Ntanzi

Umlando ngesibongo sakwaNtanzi

Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo(Bongani Kholo Khumalo)

Abantu bakwaNtanzi baphuma kubantu bakwaNtombela , lokho kusho ukuthi bangabaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni njengabo abakwaNtombela. AbakwaNtombela bona baphuma kuNtombela owabe engumnawa wenkosi uMalandela ka Luzumana, enguyise omncane oQwabe noZulu. Laba bantu bakwaNtanzi endulo sibathola bakhe endaweni eyaqanjwa ngabo ebizwa ngokuthi kukwaNtanzi ,kwaNongoma. Kodwa bagcina befudukile kuleyo ndawo ngoba besaba inkosi uZwide ayayihlasela amakhosi ,eyayiwehlula yayiwashumpula amakhanda iyohlobisa ngawo ilawu likanina iNdlovukazi uNtombazi. Ekufudukeni kwabo abantu bakwaNtanzi bazibandakanya nabantu bakubo kwaZulu ababebuswa yinkosi uSenzangakhona ka Jama ngaleso sikhathi. Kuthiwa  isibongo sakwaNtanzi saqambeka  ngokuhlabana kwenye yezinsizwa zakwaNtombela eyabe yeyeka, kodwa kwathi uma impi isinyathela awabantwana yahlabana ngendlela eyisimanga. Impi isiphelile bababaza ozakwabo ngokuhlabana kwayo , babengathembi ukuthi uyohlabana ngaleyo ndlela,kwazise babembona elokhu entanza . Ngalokho kwedeleleka kwayo le ndoda , nanokuthi yayilokhu intanza yagcina isibizwa ngokuthi inguNtanza . Ngenxa yolimi lwesiNguni lokulumbanisa amagama le ndoda yagcina ibizwa ngoNtanzi, nozalo lwayo lwabizwa ngokuthi lungolwakwaNtanzi.Ngesikhathi sokubusa kweLembe laba bantu bahlala ngokunethezeka okukhulu, izimpi azizange zibathinte kwazise iLembe laselibafake esibongweni sakwaZulu ngoba likhumbula ubuhlobo bakwabaZulu nabakwaNtombela. Umholi wabo ngaleso sikhathi kwakunguSogatshase owazala uNobanda . Kwathi ngemuva kokukhothama kweLembe libulawa umfowabo uMntwana uDingane laba bantu bakwaNtanzi bathutha kwaZulu bayokwakha eMpaphala kwelamaMbedu. Kwathi ngemuva kwempi yaseNdondakusuka eyalwa ngowe 1856 , abantu bakwaNtanzi bathutha eMpaphala balisingisa eNingizimu nezwe .Impi yaseNdondakusuka yayiphakathi kwaBantwana beSilo uMpande oCetshwayo noMbuyazwe. Ekuthutheni kwabo eMpaphala balibhekisa eMkhomazi ,ngeshwa abayitholanga indawo yokwakha. Baphindela emuva lapho babevele ngakhona bayozama eNdwendwe , nakhona bangayithola. Ukusuka eNdwendwe babheka eMvoti, ngaleso sikhathi basebehola nguNobamba ka Sogatshase , esekhotheme uSogatshase. EMvoti kulapho bayithola khona , kulapho futhi uNobamba wakhothamela khona . Besahleli eMvoti kwafika uSomtswewu ka Sonzica (uTheophelus Shepstone  okwaqanjwa ngaye idolobha lasePort Shepstone)owabasusa eMvoti wabasa eNdwendwe. Namanje basatholakala khona eNdwendwe, izwe labo laziwa ngokuthi kuseMhlangandlovu. Bakhelene nezizwe okungesakwaNtuli endlini ka Mkhonto ka Ntwanenhle , kanye nesamaBomvu.UNobamba wazala uMbiko owazala uNembe yena ozale uMgiyo . Inkosi uMgiyo yakhothama ingenayo inkosana , ubukhosi bube sebuthathwa umnewayo okuyinkosi uMxosheni. Kubantu bakwaNtanzi kuphuma abantu bakwaFakazi.


*Lo mlando ucashunwe encwadini ka Senzo Maswidi Mbatha esihloko sithi Izibongo zakithi*

Izithakazelo zakwaNtanzi

*Ntanzi

*Ndabezitha

*Sogatshase

*Wena waseMhlangandlovu

*Wena woshol’ezidla emhlanjaneni       kaSojajase

*Mpangazitha

*Msangula

*Mahlobo

*Sobadli

*Dlukula

*Malandela

*Ngokulandela izinkomo zamadoda

#Khumu!!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo