Mkhulise

Umlando ngesibongo sakwaMkhulise

Kuloba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo(Bongani Kholo Khumalo)

Abantu bakwaMkhulise baphuma kuBaThembu bakwaMvelase , ababeholwa yinkosi uNgoza ka Mkhubukeli ngesikhathi seSilo uShaka. AbakwaMvelase bayindlu encane yaBaThembu, indlu enkulu yilena ezibiza ngokuthi ingeyakwaMthembu. Ngenkathi inkosi uNgoza ibalekela ulaka lweSilo uShaka ishona ngaseNingizimu kwelaMampondo inkosi uNgoza yake yathi ukuzinza ngaseMzimkhulu. Inkosi uNgoza nabalandeli bayo yayikade isuka ngasentabeni iQhudeni eNkandla. Yahlaselwa yiSilo uShaka , yabaleka yabheka eNingizimu yezwe, yankanisa ngaseMzimkhulu . Yathi uma isuka eMzimkhulu yashiya enye ingxenye yabantu bayo kuleya ndawo, kulabo bantu kwakukhona  nenkosana yayo eyasala ikhuliswa ngabantu bakuleya ndawo yaseMzimkhulu. Inkosana yenkosi uNgoza kwakunguNodada owazala uMganu owazala uMabizela.  Inkosi uNgoza yagcina yedlulele eMampondweni enkosi uFaku, okuyilapho yagcina ikhothamele khona. ISilo uShaka sathi uma sizwa ngokukhothama kwenkosi uNgoza sakhipha isinqumo sokuthi makulandwe inkosana yenkosi uNgoza okwakunguNodada ukuba azophatha abantu bakayise abasebezinze ngaseMsinga ngaleso sikhathi. Ngempela zaphuma izithunywa zeLembe zaphikelela khona eMzimkhulu ukuyolanda inkosana yenkosi uNgoza ,uNodada.  Ngempela zabuya naye uNodada ekanye nabalandeli bakhe , kodwa kwaba khona abantu bakwaMvelase abasala kuleya ndawo yaseMzimkhulu ngenkathi kuhamba uNodada. Labo bantu basala sebebizwa ngokuthi bangabakwaMkhulise . Umholi wabantu bakwaMkhulise kwakunguMacala, owazala uMantshinga . Namanje abantu bakwaMkhulise basekhona eMzimkhulu ,nakoMkhomazi. Namaliba amakhosi akhona asakhothama alele khona eMzimkhulu naseMkhomazi.  AbakwaVodacom sebagxumeka umbhoshongo wokuxhumana (Network Tower) eduze kweliba lamanye amakhosi akwaMkhulise, bawugxumeka phezu kwentaba iMantshaso. Abantu bakwaMkhulise babamba iqhaza elikhulu ezimpini zakwaDlamini ngasoGwini. Ikakhulukazi empini eyabe iphakathi kwabakwaDlamini bendlu yaseMakhuzeni belwa nabakwaMemela. Kuleyompi abakwaMkhulise bayibamba ngakubantu bakwaDlamini.
*Lo mlando ucashunwe encwadini ka Senzo Maswidi Mbatha esihloko sayo sithi” Izibongo zakithi”


Ake sibalamanise oMkhulise

Inkosi uMacala yazala inkosi uMantshinga eyazala inkosi uMandatha , yona yazala inkosi uNyamazane , inkosi uNyamazane yazala inkosi uMzwakhe eyazala inkosi uKhululekani

Izithakazelo zakwaMkhulise

Mvelase

Nina baseQhudeni

Nina bakaNgoza ka Mkhubukeli

Nina baseMlamlankunzi ongaziyeki zibulalane

Mnisi wemvula ilanga libalels

#Khumu!!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo