Incazelo ngokuqambeka kwemifula

IMfolozi eMhlophe

Incazelo ngokuqambeka kwemifula:

*UMLAZI

EThekwini kukhona ilokishi elaqanjwa ngomfula wendawo obizwa ngokuthi uMfula ‘uMlazi’ . Lo mfula kuthiwa igama lawo waliqanjwa yi-Ngonyama u-Shaka. Kuthiwa kwenzeka ngelinye iNgonyama u-Shaka nempi yayo iwele loya mfula isuka kwaDukuza esigodlweni sayo , kuthiwa yayiphikelele eMampondweni iyohlasela isizwe saMampondo eNkosi u-Faku. Kuthiwa ngenkathi iNgonyama u-Shaka nempi yayo ifika kuloya mfula yayisifile ukoma . Kodwa ngeshwa yafica amanzi akhona enganambitheki kahle , emuncu , engaphuzeki nhlobo. Kuthiwa iNgonyama u-Shaka yawachaza ngokuthi ayenambitheka njengo’mlaza’ . Umlaza amanzi acwengwa eguleni uma kwenziwa amasi , umuncu ngokunambitheka. Kusukela ngaleso sikhathi kuphuze iNkosi u-Shaka umfula waziwa ngokuthi ‘uMlaza” . Abamhlophe ngenkathi sebebhala amagama ezindawo babhimba igama bathi ‘uMlazi” . Eqinisweni uMlaza hhayi Mlazi.


*AMANZIMTOTI

Kuthiwa impi yeLembe uma isuka eMlaza yedlulela ngasemfuleni owaziwa manje ngokuthi ‘NgaManzimtoti” . Kuthiwa wona-ke amanzi awo ayenbitheka kahle , emnandi. Kuthiwa yawancoma kakhulu iNgonyama u-Shaka. Kodwa ngesizathu sokuhlonipha uNina iNdlovukazi u-Nandi ayizange isebenzise igama elithi ‘amnandi’ . Kuthiwa yasebenzisa yahloniphisa ngegama elithi ‘amtoti nokuyigama elisho ‘ubumnandi’ . Kuze kube namuhla lowo mfula waziwa ngokuthi uMfula ‘UManzimtoti’ .

*UTHONGATHI

Kuthiwa nawo lo mfula igama lawo lawanjwa yi-Nkosi u-Shaka. Kuthiwa kwenzeka langa limbe yona namaButho ayo iwuwele loya mfula isuka kwaDukuza . Kuthiwa yabuza emaButhweni ayo ukuthi ‘Yini igama lawo” . AmaButho aphendula ngokuthi awazi, amanye athi wawungenalo igama. Kuthiwa iNgonyama u-Shaka yaphendula yathi “Kusukela namuhla Lo mfula ‘uzoba “wutho-ngathi’ , njengoba ubungelutho nje usuyoba ‘wutho-ngathi” ngoba kuwele thina. Igama elithi ‘ngathi’ yayiliqondise kuyo kanye namaButho ayo. Kuze kube namuhla lowo mfula waziwa ngokuthi ‘uThongathi’

*IMFOLOZI

Ezweni lakwaZulu kunemifula emibili enegama elilodwa. Leyo mifula iMfolozi eMhlophe neMfolozi eMnyama . IMfolozi eMhlophe iseNingizimu kanti eMnyama yona iseNyakatho. Le mifula ihamba ngokwehlukana amabanga athile ibuye ihlangane phambili ngaseMtubatuba , yakhe umfula owodwa owaziwa ngokuthi uMfolozi.

Kuthiwa le mifula yawambeka ngesimila esasimila ezinkwazini zale mifula ezazibizwa ngokuthi uluzi , uluzi lwalusetshenziswa njengezintambo zokuluka amacansi kwazise phela zazingakabikho izintambo ezithengwa ezitolo namuhla. Njengoba lesi simila sabe simila ezinkwazini zale mifula le mifula yomibili yaziwa ngokuthi yimifula yoluzi. Ngakho-ke yilowo nalowo mfula,kulena emibili, wanikwa igama elithi iMfolozi elabe lichaza khona ukuthi umfula woluzi.

IMfolozi eMhlophe ihamba idabule endaweni enesihlabathi esimhlophe kunjalo nje namatshe aleyo ndawo amhlophe , ingakho yabizwa ngokuthi iMfolozi eMhlophe. IMfolozi eMnyama yona idabule endaweni enenhlabathi emnyamaz namatshe akhona amnyama . Ngalokho-ke yabizwa ngeMfolozi eMnyama .

*UMKHOMAZI

UMfula uMkhomazi ungomunye wemifula emikhulu ezweni lakwaZulu. Umthombo walo mfula usezintabeni zoKhahlamba. Isizalo sawo sisolwandle i-Indian Ocean . Lapho ungena khona ulwandle mukhulu, ubanzi ngokubabazekayo. Kuthiwa kwenzeka ukuba ababakhe endaweni esogwini lolwandle babone umkhoma (isilwane sasolwandle esikhulu esimise okwenhlanzi)uphuma olwandle ungena esizalweni sawo lo mfula uhlamba wenyusa umfula. Kuthiwa lowo mkhoma wawuhlamba nenkonyane lawo. Abantu bebona inkonyane ihlamba eduze kukaNina wayo baqonda ukuthi lowo mkhoma kwabe kungumkhoma wwnsikazi noma wemanzi. Sebekubonile lokhu, sebezixoxela ngakho bathi umfula lona wabe usungumfula waleyo manzi yomkhoma. Ngakho -ke bawubiza ngokuthi uMfula ngokuthi usungumfula womkhoma wemanzi. Bawubiza umfula ngokuthi uMkhomazi. Igama uMkhomazi lisho umfula lisho womkhoma wemanzi, noma umfula wenkomazi yomkhoma.

*OLIPHANT

UMfula i-Oliphant River isizalo sawo sisendaweni eyaziwa ngokuthi i-Emerlo namuhla, ngaseSifundazweni iMpumalanga. Lo mfula uhamba uphambana neminye imifula ubheke enyakatho , esikhundleni sokuthi wehle njengeminye imifula wona uphambana nayo ubheke enyakatho uyongenela olwandle lwaseMozambikwe. NgesiZulu Lo mfula ubizwa ngokuthiwa u-Bhalule. Kuthiwa endulo lo mfula wawuthandwa kakhulu iziNdlovu , ziphuza kuwo , zithe chithi saka. I-Oliphant igama le sibhunu elichaza iNdlovu . INkosi u-Mzilikazi Khumalo yakha umuzi wayo waseKuphumuleni esizalweni salo mfula, ingakho igama lawo (uBhalule) livela kakhulu ezihashweni zayo.

*UZAMBEZI

UMfula uZambezi uhlukanisa izwe laseZambiya nelaseZimbabwe. koMfula ungeminye yemifula emikhulu eAfrika futhi engashi , ehlezi inamanzi njalo. Udla izindiwani uma kusehlobo ,lina. Iningi labantu abakhele lo mfula likhuluma isiTonga , nokungenye yezilimi ezikhulunywa kuwo lamazwe womabili iZimbabwe neZambiya . Njengayo yonke imifula emikhulu lomfula wande izimvubu nezingwenya. Igama lawo lisuselwa egameni lesiTonga . Endulo kuthiwa abantu bendawo umfula uZambezi babewubiza ngokuthi “Kasambabezi” nokuyigama lesiTonga elisho ukuthi “kuhlamba abaziyo” noma “kuhlamba ompetha” .Babesho ngoba kugcwele imvubu nezingwenya kuleyo ndawo. Uma ungawazi lowo mfula uzithola usengozini noma ususengcupheni yokushwabadelwa izingwenya nezimvubu. Ngenkathi abamhlophe semebhala i-Map namagama ezindawo balibhimba leli gama balibiza ngokuthi ‘uZambezi” . Umfula uZambezi ngesiNguni kuthiwa uMfula uGwembe.

*LIMPOPO

UMfula uLimpopo wehlukanisa izwe laseZimbabwe kanye nelaseNingizimu Afrika. Lo mfula ngesiNguni kuthiwa uMfula uNgulukudela/iNgulukudela. Igama lawo lesisulwa ezintabeni zoBombo nokuyipho isizalo sawo sikhona. Izintaba zoBombo zibizwa ngokuthi ‘uVhembe ‘ ngesiVenda, ngesiKhalanga kuthiwa ‘Bembe” . NgesiSuthu esiyiPedi kuthiwa ‘Le Mpopo” . AbeSuthu vele baqala ngoLe uma bekhuluma ngendawo , isibonelo ‘Lesotho, Leboa, Lekgwa(Vaal River) njalo njalo. Ngenkathi abamhlophe sebebhala amagama ezindawo behluleka ukulibiza kahle igama u -Le Mpopo ” bathi LiMpopo.

*UMSUNDUZA

Lo mfula ize abaningi sebewubiza ngoMsunduzi kodwa eqinisweni uMsunduza . Igama lawo lelisusela egameni lesilwanyana umsundu esitholakala noma esibonakala uma kade lina izulu. Umsundu uma uhamba uyazihudula phansi enhlabathini. Umsundu uma uhamba udonsa nayo yonke into oyifica phansi enhlabathini ngoba usuke uzihudula. Kuthiwa endulo abantu ababakhele lo mfula uMsunduza kwakuthi uma usugcwele bawufanise nomsundu ngoba kwathi uma udla izindiwani uze nawo wonke amabibi, utshani, izihlahla ezincane nokunye okuningi. Kuthiwa abantu bendawo babethi ukugcwala kwalomfula kwakufana nokomsundu uza ngakubona . Ngaleso sizathu bawuqamba igama bathi uMsunduza

*iyaqhubeka

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo