Umlando ngesibongo sakwaNkiwane
Abantu bakwaNkiwane batholakala eNingizimu yezwe yaseZimbabwe endaweni ebizwa namuhla ngokuthi kukwaMzilikazi noma kwaMthwakazi. Eminyakeni eyedlule kuke kwaba nomdlali webhola owakulesi khona eZimbabwe ogama lakhe kwakungu-Melusi Nkiwane. Lo Mdlali wayeyiSitobha , wayebuye adlalele neqembu lesizwe lakhona eZimbabwe.
Laba bantu bakwaNkiwane kuthiwa babekade bengababakwaShabalala. Kuthiwa basuka ezweni labo eSwazini kusabusa iNkosi u-Sobhuza Dlamini baphikelela lapho sekuseZimbabwe khona bafike bazinza eNingizimu yezwe laseZimbabwe. Indawo abafike bazinza kuyo yayisaphethwe ngabaLozwi(ingxenye yabeNyayi) , kodwa kuhambe kwahamba yagcina isiphethwe iNkosi yabakwaKhumalo iNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo. Kuthiwa ohambweni lwabo bafike baphumula ngaphansi kwesihlahla soMkhiwane owawuthele izithelo zamakhiwane zithe cithi saka . Kuthiwa bejabula kakhulu ngenkathi bebona lo Mkhiwane kwazise nephango laselihlasele . Kuthiwa bazitika kulowo Mkhiwane kangangokuthi bagcina begobe namadlangala kuleyo ndawo (ukwakha izindlu zezikhashana/temporary houses) . Bagcina bethuthile kulawo madlangala baqhubeka nendlela. Ngesizathu sokuthi babesindiswe uMkhiwane enkemaneni bangcina bezibizwe ngokuthi bangabakwaMkhiwane , kuhambe kwahamba bagcina bebizwa ngokuthi bangabakwaNkiwane ngenxa yokubhimba isiNguni kwabaNyayi ababebuswa iNkosi u-Mambo. Sebefikile kwelabeLozwi kuthiwa iNkosi u-Mambo yamekela kahle kakhulu ,yabasikela nezwe. Kuthiwa yabathanda kakhulu kangangokuthi yagcina isibanike nasibongo sakwaMoyo nokuyisinongo saseBukhosini bakwaLozwi . Kuthiwa vele iNkosi u-Mambo kwakungumkhuba wayo ukuthi uma yayithande isizwe -isinike isibongo sakwaMoyo.
Kwathi ngesikhathi leya ndawo yasebuLozwi isiphethwe iNkosi u-Mzilikazi abantu bakwaNkiwane banyomuka esibongweni sakwaMoyo babuyela kwesabo sakwaNkiwane, abanye babo bazibiza ngokuthi bangabakwaMthunzi bekhumbula umthunzi wesihlahla soMkhiwane. Laba bantu bakwaNkiwane babedume ngemilingo , kuthiwa uMfula uMguza babewuwela udla izindiwani. Kuthiwa babenengubo yabo ababeyendlala phezu koMfula ogcwele bese bewela ngayo . IQhawe elikhulu lakulesi sibongo sakwaNkiwane ngu- Abraham Nkiwane owahola ithimba elalanda izikhali kwamanye amazwe ngesikhathi soMzabalazo waseZimbabwe . Kuthiwa wayezifihla ePulazini likaYise ngaseLuphanda eLupane.
Ake ngime lapho nina beNgabade
Izithakazelo zakwaNkiwane
-Mthunzi
-Owaphumula amaKhosi namaKhosazana
-Madikane
-Zinkom’ezadliwa kwaDlamini eSwazini
-Mndambeli
-Mahamba phambi kukaMzilikazi
-Woze
-Ngubonkulu/Majilagulu
-Dulo la Mambo
-Gumi labakazi(iShumi labafazi)
-Fuzwayo
-Buhlalu beNkosi
-Majikeduze
-Jetsheni
-Makhuthwa lugodo
-Funamajiba
-Wunkwe osela laph’okungasel’ezinye
-Nyankombe ozond’intaba
-Sima solithubela
#Ulibinda
#Khumu!
Imbali le yakwaNkiwane iqondilo. Yenza Nkiwane owafika kulelizwe wayenguMnxaba. Abalapha kwabehlula bambizo ngokuthi Nshaba. Waphumula eMtshabezi wazala isizwe wasesizwa udletshana lokuthi bayamlonda abeSwatini wanyalala. Wavimbuluka eseseNkiwaneni( Today Figtree) lapho ahlala khona labakwaMambo waze wathandeko wathiwa nguMoyo. Kahle kahle wayengowesikhosinibeSwatini wasuka engafuni umbango owawusukhona. UMambo wamemukelo mgobukhosi. Babehlezi lengxenye yakoMalaba abadala uWobhodo kwaze owafika uMzilikazi. Alina kwasekulocuku lobukhosi uNkulumane esebiselwa emuva wemukelwa kwaNkiwane wasesudukela eMzansi Rustenburg. UMnxaba esizwa ukulondwa wanyalala okwesibilibetshiya isizwe sale esesibili koNetshasike. Wavimbuluka eceleni kukaManzamnyama entshonalanga yeTjefunye eBuKalanga. Wayeyindoda eyayiphethe okwesintublokwelapha ihlonipheka. Kwakulesiziba lapha ayesenzela khona ubungcwethi bokwelapha. Wazala isizwe sesithathu njalo esokucina. Ngalokhu uMnxaba wazala isizwe ezintathubkulelizwe eMtshabezi abaqhela besiya eNkabazwe leNkayi. ENkiwaneni(Figtree) abaqhela besiya eKezi,Botswana. Esesithathi abahlala ePlumtree abanye baya eTjolotjo leLupane. Umhlabeleli wodumo owaqala I Zimbabwe People’s Revolutionary Stars(an aspect of Zpra) uSolomon Skhuza gonzalo kaNkiwane. UAbraham Dumezweni omunye wensika yenkululeko gonzalo kaMnxaba,UMelusi umdlali webhola laye. UDr S.Nkiwane, Qgwetha. V.Nkiwane yinzalo kaMnxaba. Esikolweni sakwaNshaba(Mnxaba) kulapho okulele uMwendambeli(trail blazer Makhiwane/Nkiwane)