Sweswe

Umlando ngesibongo sakwaSweswe.

Abantu bakwaSweswe bayingxenye yabantu bakwaNcube abatholaka eNingizimu yezwe laseZimbabwe engxenyeni ebizwa ngokuthi kukwaMzilikazi noma kwaMthwakazi nokuyingxenye eyabe iyizwe leNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo ngaphambi kokuba idliwe ngamaNgisi ngowe 1893 . KwaMthwakazi isibongo sakwaNcube sihluke kaningana, kukhona oNcube abangawona aMaZilankatha. Abanye balabo Ncube yilaba ababuye baziwe ngokuthi bangabakwaSweswe. Labo Ncube imvelaphi yabo nabo isebaSuthwini njengawo amaZilankatha kodwa kubukeka sengathi akukho ukuxhumana noma ukuhlobana. Eminyakeni edlule kuke kwaba nomdlali webhola owayeyisitobha edlalela i-Kaizer Chiefs ogama lakhe kwakungu-Thomas Sweswe owayevela khona kwaMthwakazi. U-Sweswe lona abazibiza ngaye kuthiwa ungomunye wamadlozi abo.
Abantu abagqama kakhulu kulesi sibongo sakwaSweswe ngu-Magonya Sweswe kanye nendodana yakhe u-Dakamela . U-Magonya kuthiwa wabe eyinyanga yeziko lemfuyo yeNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana, u-Dakamela naye kuthiwa wabe eyinyanga ngoba kuthiwa ‘uKhamba lufuze imbiza’ . U-Dakamela kuthiwa wayebuye abe yiQhawe alalivelela kakhulu ezimpini , ehlabana kakhulu ezimpini. INkosi u-Mzilikazi yabuye yamgixabeza ngezinye izikhundla ezimbili, esokuhola iButho elalaziwa ngokuthi yi-Babambeni eyiNduna yalo, esinye kwaba ngesokuba iNduna yomuzi waseSiphongweni owaqanjwa ngentaba iSiphongo okuthiwa imise okwesiphongo somuntu . Leyo ntaba ibuqamama naseNgcekezeni nokwabe kungumuzi kaMbiko ka Madlenya Masuku iNduna yeButho uZwangendaba. Edolobheni lakwaBulawayo kunesikole esaqanjwa ngeButho i-Banambeni nokuyisikole samabanga aphansi i-Babambeni Primary School. Ngenkathi sekubusa abeLungu bawususa umndeni ka Dakamela Ncube bayowuhlalisa kwelaseNkayi.

Ngaleso sikhathi kwasekuphethe indodana ka Dakamela u-Celimbuya nokwathi ngemuva kwakhe kwaphatha indodana yakhe u-Myinga . Ngemuva kweNduna u-Myinga kwangena indodana yayo u-Bhekithemba . Ngemuva kweNduna u-Bhekithemba kwangena u-Khura ka Bhekithemba owashona ngo 2002. Ngonyaka ka 2004 isihlalo sobuNduna sabanjwa ngu-Yisekazi ka Khura u-Hleziphi Sweswe owayegane kwaDlodlo. U-Hleziphi ushone ngowe 2017 ekuhambeni eNgilandi lapho ayevakashele khona ingane yakhe. Akekho osebekiwe kuze kube namuhla .

Izithakazelo zakwaSweswe

-Magonya wezintaba

-Sisweswe sikaThanyana

-Hasa

-Nhlalande

-Njayana

-Injemanjinji

-Sondindi omhlophe

Ake ngime lapho nina beNgabade!

#Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo