Umlando ngesibongo sakwaNkiwane
Abantu bakwaNkiwane batholakala eNingizimu yezwe yaseZimbabwe endaweni ebizwa namuhla ngokuthi kukwaMzilikazi noma kwaMthwakazi. Eminyakeni eyedlule kuke kwaba nomdlali webhola owakulesi khona eZimbabwe ogama lakhe kwakungu-Melusi Nkiwane. Lo Mdlali wayeyiSitobha , wayebuye adlalele neqembu lesizwe lakhona eZimbabwe.
Laba bantu bakwaNkiwane kuthiwa babekade bengababakwaShabalala. Kuthiwa basuka ezweni labo eSwazini kusabusa iNkosi u-Sobhuza Dlamini baphikelela lapho sekuseZimbabwe khona bafike bazinza eNingizimu yezwe laseZimbabwe. Indawo abafike bazinza kuyo yayisaphethwe ngabaLozwi(ingxenye yabeNyayi) , kodwa kuhambe kwahamba yagcina isiphethwe iNkosi yabakwaKhumalo iNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo. Kuthiwa ohambweni lwabo bafike baphumula ngaphansi kwesihlahla soMkhiwane owawuthele izithelo zamakhiwane zithe cithi saka . Kuthiwa bejabula kakhulu ngenkathi bebona lo Mkhiwane kwazise nephango laselihlasele . Kuthiwa bazitika kulowo Mkhiwane kangangokuthi bagcina begobe namadlangala kuleyo ndawo (ukwakha izindlu zezikhashana/temporary houses) . Bagcina bethuthile kulawo madlangala baqhubeka nendlela. Ngesizathu sokuthi babesindiswe uMkhiwane enkemaneni bangcina bezibizwe ngokuthi bangabakwaMkhiwane , kuhambe kwahamba bagcina bebizwa ngokuthi bangabakwaNkiwane ngenxa yokubhimba isiNguni kwabaNyayi ababebuswa iNkosi u-Mambo. Sebefikile kwelabeLozwi kuthiwa iNkosi u-Mambo yamekela kahle kakhulu ,yabasikela nezwe. Kuthiwa yabathanda kakhulu kangangokuthi yagcina isibanike nasibongo sakwaMoyo nokuyisinongo saseBukhosini bakwaLozwi . Kuthiwa vele iNkosi u-Mambo kwakungumkhuba wayo ukuthi uma yayithande isizwe -isinike isibongo sakwaMoyo.
Kwathi ngesikhathi leya ndawo yasebuLozwi isiphethwe iNkosi u-Mzilikazi abantu bakwaNkiwane banyomuka esibongweni sakwaMoyo babuyela kwesabo sakwaNkiwane, abanye babo bazibiza ngokuthi bangabakwaMthunzi bekhumbula umthunzi wesihlahla soMkhiwane. Laba bantu bakwaNkiwane babedume ngemilingo , kuthiwa uMfula uMguza babewuwela udla izindiwani. Kuthiwa babenengubo yabo ababeyendlala phezu koMfula ogcwele bese bewela ngayo . IQhawe elikhulu lakulesi sibongo sakwaNkiwane ngu- Abraham Nkiwane owahola ithimba elalanda izikhali kwamanye amazwe ngesikhathi soMzabalazo waseZimbabwe . Kuthiwa wayezifihla ePulazini likaYise ngaseLuphanda eLupane.
Ake ngime lapho nina beNgabade
Izithakazelo zakwaNkiwane
-Mthunzi
-Owaphumula amaKhosi namaKhosazana
-Madikane
-Zinkom’ezadliwa kwaDlamini eSwazini
-Mndambeli
-Mahamba phambi kukaMzilikazi
-Woze
-Ngubonkulu/Majilagulu
-Dulo la Mambo
-Gumi labakazi(iShumi labafazi)
-Fuzwayo
-Buhlalu beNkosi
-Majikeduze
-Jetsheni
-Makhuthwa lugodo
-Funamajiba
-Wunkwe osela laph’okungasel’ezinye
-Nyankombe ozond’intaba
-Sima solithubela
#Ulibinda
#Khumu!