Mlalazi

Umlando ngesibongo sakwaMlalazi

Abantu bakwaMlalazi batholakala eNingizimu yezwe laseZimbabwe , engxenyeni eyaziwa ngokuthi kukwaMzilikazi noma kwaMthwakazi nokuyingxenye eyabe iyizwe leNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo ngaphambi kokuba idliwe ngamaNgisi ngowe 1893. Laba bantu babuye baziwe ngokuthi bangabakwaDumane. Abantu bakwaMlalazi bangabanye babeNguni abasuka kwaZulu neNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana ,bagcina sebezinze kwaMthwakazi. Laba bantu babedume ngokuba zinyanga zensimbi , babencibilikisa amatshe bakhande ngawo imikhonto, amageja, imimmese kanye nokunye . Kuthiwa umsebenzi wabo wabenza baceba kakhulu ngoba imikhiqizo yabo babeyidayisa ngezimbuzi nangezinkomo. Ngakho-ke bagcina sebecebe kakhulu izinkomo zekungu-Chibidolo uqobo. Isibongo sabo sakwaMlalazi basithola ngaso isizathu sokudayisa imilalazi nokungamatshe asetshenziswa ukulola noma ukucija imikhonto nemimmese. Ngomsebenzi wabo babuye bathola nesithakazelo esithi bango-‘Silolamkhonto’ . Laba bantu bakwaMlalazi kuthiwa babephana kakhulu , ngalakho-ke bagcina sebethole isithakazelo esithi bango-‘Ngalonde’

Isizwe sakwaMthwakazi sixube izizwe eziyingxubevange esingabala kuzo abaNguni(Xhosa, Swati, Zulu, Ndebele), Tswana, Khalanga, Nambiya, Pedi, Lobedu, Venda, Tonga, Tsonga, kanye nezinye. AbakwaMlalazi bona-ke sibathola bakhe kanye nesizwe sabaTswana abaziwa ngokuthi bangabaTswapong ingakho iningi labantu bakwaMlalazi likhuluma isiTswana. AbaTswapong babizwa ngokuthi ngabaJwabheni ngolimi lwesiNdebele.


IQhawe labantu bakwaMlalazi ngu- Kenias Mlalazi owabe emlweli weNkululeko ngeminyaka yama 70s. Waqeqeshelwa ezempi ezweni laseGibhithe ngonyaka ka 1962 .

Izithakazelo zakwa-Mlalazi

-Mlalazi

-Silolomkhonto

-Sokhethabahle

-Ngalonde

-MaJwabheni(BaTswapong)

-Mangavula

* Ake ngime lapho okwanamuhla nina beNkosi usewashaye elekanyakana uNondlini, usewashaye elekanyakana amathunga!

#Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo