Izithakazelo nomlando wesibongo sakwaHlongwane
Abantu bakwaHlongwane ababuye babizwe ngokuthi bangaMangwane bayisizwe eaikhulu kakhulu,futhi esinomlando onothe kakhulu,futhi omude kakhulu. Isibongo sakwaHlongwane sisuselwa egameni lenkosi yaso inkosi uLuhlongwane kaSangolibazi eyabe iphila eminyakeni yama 1200 ngenkathi aMangwane esazinze lapho sekuseSwazini khona namuhla. Yona-ke inkosi uLuhlongwane yazala inkosi uNgwane (okwaqanjwa ngayo isizwe saMangwane), inkosi uNgwane yazala inkosi uMafu ,eyazala inkosi uNgunguya,eyazala inkosi uNsele,eyazala inkosi uTshani (uSihayo ), eyazala inkosi uMasumpa,eyazala inkosi uMatiwane . Inkosi uMatiwane yawunothisa kakhulu umlando waMangwane ngenxa yobuqhawe bayo . Inkosi uMatiwane yabusa ngesikhathi elakwaZulu libuswa iSilo uShaka kaSenzangakhona . Ngaleso sikhathi isizwe saMangwane sasizinze lapho sekuseMnambithi khona namuhla. Kukhona nendawo yaseMatiwane khona eMnambithi eyaqanjwa ngayo inkosi yesizwe saMangwane. Kukhona futhi nentatshana iMatiwaneskop khona futhi kuleyo ndawo.
Ekubuseni kwayo inkosi uMatiwane yadala omkhulu kakhulu umonakalo ezizweni eyame yakhelene nazo. Yazihlasela ,ezinye zazo yabulala namakhosi azo,njengengaseMahlutshini yabulala inkosi uMthimkhulu kaBhungane,eMazizini yabulala inkosi uDweba. Yaqhubeka yahlesela noMpangazitha umnawakhe wenkosi uMthimkhulu kodwa yena ayizange imbulale,waphulukundlela wabeleka. Nenkosana yakhe uMehlomakhulu kaMpangazitha naye wabaleka wabheka enyakatho ,wayokhonza enkosini yabakwaKhumalo uMzilikazi eyabe izinze eMosega. Nakhona uMehlomakhulu akahlalanga isikhathi eside kuleyo ndawo,wagcina ebheke eKoloni nokuyilapho agcina ekhothamele khona.
Ngemuva kokubulawa kwenkosi uMthimkhulu ibulawa yimpi yenkosi uMatiwane isizwe saMahlubi ahlakazeka ,iningi laso layokhonza eSilweni uShaka . Kuyilapho-ke iSilo uShaka sabutha khona ibutho leZiyendane zikaNandi nokulibutho elalande izinsizwa zaseMahlutshini . Laqala lapho-ke iLembe ukuhlasela aMangwane ,kuyizinsizwa zaseMahlutshini zeZiyendane ezaziyisifuba sempi yeLembe ngenhloso yokuziphindiselela ngobulawa kwenkosi uMthimkhulu kaBhungane. Inkosi uMatiwane yagcina ibalekile yaqonda eLesotho kumngane wayo inkosi uMushweshwe. Kodwa ayizange ihlale isikhathi eside kwelikaMushweshwe ,yabuye yabhekisa amabombo eKoloni ,yazinza lapho sekuyidolobha laseButterworth namuhla. (EMbolompo). Inhlalo yizange ibe yinhle eKoloni ngoba amaNgisi ayesevele esilidle lonke elaseKoloni, iKumkani uHinsa kaKhawutha yayisibusela wona amaNgisi,isiyinkosi ngegama nje. Ngakho-ke amaNgisi ayimisa kabi impela inkosi yaMangwane ngoba kwakufana nje nokuthi isezweni lawo,futhi amaNgisi ayesezwile ngobungozi nangobuqhawe manje. Ngakho-ke ahlela indlela yokuyihlasela. Ngempela aqoqa zonke izizwe ezinsundu ukuba ziwelekelele ekulweni nenkosi yaMangwane. Kulezo zizwe singabala esaBathembu nesaMaGcaleka eKumkani uHinsa. AmaNgisi wona ayeholwa ngoDundas noSomerset empeleni abangazange balwe nhlobo kepha bahlomisa izizwe ezinsundu ngezinduku zamagwala bona bangenza lutho ,babuka zinqikilana. Ngempela yahlaselwa inkosi yaMangwane, ukuqhuma kwezibhamu kwadla umunyu empini yaMangwane eyabe yethembele ezihkangwini,ingenazo izibhamu. Yanqotshwa impi yenkosi uMatiwane ,kwakungunyaka wezi 1828 nokuwunyaka iLembe labulawa ngawo. Inkosi uMatiwane yaphoweka ukuba ibuyele kwaZulu. Ngaleso sikhathi kwasebusa iSilo saseMgungyndlovu iSilo uDingane,esafike sayibulala inkosi yaMangwane.
