Shabalala

Izithakazelo nomlando wakwaShabalala 

Abantu bakwaShabalala bangabaNguni baseMbo , imvelaphi yabo iseSwazini .Bahlobene kakhulu nesibongo sakwaDlamini . Ukhokho wabantu bakwaShabalala nguMshengu indodana kaSidwabasiluthuli . U-Mshengu wazala u -Mavuso , u-Nhlabathi noMhlanga . U-Mavuso wazala u-Magudulela , u-Ludonga noNyawo . U-Ludonga wazala u-Shabalala , u-Mabuza , u-Gininza nabanaye . U-Magudulela uyena okwakumele abuse ngemuva kokukhothama kukayise u-Mavuso kodwa wachithwa ukuba yinxele ngoba ngokwesiko lasebuNguni inxele kalibusi . Ngakho-ke ubukhosi basebuwela kumnawakhe u-Ludonga . Kwathi ngenkathi elaseSwazini selibuswa iSilo u-Sobhuza kaNdungunye kwabakhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwaMashengu nabakwaDlamini nokwaholela ekutheni enye ingxenye yaMashengu ilifulathele elasaSwazini . Leyo ngxenye eyafuduka yabe iholwa nguShabalala luqobo.  Ahamba njalo aMashengu agudla izintaba zoMkholombe agcina ezinze eMnambithi eduze nentaba u-Mangcengeza. Inkosi u-Shabalala yayiganwe yintombi yaseMampondweni kwavela indlalifa yayo u-Noyaba .Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi u-Shabalala kwaqala ukuba nokungahlalisani kahle phakathi kwenkosi u-Noyaba kanye nezizwe eyayakhelane nazo .Ngaleso sizathu-ke inkosi u-Noyaba yakubona kukuhle ukuba ilifulathele elaseMnambithi ibheke eMgungundlovu lapho yafike yazinza khona ,yakhelana nesizwe sakwaNxamalala esasakhe endaweni yaseMpendle  . Inkosi u-Noyaba yahlalisana kahle kakhulu nenkosi yamaNxamalala ngoba amaShengu afiyefike kuleyandawo alakelela isizwe sakwaNxamalala ngenkathi silwa nesaMambuzane , nokuyiphi eyanqotshwa ngabakwaNxamalala.   Enye ingxenye yabakwaShabalala yaqhubeka nokuhlala eMnambithi , leyo ngxenye eyakhetha ukusala  isatholakala eMnambithi  kuze kube namuhla 

Inkosi u-Noyaba yazala amadodana ayo oChagwe , u-Mshukangubo noManovunga . Ubukhosi baMashengu bagcina buzinze endaweni eyaziwa ngokuthi kuseNgomankulu , buhamba buze bunqinde endaweni yaseMbo , buhambe njalo buze buyofinyelela nakoMkhambathini[Camperdown].Inkosi u-Chagwe yakhothamela khona eNgomankulu ngama -1800 ,ekupheleni kwawo . Ngemuva kokukhothama kwenkosi uChagwe kwabusa inkosi u-Thingisi eyalandelwa inkosi u-Bhuqa .Inkosi u-Bhuqa yalandelwa inkosi u-Sayiwana eyalandelwa inkosi u-Bhokwe .Inkosi u-Bhokwe yalandelwa inkosi u-Msamanisi  eyalandelwa inkosi u-Mehlwempi.Inkosi u-Bhokwe yayizinze eMkhambathini nokuyipha eyatshalelwa khona ngemuva kokukhothama kwayo
Ezinye zezingane zikaMabizela wakhona kwaMshengu zagcina zizakhele amagama emazweni asenyakatho .Lezo zingane u-Fulatha kaMabizela intombi eyagana inkosi u-Mzilikazi Khumalo kwazalwa inkosi u-Lobhengula eyakha esigodlo sayo sakwaBulawayo nosekungelinye lamadolobha amakhulu ezweni laseZimbabwe. Enye ingane kaMabizela eyazakhela igama nguManondwane owabe eyesilomo senkosi u-Lobhengula , owalwa ngobuqhawe ubukhulu ngenkathi inkosi u-Lobhengula ilwa naMaNgisi kaLozi [Cecil John Rhodes ] empini yaseGadade[JR Coddard war]. Ngenxa yobuqhawe bezingane zikaMabizela kukhona nelokishi kwaBulawayo elibizwa ngokuthi ‘iShabalala ‘ , kanti futhi kukhona nesikole samabanga aphezulu khona elokishini laseShabalala esibizwa ngokuthi i’Manondwane High School’ esaqanjwa ngaye u-Manondwane kaMabizela
Izibongo ezihlobene nesakwa Shabalala
Mavuso
Magudulela
Mabizela
Khwababa
Mabuza nezinye
IzithakazeloMshengu,
Mavuso,
Ngxabalala (Shabalala),
Chagwe
AbeNguni abamhlophe baka Noyaba
Sidwabasiluthuli.
Magudulela
#Kulobe INtungwa lasenhla kwaSokhumalo
Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo