Izithakazelo nomlando wakwaSibisi
Abantu bakwaSibisi imvelaphi yabo ikubeSuthu abaziwa ngokuthi bangaMakgwakgwa , aMakgwakgwa wona aphuma kubeSuthu abaziwa ngokuthi ngaBahlakwana [ Bahlakwana] . Ukhokho walaba bantu bakwaSibisi nguMahlatsi indodana kaKherehlwa kaMashiane kaMolapo . ABahlakwana nabo baphuma kuBAFOKENG . U-Mahlatsi ubuye abe ngukhokho wabakwaMncube , Khambule , nabakwaMlotshwa . Zimbili izingxenye zabantu bakwaSibisi . Kukhona ingxenye eyaziwa ngokuthi yi’Zibisi zakwaButhela , ezimlomo ubomvu nabantwana bazo, zakwaSikiti sanga impongo yembuzi ”. Iqhawe elagqama kakhulu kulengxenye yabakwaSibisi nguMtshana owabe eliqhawe leLembe . Yena-ke wazala u-Mnqandi ongomunye wamaqhawe akha umuzi wasoNdini oluMahlikihlikana nokwabe kuwumuzi weSilo u-Cetshwayo kaMpande. U-Mnqandi wayengelinye lamaduna eSilo u-Cetshwayo nokwathi ngemuva kokubuya kwaso ekudingisweni oMnqandi kanye namanye amaduna bahlala oNdini botha iSilo u-Cetshwayo . Kanti kuzothi besahleli bengazelele bahlaselwe ngamaNgisi ngesandla sikaMntwana u-Zibhebhu Zulu . U-Mnqandi naye wafa ngalolo suku lwamhla uMntwana u-Zibhebhu eshobicisa oNdini mhla zingama 22 kuNtulikazi 1883.
U-Mnqandi wazala u-Sishishili noSivelo . NguSishishili owathatha ubukhosi ngemuva kokukhothama kukaYise u-Mnqandi .
Ingxenye yesibili yilena eyaziwa ngokuthi ingeyakwaMahlase . Lengxenye izibiza ngegama likakhokho wayo u-Mahlatsi [u-Mahlase] .Le ngxenye ingeyesende likaNomashingila . Kukule ngxenye lapho kuphuma khona izinsizwa ezifana noBhovungane , oNtshuku oGawula , oSoshaya kanye noMxhamama owabe eyisilomo seNgonyama u-Shaka ebuye abe yiMbongi yayo . U-Mxhamama wayezalwa nguSoshaya eyisilomo esikhulu seLembe . Kwathi lapho kukhothame indlovukazi u-Nandi nguyena u-Mxhamama owayetshela iNgonyama u-Shaka ukuthi kukhona abanye abantu okungazange kuphume ngisho nolulodwa unyembezi . U-Mxhamama wafa ebulawa yiNgonyama yaseMgungundlovu iNgonyama u-Dingane . Isizathu kwaba wukuthi wayelokhu ememeze njalo ethi ‘Niyayibulala iNkosi na?”. Esho iLembe .
Kusuke kushiwo yena ezibongweni zeNgonyama u-Dingane uma kuthiwa
”Wamudla u-Mxhamama eZibisini ”!
Izithakazelo zakwaSibisi
Sibisi
Mahlase
Bhovungane
Wena obhincisa umuntu ngojojo
Abanye bebhinca ngobuhlalu nobusenga
Mlotshwa
Nomashingila kaMbango
Kulobe u-Kholo Khumalo INxazonke
Ngithi angibonge ngeqhaza nangegalelo lakho ekugcineni nasekulondolozeni umlandu wesizwe sabomdabu bakulelizwe lobabomkhulu. Ngifunda lukhulu ngezibongo ezehlukahlukene nemilandu yazo. Ngithi kulokho konke okwenzayo. Unwele olude.
However, I have a special request lapha, mayelana nesibongo sakwaNgubeni nomlandu waso. Mina uqobo lwami, ngizithola ngemukwe amandla ngenxa yokuthi akukho lapho thina balesisibongo sizimela khona…siba yimixhantela yezinye izibongo kuphela. Kuqhama uNkomo kuphela, besekuvela nohide lwezibongo kodwa lutho ngesakwaNgubeni ezimele yedwa….akuveli ngisho neqhaza abakwaNgubeni ababelibambile esizweni, bengiyaye ngizwe nangoMpindela kaLuvuno, okuningi lanabhungu alesibongo aqanjwa ngaye. Kukhona imizi eminingi anabafana abethiwe ngoMpindela, lokhu ngikubona koFacebook: Mpindela Ngubeni abayidlanzana. Kufana noMazotho or Mazotha or Mazondwa….hhayike lesithakazelo sona asikaze sicace kahle ukuthi sibizwa kanjani ngoba sehluka indlu nendlu. Bezicelela ukuba ungibusise ngomlandu nezithakazelo zakwaNgubeni ezimele njengesibongo, nakho nje ukuthi abakwaNgubeni banabo yini ubukhosi babo obuzimele noma cha. Ngiyabonga.
Ngikuzwe kahle Mntungwa ngizokwenza njengoba ucela qhawe lakithi
Mtungwa ngicela uke ungibhekele umlando wakwa Nqubuka….uma bethakazela bathi…Mlotshwa Dladlama Mbovana Magadlela….ngyabonga
Ngicela umlando ngesibongo sakwa Mngoma