Indlalifa yenkosi uMatiwane kwakunguZikhali owasebuthweni uMkhulutshane. Waqhubeka ekulelo butho kwaze kwaba isikhathi sempi yaseNcome lapho alwa khona ngobuqhawe. Kwathi ngemuva kwaleyo mpi uZikhali wafudukela eSwazini nedlanzana labalandeli bakhe. Wafika waganwa indodakazi yeNgwenyama uSobhuza uNomlalazi eyamzalela indlalifa yakhe uNcwadi,uNyanda nabanye. Zazikhona kodwa ezinye izingane zeNkosi uZikhali ngoba yayiganwe ngamakhosikazi amaningi kakhulu. Kwathi uZikhali esahleli eSwazini kukuhle kuyinqaba walunywa indlebe nguNomlalazi ukuthi iSilo uSobhuza sasihlela ukumbulala . Akabange esacitha sikhathi uZikhali wahamba nabalandeli bakhe waphindela kwaZulu. UNcwadi wazala uSwanalibomvu, uBambazi nabanye. USwanalibomvu wazala uNgwabazi.
Enye yamadodana enkosi uMasumpa yasekhohlo uMphayise yazala uMzamo okwavela ngaye isibongo sakwaMzamo
Izibongo zaMangwane
HLONGWANE
NGWANE
ZIKHALI
SANGWENI
MZAMO
RATO nezinye
Izithakazelo zakwaHlongwane
Ngwane kaNgwadi
Masumpa
Masenga sileka
Nduku zonobulongwe
Nina bakaMatiwane
USozisela kaMasumpa noTshani
Nina bebutho likaSangweni
UZikhali azilingani nezamaxhegwana
Sangolibanzi elingawelwa abantukazana
Ngoba livalwe ngezihlangu zamadoda
#kulobe INtungwa lasenhla kwaSokhumalo
Emails khumalobonga.m@gmail.com / bornkhumalo@yahoo.com
Phone 084 098 4016
067 144 0804
Mnewethu, siyabonga ngomlando omuhle nojule kangaka. Ngiyafisa ukudlulisela lomlando kwabakwethu. Ngingenza kanjani?
Mntungwa,
Ngingathokoza ukulekelela kulomlando ngesizwe samaNgwane silungise lapha nalaphaya ukuze igqikimba izwakale ngokuphelele.
Emuseni wakho uma ungavuma ngingasiza.
Ozithobayo,
Sizwe kaMasumpa Hlongwane
iNgwanePhaqa@gmail.com
Ngingejabula Ngwane elihle ngicela ungithumele umlando oqondile Ku -khumalokholo@gmail.com
Ndabezitha bengicela onolwazi angiphe nje indawo lapho igwalagwala lakith’elimadol’abomvu elaphumela khona umoya,lapho afihlwa khona.
061 737 5654
Mfwethu syabonga ngokusiqoqel imlando yezibongo zethu. Nami ngingajabula mawngangtholela owoMdluli ngokuzwa ngomkhulu ongasekho babuy eswatini bt ngingajabula mawngangtholela, ukuze nesizukulwane sethu sizokwazi ngomlando wakithi. Lokhu ngyazam ukuwthola bt akukhonakali. Ngoba ngifun ukwazi ngokulamana komkhulu nabokhokho
Mashobane
Bengingawathokozela nami amangwevu akho ngomlando wesizwe samangwane
Thina abakithi oSangweni babekwabhanya e Vryheid ngokusho kukagogo naye ongasekho manje wathi umkhulu wami kwakungu Obet naye owedlula engozini yemoto, sisele nje ekhakonina likababa sesifune sancama manje asisazi ukuthi sibheke ngakuphi
Igama ngu Ntobeko ngizalwa ngumaMbuyisa
Ubaba uzalwa nguMamthembu kwa Nongoma e Vuna endaweni esigodini sakoZungu, abanye bathi umndeni wakithi waya ngapha ko Pitoli manje asazi nje
083 722 0473
Email:ntsako82@gmail.com
Ungashiya umyalezo
Ngyonga noma yiluphi usizo engingaluthola.
Ngicela ysize mina ngomlando wokulamana kwamakhosi
Sawubona Sangweni and happy new year. Khuluma no Sisi Khumbuzile Hlongwane wase Bergville oke wamphathisa ikibha zalabo bhuti bakithi Swatini abakhulumi ngama sign language. Bengicela ungiphe unamba yabo ka what’s up bangithathela ifoni I lost all my info. Bengicela ungipha umlando wakithi Ngwane ngiyathanda ukuzazi imvelaphi Yami. Ngibonge Sangweni. Ngicela inamba yakho ngizoza germestone for ikibha. Unyaka omuhle Ngwane
Ngingathokoza mphathi.. uma nje ungangiqoqela umlando ngesizwe samaShengu ( abakwaShabalala)
Ngithathe lelithuba ngibingelela abamgaphambili. Eyakwahlangu lengane ngisacela incazelo ngesibonga sakwethu sakwa (hlangu ) ngingejabula