Nzimande

Umlando ngesibongo sakwaNzimande

*Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo*

Imvelaphi yabantu bakwaNzimande iseSwazini .Laba bantu bakwaNzimande bangaBambo Nguni ngokwezigaba zabaNguni. AbakwaNzimande baphuma ebukhosini baseSwazini, baphuma kuNdzimandze owabe engenye yamadodana enkosi uDlamini, elamana noNkosi owabe eyinkosana futhi okunguyena owalandela inkosi uDlamini esikhundleni sobukhosi, futhi okwaphuma kuye abakwaNkosi-Dlamini, uNdzimandze yena wayelanywa uMamba owazala abakwaMamba. Laba bantu bakwaNzimande babuye babizwe ngamaPhephethe kususelwa egameni likakhokho wabo uMphephethe. Igama elithi Ndzimandze liyigama lesiSwazi elisho ukuthi Ndimande(indima ende). Kepha ngicela abeSilo bengadideki babize abakwaNzimande ngoNdimande ngoba leso sekungesinye isibongo, sekungoGcwensa , abangahlobene nhlobo namaPhephethe . KwaNzimande kwabuye kwaphuma ezinye futhi izibongo esingabala kuzo esakwaVilakazi, Ndabandaba, Khathide , Ngobe, Ndabandaba, kanye nezinye . KwesakwaVilakazi kubuye kuphume esakwaMkhaliphi , esakwaBinda nesakwaJili. Kanti futhi kufuneka sikhumbule ukuthi zimbili izibongo zakwaNdabandaba, kukhona esasemaPhephetheni ,kanye nesasemaShengeni. Akucaci kahle -hle ukuthi ngubani owayezala uMphephethe kodwa esikutholayo wukuthi uyise wakhe wakhula kakhulu waze wadonswa ngesikhumba , kangangokuthi uMphephethe wagcina esefuna ukuthatha isikhundla sakhe . Kodwa kwaba khona izikhulu zakwaNzimande ezakhuza umhlola  , nokwaholela ekutheni uMphephethe nabalandeli bakhe badube ikhaya balifulathele elakwaNgwane ,babheke ngezansi. Ngempela uMphephethe nabantu bakhe bawela umfula uPhongolo, badabula phakathi kwemifula iNgwede neNgwavuma bagcina sebezinze ngaphesheya koThukela. Abanye bedlula bayozinza ePholela ,eNkwezela. Amanye amaPhephethe agcina ezinze kwaNjobokazi eMkhambathini(Camperdown) . Ingxenye yesithathu yamaPhephethe yagcina izinze enhla kwaseMakhabeleni eduze nentaba yasoPhisweni, leyo ngxenye namuhla izibiza ngokuthi ingeyakwaGwala. Ngaleso sikhathi lalingakabusi iLembe. Kwathi ngesikhathi sokubusa kwalo lahlasela abakwaGwala ababebuswa yinkosi uMshika ka Khondlwana , kodwa amaPhephethe akwazi ukuzivikela ngokucacela entabeni yasoPhisweni ayeyithatha njengeNqaba yawo. ILembe labuye laphaka enye futhi impi eyahlasela abakwaGwala, kuleso sikhawu impi yeLembe yagcina ikwazile ukufinyelela eNqabeni yabakwaGwala, yabahlasela, inkosi uMshika yasala enkundleni. Isikhundla sayo sathathwa yindodana yayo uMajiya naye owagcina ehlaselwe yimpi yenkosi uZihlandlo Mkhize wasala enkundleni. Esingakuphawula wukuthi namuhla zintathu izingxenye zesizwe samaPhephethe. Kukhona amaPhephethe aseNkwezela eBulwer (Pholela) , kube khona amaPhephethe asoPhisweni bese kuba khona amaPhephethe akwaNjobokazi eMkhambathini. Omunye umuntu waseMaphephetheni owagqama kakhulu uKhilane waseMaphephetheni owabe eyinduna yeMantshi yakwaNongoma ngesikhathi seSilo uCetshwayo

*Izithakazelo zaseMaphephetheni*

-Mphephethe

-Nomandla

-Jili ka Jobela, Qabazi

-Mkhaliphi wezikhali zabafo

-Ntaba ka Maqhilika ngoyiklobelwa ubani

-Mehlomahle ngabayeni

-Vila elindimande

-Malingakhulu wabo Gama

-Shwambakany’indoda nezihlangu zayo

-Mphephethe

-Wena owadabuka phakathi kweNgwede    neNgwavuma

-Bhejane onganampondo

-Maxakaxaka umabhala ngozipho   abanye bebhala ngepensela

-Makhandakhulu

-Mphephethe wena kaGoma

-UGoma uyedwa eMaphephetheni

-Mashinga waseMaphephetheni

-Ogwaz’azame ngeKlwa eNgwede     neNgwavuma

-Malinga khula hhohho

-Bachatha ngohlanga

-Bathi akafe engafi

-Baze bamnqoba

-Ngcwingcw’ephuza kwezinde iziziba

-Ingaphuza kwemfushane ibuya nodaka

-Vunandlela wena ka Vilavoco

-Nkomozilukhuni ka Ntshozini

-KaMntunjwa ka Nondla ka Mphalazi

-Jili owazal’uFaku ka Silwane

-Ozele uMphephethe ozele uSongiya

-Lebeduna, Msingawoti

-Majili ngokujileka

-MaSwazi amhlophe

-Mantshinga

#Ulibinda Nkosi!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo