Sigabade

Izithakazelo nomlando wakwaSigabade
#Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo
Abantu bakwaSigabade baphuma kuSigabade kaSimyenga wakwaMhlanga. BangabeNguni abangaBaMbo Nguni. AbakwaMhlanga nabo babekade bezinze lapho sekwaZulu khona namuhla. Namuhla laba bantu bakwaSigabade  batholakala ezweni laseZimbabwe, esifundeni seMatabeleland [ezweni lamaNdebele]. Kuthiwa bafika kuleliya zwe ngesikhathi  sezimpi zoMfecane, baphoqeka ukuba bawufulathele umhlaba wabo . Njengezinye izizwe ezazihlaselekile, abakwaMhlanga babaleka nabo basingisa amabombo enyakatho. Ngenkathi yofuduko bahlukana   phakathi, enye ingxenye yedlula  lapho sekuseSwazini .Le ngxenye eyedlula eSwazini izibiza ngokuthi ingaMakhebesi. Ingxenye yesibili nokuyiyona esigxile kuyona namuhla yona yahamba njalo yaze yayofika lapho sekuNamibia khona (eDamaraland) . Kuleyo ndawo abahlanga isikhathi eside, babuye basuka nakhona babhekisa amabombo kwelabeTswana , bazinza endaweni yasebuDeti  . Kukuleyo ndawo-ke lapho kwadaleka isithakazelo sabo esithi bangoNdethi ethiwa kusebuDeti [yikho bezibiza ngoNdethi] .Ngenkathi befika ebuDeti bafica abantu abaningi ababengabaNguni ,labo bantu nabo babebalekele impi yoMfecane , ikakhulukazi iLembe.. Indethi yinyoka yamanzi. Kukhona isiko elithize elibahlanganisa  nalenyoka.
Ngenkathi befika ebuDeti basebeholwa nguSigabade luqobo.    USigabade wayeyindodana kaSimyenga.
Babuye  basuka ebuDeti bafudukela ezweni labeKhalanga ngesikhathi umbuso wabaKhalanga usaqinile, usamukela kakhulu izizwe ezazibaleke kwaZulu zibalekele uMfecane.  Kuyilapho bafika bemukelwa khona baze bembeswa isibongo sebuKhosini baseKhalanga nokuyisibongo sakwaMoyo.  INkosi yasebuKhalanga eyayibisa ngaleso sikhathi kwakuwumkhuba wayo “uma ithande umndeni othize iwusondeze eduze”,  bese , iwunika isibongo sayo, iwenze abeluleki bayo [ngesiKhalanga aBeluleki babizwa ngokuthi-nga baKumbudzi baMambo/ abeluleki beNkosi – the King’s advisers]
Ize abakwaSigabade babesebensisa uMoyo njengesibongo, kodwa uMhlanga kabamulahlanga. Bahlala baziwa ngokuthi bangoMoyo yakwaSigabade. Kukhona abangazange bamsebenzise uMoyo njengesibongo,baqhubeka besebenzisa uMhlanga, abanye baqhubeka ngoSigabade .
Ngaleyonkathi babezinze endaweni osekuyidolobha namuhla  elibizwa ngokuthi kusePlumtree . UMfecane wawulokhu uqhubeke njalo uzidudula izizwe ezazizenze kwaZulu iningi lazo zidudulwa iSilo sakwaDukuza esasimatasa sakha isizwe esaziwa namuhla ngokuthi esakwaZulu.  Kwenzeka -ke ukuthi ezweni lakwaMoyo kutheleke ingxenye yaMaNdwandwe eyayisuke kwaZulu ibalekela iLembe ngemuva kokwehlulwa kweNkosi uZwide ihlulwa yiLembe. Leyo ngxenye yayiholwa nguZwangendaba wakwaJele .  Lawo maNdwandwe ayedlule ehlasela abeSwazi beNgwenyama uSobhuza  athumba izinkomo zabeSwazi ,athumba nesigodlo . LaMaNdwandwe bafika bahlasela isizwe sabeKhalanga ,  bakhimbila iNkosi yabeKhalanga, uMambo [uDombo Tjilisamuhulu].
AmaNdwandwe athi esaqhuba umsebenzi wawo wokuhlasela abeKhalanga   athola umbiko ezinhlolini zawo   ukuthi iSilo uMzilikazi lesizwe saso sesibuqamama  nomfula uLimpompo aphikelele khona ebuKhalanga .Umfula uLimpompo ubuye ubizwe ngokuthi iNgulukudela. Igama elithi “ingulukudela” liyigama lesiNdebele sakwaMabhoko eNdubazi elisho ingwenya. Loya mfula ubuye waziwe ngokukuthi uwuNgulukudela nje ngesizathu sokwanda kwezingwenya kuwona. Waqanjwa izinsizwa zakhona kwaMabhoko ezabe ziyingxenye yesizwe sabeThwakazi. Phela isizwe sabeThwakazi sixube izizwe eziningi esingabala kuzo nawo amaNdebele aseNdubazi kwaMabhoko .  Abantu beNkosi uMzilikazi bathi uma befika ezintabeni zaMatopo wayesakhale wemuka uZwangendaba naMaNdwandwe ayewahola. [madobo- ligama lesiKhalanga elisho amatshe / dobo/ dombo – ilitshe]. INkosi uMzilikazi yayisehlukanise phakathi isizwe sayo. Enye ingxenye yaholwa yiyona inkosi uMzililazi luqobo. Enye ingxenye yaholwa uNdunankulu uGundanekumitha waseMangweni. Ingxenye eyabe iholwa yinkosi uMzilikazi yake yeduka enkangala yaseMahalihlai(Makgadikgadi) isizwe sayo kabili, iqula elalihamba layo iNkosi lake laduka enkangala yeMahalihali [Makgadikgadi] . Kuyileso sizathu inkosi uMzilikazi ibongwa ngokuthi “, *Utshani kabushi eMahalihali, obunye buyasha buyagoba, lobu nyakana bushayo kosha iminyezane yomfula*. Kwedlula isikhathi esihlawumbiselwa eminyakeni emibili inkosi yedukile , zonke izingxenye zingakahlangani .Kwakuvunyelwane ukuthi kwakuyohlanganwa ezintabeni zaMatopo. Kwagcina kuqokwe izinsizwa ukuba ziyocinga inkosi ,ngempela zayiphuma inqina ,zabuya nayo inkosi isaphila.  Wafika waba iSishayamthetho okaMashobana, waqoqa zonke izizwe ayezithole kwelikaMambo wazifaka ngaphansi kophiko lwakhe. Lezi zizwe zazingaselayo iNkosi, yayisibulawe uZwangendaba  Jele umholi wamaNdwandwe.UZwangendaba  wayekanye namaSwazi  ayeholwa ngowesifazane ogama lakhe linguNyamazana. UNyamazana  wagcina esengomunye woNdlunkulu beNkosi uMzilikazi ,wazala uMntwana uNyanda. INkosi uMzilikazi ekwedukeni kwayo yahamba yaze yayojikanga ngasemfuleni omkhulukazi uGwembe  [Kasambabezi/ Zambezi] odume ngezimpophoma ezibizwa ngokuthi – Victoria Falls, okanye Mosi-oa-tunya ngolimi lwesiTonga, nokusho ukuthi intuthu eshunqayo [smoke that thunders]. Ukuthi Kasambabezi [ngamafuphi Zambezi] kuwulimi lwesiTonga, kusho  – “kuhlamba”. Lomfula  mkhulu kakhulu futhi ubanzi,unobungozi .  Kuthiwa yiwona mfula onezingwenya eziningi ukudlula yonke imifula emhlabeni [most crocodile invested river in the world]. Kukhona futhi nezimvubu.
Kuthiwa uSigabade wathi ezwa ngeNkosi uMzilikazi eyayisifikile ezintabeni zaMatopo, wabe esephikelela eMatopo lapho yayakhe khona umuzi wayo waseMhlahlandlela . Wafike wayicela ukuba imsikele indawo lapho ayezokwakha khona umuzi wakhe omkhulu . USigabade wayewazi kahle amandla enkosi uMzilikazi ,empeleni wayazi ukuthi wayezovikeleka futhi aphephe ngaphansi koMbuso wenkosi yaBathwakazi . Ngaleso sikhathi kwakubalulekile ukuzisondeza enkosini oyibonayo ukuthi inamandla ukuze wena nomndeni wakho niphephe. . Wafike wemukeleka kahle kakhulu umfo kaSimyenga. Okwajabulisa kakhulu iNkosi uMzilikazi   wukuthi uSigabade wayenamadoda ayesekhule agika esigabeni  sokubuthwa .
Abuthwa-ke amadodana kaSigabade, kulawo abathwa kwagqama kakhulu amane ayebuthelwe ebuthweni  ebuthweni iBabambeni elaliholwa yiNduna uDakamela kaMagonya wakwaNcube. Amadodana kaSigabade aba wusizo olukhulu eNkosini uMzilikazi ngoba ngaleso sikhathi iNkosi uMzilikazi yayihlasela kakhulu eNgwato kwelabeTswana. Amadoda kaSigabade ayeyazi kahle leyo ndawo ayeke azinza khona ngesikhathi sofuduko.
Langa limbe, lafika izwi eNkosini ukuthi hhiya, amadodana kaSigabade anezibindi zeNgonyama uma isinyathela awabantwana.  INkosi yakuthakasela  kakhulu lokho, yase icela ukuwabona. Amagama alawo madodana kwakungoTategulu, uGwayilana, uTapiyana kanye noGoro. Isibabonile iNkosi yabayalela ukuba babuthe ilabo ibutho . Ngempela labuthwa ibutho elabizwa ngokuthi ibutho leNyoka. Ibutho leNyoka lalixube abakaMambo, abeSuthu, nabeNguni.
Umuzi waseNyokeni waqala wakha  eSiphongweni [eduze nomuzi waseNgcekezeni, nokwabe kuwumuzi webutho uZwangandaba elaliholwa nguMbiko kaMadlenya wakwaMasuku. Ibutho likaMbiko laligabe ngeZingwazi, amadoda anezibindi
Sisusela kuleyo ntaba isaga sebutho uZwangendaba esithi  “UZwangandaba ukhona!  Umi waqina njengentaba iSiphongo!
Ngemuva kwesikhathi, iNkosi isibonile ukuthi kwakufanele inwebe  izwe layo, yayithutha iNyoka yathi yayozinza endaweni ebizwa ngeMbalibali, eTsholotsho. Lokho kwakusho ukuthi iNyoka yabe esingelinye lamabutho angaphansi kwesifunda seGabha esasingaphansi kweNduna uMaqhekeni Sithole. Lapha eMbalibali, iNyoka yabuya yafaka ezinye futhi izinsizwa ezabuthwa kubantu bohlanga lwabeNyayi.
INkosi yaphinda yayisusa  iNyoka, yayozinza ngempumalanga yomfula uGwayi. Ngaleso sikhathi, iNyoka kwaba yiyona eyabe isiqaphe izwe leNkosi ukusuka eSt James eNyamayendlovu, ngaphambidlana nje kwadolobha lakwaBulawayo uma usuka ngaseMbuyazwe (Umuzi webutho iMbuyazwe likaMhliphi Ndiweni), uhambe  njalo wedlule iNala Farm, uze uyofika  endaweni ebizwa ngikuthi kuseJahe, ngasemfudlaneni uGodzo. Ngempumalanga iNyoka  yayiqaphe eNsezi ilandele usebe lomfula uGwayi ize iyofika koMandawe.
Yankanisa kuleyo ndawo  iNyoka kwaze kwayisikhathi abeLungu badudula abantu abansundu emhlabeni ovundileyo ,bebaphosela ogwadule.
INyoka isizinze yaba ibutho elihlonishwa kakhulu, yayinoMlisa wayo [isekela leNduna] ogama lakhe  kunguZwalala Ndlovu. [Ubusekeli bobuduna lobu busesekhona kwelaseTsholotsho]. Amabutho wonke kaMthwakazi ayezibhila ngezintelezi, iNyoka-ke yona yayilokhokhovula wenyanga yakwaHadebe  uNguboyenja [hhayi uNguboyenja kaLobhengula Khumalo].
Emuva kokudilika kwentaba (Kokukhothama kwenkosi u-Mzilikazi), kwaqubuka impi phakathi kwesizwe sikaMthwakazi, lapho idlanzana laso lalingafuni kubuswa nguMNtwana uLobhengula.
INyoka ingenye yamabutho alwa ngasohlangothini loMntwana u-Lobhengula. Kukuleyompi lapho amadodana kaSigabade aveza khona ubuqhawe obukhulu! Aadlala ngejozi agiya kusukuma isoyi labheka phezulu! Amaqhawe ahlabana kakhulu yilawa alendelayo  UGwayilana, uMthobi Mlangeni [umshana wakwSigabade, wafela eMpandeni kulwiwa leBotswana police], oPhahlane Ndlovu, oNguboyenja, oTategulu noZwalala.
UZwalala wayeliqhawe elikhulu,  wahlabana eMahalihali waze wathola izihasho ezithi, “unguMnyamana waMahalihali odle inkolo ezedlule ngelanga lezolo”. Yayibambene lamaBhunu.
INduna uTategulu yayithi manxa  izohamba ibanga elide izile ukudla. Ingakho ibongwa ngokuthi  “inguLomahamba wezilo!”
