Abantu bakwaShabalala bangabaNguni baseMbo , imvelaphi yabo iseSwazini .Bahlobene kakhulu nesibongo sakwaDlamini . Ukhokho wabantu bakwaShabalala nguMshengu indodana kaSidwabasiluthuli . U-Mshengu wazala u -Mavuso , u-Nhlabathi noMhlanga . U-Mavuso wazala u-Magudulela , u-Ludonga noNyawo . U-Ludonga wazala u-Shabalala , u-Mabuza , u-Gininza nabanaye . U-Magudulela uyena okwakumele abuse ngemuva kokukhothama kukayise u-Mavuso kodwa wachithwa ukuba yinxele ngoba ngokwesiko lasebuNguni inxele kalibusi . Ngakho-ke ubukhosi basebuwela kumnawakhe u-Ludonga . Kwathi ngenkathi elaseSwazini selibuswa iSilo u-Sobhuza kaNdungunye kwabakhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwaMashengu nabakwaDlamini nokwaholela ekutheni enye ingxenye yaMashengu ilifulathele elasaSwazini . Leyo ngxenye eyafuduka yabe iholwa nguShabalala luqobo. Ahamba njalo aMashengu agudla izintaba zoMkholombe agcina ezinze eMnambithi eduze nentaba u-Mangcengeza. Inkosi u-Shabalala yayiganwe yintombi yaseMampondweni kwavela indlalifa yayo u-Noyaba .Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi u-Shabalala kwaqala ukuba nokungahlalisani kahle phakathi kwenkosi u-Noyaba kanye nezizwe eyayakhelane nazo .Ngaleso sizathu-ke inkosi u-Noyaba yakubona kukuhle ukuba ilifulathele elaseMnambithi ibheke eMgungundlovu lapho yafike yazinza khona ,yakhelana nesizwe sakwaNxamalala esasakhe endaweni yaseMpendle . Inkosi u-Noyaba yahlalisana kahle kakhulu nenkosi yamaNxamalala ngoba amaShengu afiyefike kuleyandawo alakelela isizwe sakwaNxamalala ngenkathi silwa nesaMambuzane , nokuyiphi eyanqotshwa ngabakwaNxamalala. Enye ingxenye yabakwaShabalala yaqhubeka nokuhlala eMnambithi , leyo ngxenye eyakhetha ukusala isatholakala eMnambithi kuze kube namuhla
Mavuso,
Ngxabalala (Shabalala),
Chagwe
AbeNguni abamhlophe baka Noyaba
Sidwabasiluthuli.
Magudulela
So awungibizele zonke izithakazelo zakwa Tshabalala
kukhona okudidayo kulomlando, umbhali uthi kwakumele kubuse uMagudulela emveni kokukhothama kukayise uMshengu.. ekubeni uMagudulela wayezalwa uMavuso hhayi uMshengu
Sizolungisa Jobe siyabonga
Ngingajabula ukwazi ukuthi idlinza lenkosi uChagwe likuphi neNgomankulu. uChagwe wafikela kukhokho inkosi uMguquka kaMlulama okunguye owamsikela indawo eNgomankulu waba yiNkosi ezweni laseMbo ekhonza kuMguquka. Ngina a records alokho.
Mkhize ngicela ungithinte Gcwabe mayelana neNkosi Chagwe ukuze siqhathanise ama records. 083 659 3946
Ngiyabonga maswazi ngisacela ningiphe zonke izithakazelo zakwa shabalala ngiyacela bomshengu
Ngingumzululu kodwa a ngiganele ngemaNdebeleni ngithanza kutazi nami tzithakazelo zakwa Shabalala
Mina bo Mshengu ngicela usizo ngihleli ugogo osewakhothama and manje uvele afike eyisthunzi esisabekayo kimi ngibe nanovalo ngithuke kungalaleki nasendlini ..ngihlala ngedwa…uma kwenzeka loku kumele ngiyo cela ukulala emzini yabantu and senginqena nouba yiscefe angsazi ngenze njani kade ngangihamba ngizama ukuzelapha kodwa lutho umehluko..
Woza ekhaya le Sambulo. (Revelation Spiritual home) bagxile kwisintu bazokulekelela.
Khabazela ngicela sithintane mayelana nedlinza lenkosi Chagwe. Nansi i email yami: bmshengu@bhekani.co.za
Idlinza leNkosi Chagwe Mshengu liko Halibhoma lapho kwaku umuzi wakhe khona.
Ngiyabonga mbhali ngomlando wakithi kepha kuzekube manja ngazukuthu bukhosi bakithi buzinzephi
BuseMatiwane eMnambithi
Ngifisa umlando ngesibongo sakwa Xulu
Siyabonga baba ingabe lukhona ulwazi ngo NHLABATHI ukuthi yena kwenzakalan ngaye.
SAWBONA MHLELI…
MINA NGCELA UKWAZ NGESBONGO SAKA MGENGE NOMA ESAKA MLONDO.
NGYABONGA
NGSAHLALA PHANSI KE.
Ngicela ningifunele umlando wesibongo sakwa Mathebula
Ngicela umlando wesinongo saNgcobo bakithi sazi ukuthi siqhamukaphi