Umlando ngesibongo sakwaNjilo
Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo
*Lo mlando ucashunwe encwadini ka Senzo Maswidi Mbatha esihloko sithi ‘Ziphuma eguleni’
Abantu bakwaNjilo bangamaDebe Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Endulo sibathola bakhe ngasemfuleni uMlaza , kodwa ngenxa yezimpi ezazidlangile ngaleso sikhathi abantu bakwaNjilo babuye bathutha kuleya ndawo bayokwakha ngaseMngeni. Bathi basazihlalele ngaseMngeni bahlaselwa yinkosi yamaBhaca uMadzikane ayayizinze eMzimkhulu. Ngesikhathi behlaselwa yinkosi uMadzikane abantu bakwaNjilo babeholwa yinkosi uSibenya ka Sali ka Mdluli ka Yengeza . Kwathi ngemuva kokukhothama kwakhe abakwaNjilo baholwa uMukazi ka Macoco ka Ndwandwa . Kubantu bakwaNjilo kuphuma abantu baseManyavini , baphuma kuMsoceli ka Sali. UMsoceli lona wabe engumnawakhe kaSibenya . Kukhona ingxenye yabakwaNjilo eyabheka ezansi nomfula uMlaza , leyo ngxenye yayiholwa uMakhosikazi Njilo. AmaNjilo ka Makhosikazi agcina esebizwa ngokuthi angabakwaCindane . Abantu bakwaNjio sibathola eTable Mountain ngaseMkhambathini kuze kuyokwenabela kwaKito(e-Cator Manor )
Ukwelamana kwabakwaNjilo
Umuntu esiqala ukuzwa ngaye nguLuyeme owazala uMbongoza owazala uYengeza owazala uMdluli, uMdluli yena wazala uSali. USali wazala iSibenya noMsoceli . UMsoceli wazala abantu baseManyavini. Wazala uNomsimekwana owazala uNgangezwe . UKhohlela wazala uSodela owazala uNdwandwa owazala uMacoco, yena owazala uMukazi
*Sicela owazi izithakazelo zakwaNjilo noma ezaseManyavini asilolobele zona kwiComment Section*
Abantu bakwaNjilo ngazi mina kungama lalaNguni kuyavela emlandweni ukuthi amadebe namalala ayinokuhlalelana okwenza ukuthi kubuye kudidise
Njilo
Fayise
Jiba ongadliwa zinyoni
Bambisa
Busuku
Nondabula
Mzikiza
Phenya
Obhala ngozipho abanye bebhala ngephensela
Omalima ngomsunu amageja ephelile
Omziwelanga.