Kuthe AbeLungu sebeqala ukwanda  ezweni leNkosi uLobhengula, bevubela/hlongoza impi, iNyoka yaba ngelinye lamaviyo axushwa nebutho leMbizo kaMtshana Khumalo ukuze ngenhloso yokuyovimba abeLungu ababeqhamuka ebuShona bezibiza ngeSalisbury Column. ISalisbury lamuhla yiyo le ebizwa ngokuthi iHarare [Zimbabwe’s capital city].
Kwasekuwunyaka ka-1893 lapho itholana phezulu eyamaNgisi namabutho kaMthwakazi. INduna uTategulu yona yayisikhulile, ngakho-ke kayisazange  ilwe kulempi, kodwa abanawayo lamadodana ayo, balwa ngokukhulu ukuzikhandla.
Umnawayo uGwayilana wasala eGadade, ngemuva kokuphuma ngesamagundwane empini yeLalaphansi. Amadodana ayo; uGuduza [inkosana] noMbonambi balwa eLalaphansi, eMbembesi, eGadade kanye nasePupu. Lokhu kulwa kwawo kulezizimpi kwenza ukuthi abantu bakwSigabade baphile kanzima ngesikhathi sekuphethe abeLungu. Njengawo wonke amaNdebele, bajeziswa ngokwephucwa izinkomo, nangokususwa emhlabeni wabo, bayolahlelwa emaphandleni [reserve sides- emarizeva]
INduna uTategulu yayihlonishwa kakhulu. Lona leligama elithi Tategulu [ubaba omkhulu] yaliphiwa ngabeKhalanga ngoba kuthiwa yayikwazi ukwenza imilingo ngesilimo sophoko. Yayifaka izinhlamvu zophoko emiyekweni yayo [ezinweleni zayo eziphothiwe], bese igebisa ikhanda izithintithele phansi, ngakusasa kuyosa uphoko lumile lwakhula! Yingakho abakwMhlanga bakwaSigabade benesithakazelo sabo esithi: Bangabantu   basemhlangeni abavela ebuDeti bethwele uphoko ngekhanda! ”
Amanye amadodana kaTategulu kwakungo uGuduza, Mbonambi, Gibide, Mahole, Mtshotsho, Sihweka. Abantu bakwaSigabade baningi kakhulu, bayatholakala eTsholotsho lapho okunobuduna babo khona [Tategulu chieftaincy] ,kubuye kube nezindawo  ezibizwa ngamanye amalungu alo umndeni wakwaSigabade. Kulawo malungu singabala indawo ngokuthi kuseMswigana. UMswigana wayezalwa nguMbonambi kaTategulu, kanti wake waphatha eyiNduna eTsholotsho, washona ngowe 1988 .
KwaBulawayo, ngaselokishini i-Cowdrypark kunesikole i-Tategulu Primary School esaqanjwa ngeNduna uTategulu . Sisekulona ilokishi iCowdrypark kukhona iMahlathini Primary eyaqanjwa ngoMahlathini wakaJiyane induna yebutho iLulwane.Bisekhona ubuduna bukaMahlathini endaweni yaseTsholotsho . Khona futhi eCowdrypark kunesikolw iMkhithika Primary esaqanjwa ngeqhawe lenkosi uMzilikazi uMkhithika Thebe.,
Bakhona abantu bakwSigabade ababa nohlonze.  Omunye walabo bantu  nguMphilisi kaMatshonisa kaManzima kaGwayilana kaSigabade owayenguMshayisibhakela. Manje uyisekela  Mqondisi  we-Boxing Zimbabwe. Wake waba nguMpetha kwezesibhakela amahlandla amaningi. Ubuye abe uMqeqeshi  wezesibhakela.
Kukhona noBrilliant kaMgqwetha kaPhatho kaGibide kaTategulu, onguSolwazi kwezepolitiki.
AbakwaSigabade sebathi nje chithi saka ezindaweni eziningi zezwe laseZimbabwe, ikakhulu kwelamaNdebele [Matabeleland]: kwaBulawayo, eTsholotsho, eKhezi, ePlumtree, eLupane nakwezinye izindawo.
Izithakazelo zakwaSigabade
Mhlanga
Sigabade
Mbila
Ndethi yamanzi
Mageza ngochago [ubisi] ngoba bethi amanzi alezibhidi [angcolile]
Ngalavula [abahlala emanzini]
AbaNtu basemhlangeni abavela ebuDeti bethwele uphoko ngekhanda

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo