Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Nkuna

Abantu bakwaNkuna baphuma kubantu bakwaKhumalo .  Isizwe sakwaKhumalo ngesikhathi seNkosi uDingiswayo sasakhe eBabanango kuhambe njalo kuze kuyofika koNondweni. Inkosi uMagugu ka Gasa eyayibusa abakwaKhumalo ngaleso sikhathi .  Kuhambe kwahamba kwagcina kudaleke obunye ubukhosi ngoba oMashobana ka... qhubeka ufunde »

Ntshembeni

Abantu bakwaNtshembeni kusengabantu bakwaKhumalo . Ngakho-ke nabo bawela esigabeni saMaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni . Babuye babe ngaMantungwa ngokobuzwe , bakanye nabo abakwaKhumalo , abakwaMabaso , abakwaNyawose , abakwaNyandeni kanye nabanye. UNtshembeni okwaqanjwa ngaye isibongo wayeyind... qhubeka ufunde »

Nkwanyana

Umlando ngesibongo sakwaNkanyana. Lo mlando ucashunwe encwadini ka Senzo Mbatha esihloko sithi “Ziphuma eGuleni” . Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo. Abantu bakwaNkwanyana baphuma kubantu bakwaNdwandwe ,esibathola endulo bakhe lapho sekukwaNongoma khona namuhla. Namuhla sibathola bez... qhubeka ufunde »

Ngongoma

Umlando ngesibongo sakwaNgongoma. Abantu bakwaNgongoma bangaMalala Nguni ngokwezigaba zabaNguni, basekanye nabantu bakwaNgcobo, abakwaNgidi, abakwaShangase , abakwaHlabisa , abakwaNzama, abakwaChamane kanye nabanye. Zonke lezi zibongo ziphuma kuVumizitha ,owayephila eminyakeni eminingi kakhulu eyadl... qhubeka ufunde »

Nsele

Umlando ngesibongo sakwaNsele Abantu bakwaNsele bangaBambo Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Laba bantu bakwaNsele babuye baziwe ngokuthi bangabaseMangweni, basekanye nabantu bakwaZwane , abakwaHudla, abakwaCebekhulu , abakwaNdiweni kanye nabanye. UNsele okwaqanjwa ngaye isibongo nguNsele wesibili indod... qhubeka ufunde »

Njilo

Umlando ngesibongo sakwaNjilo Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo *Lo mlando ucashunwe encwadini ka Senzo Maswidi Mbatha esihloko sithi ‘Ziphuma eguleni’ Abantu bakwaNjilo bangamaDebe Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Endulo sibathola bakhe ngasemfuleni uMlaza , kodwa ngenxa yezimpi ezazid... qhubeka ufunde »

Nzimande

Umlando ngesibongo sakwaNzimande *Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo* Imvelaphi yabantu bakwaNzimande iseSwazini .Laba bantu bakwaNzimande bangaBambo Nguni ngokwezigaba zabaNguni. AbakwaNzimande baphuma ebukhosini baseSwazini, baphuma kuNdzimandze owabe engenye yamadodana enkosi uDlamini, elamana... qhubeka ufunde »

Ntanzi

Umlando ngesibongo sakwaNtanzi Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo(Bongani Kholo Khumalo) Abantu bakwaNtanzi baphuma kubantu bakwaNtombela , lokho kusho ukuthi bangabaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni njengabo abakwaNtombela. AbakwaNtombela bona baphuma kuNtombela owabe engumnawa wenkosi uMalan... qhubeka ufunde »

Nkiwane

Umlando ngesibongo sakwaNkiwane Abantu bakwaNkiwane batholakala eNingizimu yezwe yaseZimbabwe endaweni ebizwa namuhla ngokuthi kukwaMzilikazi noma kwaMthwakazi. Eminyakeni eyedlule kuke kwaba nomdlali webhola owakulesi khona eZimbabwe ogama lakhe kwakungu-Melusi Nkiwane. Lo Mdlali wayeyiSitobha , wa... qhubeka ufunde »

Ndondo

Abantu bakwaNdondo kusengabantu bakwaHadebe , ngakho-ke ngokwezigaba zabaNguni nabo bangabaNguni abawuhlobo lwabaMbo Nguni njengabo abakwaHadebe . Laba bantu babuye baziwe ngokuthi nangaMaHlubi  , kususelwa egameni likaKhokho wabo uHlubi wayephila kudala kakhulu. UHlubi wayeyindodana kaHadebe okwaw... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!