Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Nxumalo

Umlando ngesibongo sakwaNxumalo Abantu bakwaNxumalo bayingxenye yabakwaNdwandwe , bayindlu encane yakwaNdwandwe. Nabo bangabaMbo Nguni ngokwezigaba zabaNguni njengabo abakwaNdwandwe.Lendlu encane yakwaNdwandwe ingeyesende likaManukuza umfowabo kaMavuso kaLanga wokuqala owayebuye abizwe ngokuthi nguM... qhubeka ufunde »

Ngema

Izithakazelo nomlando wakwaNgema  Lo mlando ucashunwe encwadini kaSenzo Mbatha ethi Izibongo zakwaZulu.Ukhiwe phezulu. Abantu bakwaNgema bangabaNguni abawuhlobo lwabaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni.Laba bantu bakwaNgema babuye baziwe ngokuthi bangabaseMangadini.Kanti futhi laba bantu kusengaba... qhubeka ufunde »

Ndlovu

Umlando ngesibongo sakwaNdlovu Abantu bangabeSuthu badabuka eLesotho.Ekufikeni kwabo kwelakwaZulu bafike bakhonza esizweni sabantu bakwaNxamalala.Laba bantu bakwaNdlovu bangabantu bakaMatsimane wakwaTlou noma uMotaung.Kuthiwa abantu ababekhuluma ulimi lwesiZulu behluleka ukuphimisa igama noma ngithi... qhubeka ufunde »

Nsele

Umlando ngesibongo sakwaNsele Abantu bakwaNsele bangaBambo Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Laba bantu bakwaNsele babuye baziwe ngokuthi bangabaseMangweni, basekanye nabantu bakwaZwane,abakwaHudla, abakwaCebekhulu , abakwaNdiweni kanye nabanye.UNsele okwaqanjwa ngaye isibongo nguNsele wesibili indodana... qhubeka ufunde »

Ngcobo

AbakwaNgcobo  Abantu bakwaNgcobo bangaMalala avela eNyakatho nezwe.Abantu bakwaNgcobo sibathola beneNdlunkulu,iQadi kanye neKhohlwa kuze kufike nakwisizinda. Ukuze uchazeke kahle umlando wakwaNgcobo kumele uchazwe ngezindlu Ukudabuka kabantu bakwaNgcobo Kuthiwa umuntu wokuqala owaba yinzalabantu, s... qhubeka ufunde »

Nzama

Abantu bakwaNzama baphinde baziwe ngokuthi ngabakwaWosiyana. Noma kwesinye isikhathi ngenxa yokwehlukana kwezigodi kuyaye kuthiwe ngabakwaZama, bamyeke uhlamvu-N ekuqaleni. Imvelaphi yabantu bakwaNzama iqhamuka kubantu bakwaNgcobo. Bazalana kakhulu nendlu kaMkheshane(Shangase).Phela uMkheshane ngumn... qhubeka ufunde »

Ngubane

Abantu bakwaNgubane bangabaNguni bohlobo lwaMathonga Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Lesi sibongo sakwaNgubane siphuma kwesakwaMkhize ,inkosi uSibiside eyadabula abantu abakwaNgubane. AbakwaMkhize bona bangabaNguni bohlobo lwabaMbo Nguni ,noma ngithi abaNguni baseMbo. Isibongo sakwaNgubane singesinye ... qhubeka ufunde »

Ntombela

Abantu bakwaNtombela baxhumene kakhulu nabakwaZulu kanye nabakwaQwabe. Ukhokho wabo nguNtombela kaLuzumana owabe engumfowabo omncane wenkosi uMalandela ,uMalandela uyise woQwabe noZulu. NguNtombela owasala ebheke amadodana enkosi uMalandela ngemuba kokukhothama kwayo .  Elinye igama likaNtombela kw... qhubeka ufunde »

Ngidi

Abantu bakwaNgidi bangaManguni angamaLala ngokwezigaba zobunguni. Phela abantu bakwaNgidi baphuma ozalweni lukaVumizitha wazala abakwaNgcobo. Abantwana bakaVumizitha abaziwayo uNgcobo, uMkheshane kanye noNgidi. Akucaci ukuthi balamana kanjani kodwa siyazi ukuthi kungenzeka ukuthi bazalwa omama abahl... qhubeka ufunde »

Ntanzi

Abantu bakwaNtanzi baphuma kubantu bakwaNtombela , lokho kusho ukuthi bangabaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni njengabo abakwaNtombela. AbakwaNtombela bona baphuma kuNtombela owabe engumnawa wenkosi uMalandela ka Luzumana, enguyise omncane oQwabe noZulu. Laba bantu bakwaNtanzi endulo sibathola ba... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!