Mpontshane

Umlando ngesibongo sakwaMpontshane

Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo

Lo mlando ucashunwe encwadini ka Senzo Maswidi Mbatha ethi ‘Ziphuma eguleni’

Abantu bakwaMpontshane kusengabantu bakwaButhelezi, baphuma kuJeqe Buthelezi owabe eyiNsila yeSilo uShaka . Ngenkathi uJeqe eyiNsila laphaya kwaDukuza esigodlweni seLembe noNgqengelele Buthelezi wayekhona, naye engesinye sezikhulu zeLembe. Kwathi lapho sekusocongwe iLembe lisocongwa ngabafowabo aBantwana oMbopha , Dingane noMhlangana kwafanele uJeqe endlalele iLembe(iSilo uShaka) njengesiko lesiNguni. Endulo kwakuthi uma iSilo sikhotheme sendlalelwe umuntu oseduze naso ,njengayo iNsila. Lowo muntu wayebulawa , bese kuthi uma sekutshalwa iSilo kuthathwe yena afakwe kuqala edlinzeni ,endlalele iSilo, iSilo siyobekwa ngaphezu kwakhe. Lelo yisiko elingasenziwa manje. UJeqe -ke naye nguyena okwakufanele endlalele iLembe , kodwa ngenxa yosizo lukamfowabo uNgqengelele owamyalela ukuba abeleke , wamyalela nempontshi ayezophuma ngayo ayikhomba enhla komuzi. Ngempela uJeqe wasuka wagudla uthango wayithola impontshi encane waphuma wabaleka. Wabaleka wabheka enyakatho nezwe. Kuthiwa kwakuthi nxa abantu ayehlangana nabo endleleni bembuza ukuthi ungubani aphendule ngokuthi ‘unguMpontshane’ esho ngoba phela wayephume ngempontshana ancane ayikhonjwa ngumnewabo uNgqengelele. Wahamba waze wayofika eNgwavuma, lapho agcina akhe khona owakhe umuzi wakwaMpontshane . Le nsizwa yakwaButhelezi yayibuye ibe uNdlelazinuk’umswani wenyanga. Yiwona msebenzi wobunyanga owafika wamakhela igama eNgwavuma. Waba yinyanga enedumela impela kangangokuthi iNgwenyama uSobhuza yathi uma izwa ngemisebenzi yakhe yathumela izithunywa eNgwavuma ukuba kuyolandwa uJeqe (owayesenguMpontshane) azosindisa abantu bayo eSwazini. Ngempela walandwa uMpontshane wafike wenza omkhulu umsebebenzi nakhona eSwazini. Kwahamba kwahamba wagcina ephindelile eNgwavuma. Namuhla lonke uzalo lukaJeqe luzibiza ngokuthi lungolwakwaMpontshane. Iningi lwalo lusatholakala khona eNgwavuma.

*Izithakazelo zakwaMpontshane*

-Shenge

-Sokwalisa

-Ngqengelele ka Mvulana

-Mnandi ngomondi

-Phungashe

-Nina baseMcakwini

-Klwana

#Ulibinda Nkosi !

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo