Hlongwane

Izithakazelo nomlando wesibongo sakwaHlongwane

 

 

 

Abantu bakwaHlongwane ababuye babizwe ngokuthi bangaMangwane bayisizwe eaikhulu kakhulu,futhi esinomlando onothe kakhulu,futhi omude kakhulu. Isibongo sakwaHlongwane sisuselwa egameni lenkosi yaso inkosi uLuhlongwane kaSangolibazi eyabe iphila eminyakeni yama 1200 ngenkathi aMangwane esazinze lapho sekuseSwazini khona namuhla. Yona-ke inkosi uLuhlongwane yazala inkosi uNgwane (okwaqanjwa ngayo isizwe saMangwane), inkosi uNgwane yazala inkosi uMafu ,eyazala inkosi uNgunguya,eyazala inkosi uNsele,eyazala inkosi uTshani (uSihayo ), eyazala inkosi uMasumpa,eyazala inkosi uMatiwane . Inkosi uMatiwane yawunothisa kakhulu umlando waMangwane ngenxa yobuqhawe bayo . Inkosi uMatiwane yabusa ngesikhathi elakwaZulu libuswa iSilo uShaka kaSenzangakhona . Ngaleso sikhathi isizwe saMangwane sasizinze lapho sekuseMnambithi khona namuhla. Kukhona nendawo yaseMatiwane khona eMnambithi eyaqanjwa ngayo inkosi yesizwe saMangwane. Kukhona futhi nentatshana iMatiwaneskop khona futhi kuleyo ndawo.

Ekubuseni kwayo inkosi uMatiwane yadala omkhulu kakhulu umonakalo ezizweni eyame yakhelene nazo. Yazihlasela ,ezinye zazo yabulala namakhosi azo,njengengaseMahlutshini yabulala inkosi uMthimkhulu kaBhungane,eMazizini yabulala inkosi uDweba. Yaqhubeka yahlesela noMpangazitha umnawakhe wenkosi uMthimkhulu kodwa yena ayizange imbulale,waphulukundlela wabeleka. Nenkosana yakhe uMehlomakhulu kaMpangazitha naye wabaleka wabheka enyakatho ,wayokhonza enkosini yabakwaKhumalo uMzilikazi eyabe izinze eMosega. Nakhona uMehlomakhulu akahlalanga isikhathi eside kuleyo ndawo,wagcina ebheke eKoloni nokuyilapho agcina ekhothamele khona.

Ngemuva kokubulawa kwenkosi uMthimkhulu ibulawa yimpi yenkosi uMatiwane isizwe saMahlubi ahlakazeka ,iningi laso layokhonza eSilweni uShaka . Kuyilapho-ke iSilo uShaka sabutha khona ibutho leZiyendane zikaNandi nokulibutho elalande izinsizwa zaseMahlutshini . Laqala lapho-ke iLembe ukuhlasela aMangwane ,kuyizinsizwa zaseMahlutshini zeZiyendane ezaziyisifuba sempi yeLembe ngenhloso yokuziphindiselela ngobulawa kwenkosi uMthimkhulu kaBhungane. Inkosi uMatiwane yagcina ibalekile yaqonda eLesotho kumngane wayo inkosi uMushweshwe. Kodwa ayizange ihlale isikhathi eside kwelikaMushweshwe ,yabuye yabhekisa amabombo eKoloni ,yazinza lapho sekuyidolobha laseButterworth namuhla. (EMbolompo). Inhlalo yizange ibe yinhle eKoloni ngoba amaNgisi ayesevele esilidle lonke elaseKoloni, iKumkani uHinsa kaKhawutha  yayisibusela wona amaNgisi,isiyinkosi ngegama nje. Ngakho-ke amaNgisi ayimisa kabi impela inkosi yaMangwane ngoba kwakufana nje nokuthi isezweni lawo,futhi amaNgisi ayesezwile ngobungozi nangobuqhawe manje. Ngakho-ke ahlela indlela yokuyihlasela. Ngempela aqoqa zonke izizwe ezinsundu ukuba ziwelekelele ekulweni nenkosi yaMangwane. Kulezo zizwe singabala esaBathembu nesaMaGcaleka eKumkani uHinsa. AmaNgisi wona ayeholwa ngoDundas noSomerset empeleni abangazange balwe nhlobo kepha bahlomisa izizwe ezinsundu ngezinduku zamagwala bona bangenza lutho ,babuka zinqikilana. Ngempela yahlaselwa inkosi yaMangwane, ukuqhuma kwezibhamu kwadla umunyu empini yaMangwane eyabe yethembele ezihkangwini,ingenazo izibhamu. Yanqotshwa impi yenkosi uMatiwane ,kwakungunyaka wezi 1828 nokuwunyaka iLembe  labulawa ngawo. Inkosi uMatiwane yaphoweka ukuba ibuyele kwaZulu. Ngaleso sikhathi kwasebusa iSilo saseMgungyndlovu iSilo uDingane,esafike sayibulala inkosi yaMangwane.

Indlalifa yenkosi uMatiwane kwakunguZikhali owasebuthweni uMkhulutshane. Waqhubeka ekulelo butho kwaze kwaba isikhathi sempi yaseNcome lapho alwa khona ngobuqhawe. Kwathi ngemuva kwaleyo mpi uZikhali wafudukela eSwazini nedlanzana labalandeli bakhe. Wafika waganwa indodakazi yeNgwenyama uSobhuza uNomlalazi eyamzalela indlalifa yakhe uNcwadi,uNyanda nabanye. Zazikhona kodwa ezinye izingane zeNkosi uZikhali ngoba yayiganwe ngamakhosikazi amaningi kakhulu. Kwathi uZikhali esahleli eSwazini kukuhle kuyinqaba walunywa indlebe nguNomlalazi ukuthi iSilo uSobhuza sasihlela ukumbulala . Akabange esacitha sikhathi uZikhali wahamba nabalandeli bakhe waphindela kwaZulu.  UNcwadi wazala uSwanalibomvu, uBambazi nabanye. USwanalibomvu wazala uNgwabazi.

Enye yamadodana enkosi uMasumpa yasekhohlo uMphayise yazala uMzamo okwavela ngaye isibongo sakwaMzamo

Izibongo zaMangwane

HLONGWANE

NGWANE

ZIKHALI

SANGWENI

MZAMO

RATO nezinye

Izithakazelo zakwaHlongwane

Ngwane kaNgwadi
Masumpa
Masenga sileka
Nduku zonobulongwe
Nina bakaMatiwane
USozisela kaMasumpa noTshani
Nina bebutho likaSangweni
UZikhali azilingani nezamaxhegwana
Sangolibanzi elingawelwa abantukazana
Ngoba livalwe ngezihlangu zamadoda

#kulobe INtungwa lasenhla kwaSokhumalo

Emails khumalobonga.m@gmail.com / bornkhumalo@yahoo.com

Phone 084 098 4016

067 144 0804

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo