zidabuka eLusotho.

Sekubusa inkosi Ntamonde kwaba nempi yobuhlanga amaxhosa ebacwasa ngoba bengabeSuthu ,lezizindlu zavumelana ngokuthutha zize nganeno kwaZulu. AbakwaXolo bayakokhonza kwinkosi Fodo Dlamini ngaselokishini laseGamalakhe lapho sebenobukhosi khona endaweni ebizwa ngabo okuthiwa ikwaXolo.

AbakwaMachi bona basuke eMatatiela badlula eKokstad bafike bazinza endaweni yaseSphahleni yakwaDlamini baze bazitholela eyabo indawo abayinqambe ngokuthi ikwaMachi.

Esekhotheme uMachi kubuse inkosi uMagoba eyayiganwe amakhosikazi amane.

Izindlu zawo kwakukhona eyakwaMhlamvu kankosikazi endala

Kulandele eyakwaMjaja kuze eyakwaNgesi kanye neyakwaMdunjana.

Ngakhoke uMhlamvu, noMjaja, noNgesi, noMdunjana akuzona izibongo, kodwa amagama ezindlu zakwaMachi zenkosi uMagoba.

Isibongo sika Mhlamvu, noMjaja, noNgesi noMdunjana, uMagoba kaMachi. Yingakhoke ungeke uthi uMhlamvu wuNgesi noma wuMjaja. Kodwa ungasho ukuthi bona bobabili bangu Magoba, bayizihlobo, bayazalana.

Izithakazelo

Machi,
Goba,
Lawu,
Ndenza,
Sdununu sentsingizi encanyana ebika izulu
Mbonwa,
Jolwayo,
Mbusi,
Nina bomkhosi omhle uphuma nelanga
Lisela, Majikija, Tambo, Vezi, Xabanisa abantu belungisa
Goba elihle
Nomabhongo owadla amahlwili enkomo ethi yinyama

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo