Sigola

Umlando ngaMaNgwane akwaSigola:

Abantu bakwaSigola batholakala eNingizimu yezwe laseZimbabwe endaweni okwabe kuyizwe leNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo ngaphambi kokuba lidliwe ngamaNgisi ngowe 1893 ku-Lwezi empini yaseGadade. Laba bantu bakwaSigola bayingxenye yabaNguni abasuka neNkosi u-Mzilikazi kwaZulu basingisa amabombo enyakatho. Laba bantu bakwaSigola babekade beyingxenye yamaNgwane akwaLanga kwaSokhanyile. La MaNgwane akuwona awakwaHlongwane . Abantu bakwaKhanyile , abakwaLanga , abakwaMchunu , abakwaNgqulunga ,kanye nabakwaMajola bahlobene kakhulu ngoba bonke kuthiwa baphuma eNkosini u-Malandela esigodlweni sayo sakwaNkomonye . AbakwaLanga nabakwaKhanyile basabazisa kakhulu ubuhlubo babo futhi yibona abazibiza ngokuthi bangaMaNgwane. Akucaci kahle ukuthi kwakungubani kahle-hle u-Sigola kodwa okuvelayo wukuthi esendeni lakhe kwaphuma isithole esazala iSokanqangi leNkosi u-Mzilikazi u-Mangwana . Abantu abagqama kakhulu emlandwini waMaNgwane akwaSokhanyile u-Mdlaka ka Sodumase Langa owabe eyiNduna yeButho leNkosi u-Shaka elalaziwa ngokuthi wu-Fasimba kanye noPhakathwayo Khanyile owabe eyiNduna yeNkosi u-Cetshwayo .

Ngasohlangothini olwenyuka neNkosi yaBeNtungwa nokuwuhlangothi lwakwaSigola umuntu esimbona egqama kakhulu u-Maqandela Sigola owabe eyiNduna yeButho leSiphizi elalibuye liqaphe umuzi waseSiphezini ngaseMzingwane . Indawo eyayakhe umuzi waseSiphezini namuhla yaziwa ngokuthi kukwaSigola kususelwa kuye u-Maqandela Sigola . Kwathi ngemuva kokushona kweNduna u-Maqandela isihlalo sathathwa indodana yayo u-Madawe eyabuthelwa eButhweni leMbizo iNduna yalo okwabe kungu-Mtshana ka Sinanga Khumalo . IMbizo yabuthwa iNkosi u-Lobhengula.


Kwathi ngemuva kokushona kweNduna u-Madewe kwaphatha indodana yayo u-Simon owashona ngonyaka ka 1963 . Ngemuva kokushona kweNduna kwaphatha INdlalifa yayo u-Ntanana Zephaniah Sigola osaphethe namanje

Ake ngime lapho nina beNgabade

#Khumu!

Izithakazelo zakwaSigola

-Langa

-Gidizela ka Langa

-Maqandela

-Madewe ka Maqandela

-Ngwadi ka Madinsi ka Chishwayo

-Mhayimba wezinhlendle

-Bhiyozo

-Imilenze ibomvu yomibili

-Ngwazi eNkulu ka Shaka

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo