Umlando ngoSotobe ka Mpangalala

Umlando ngoSotobe ka Mpangalala Sibiya

Kuloba uBongani Kholo Khumalo

USotobe ka Mpangalala wakwaSibiya wayeyiqhawe elikhulu leZilo oShaka noDingane. Wayebuthelwe ebuthweni iNtontela ,okuyibutho okwakukhona kulo oNdlela Ntuli , uHlathi Ntshangase kanye namanye amaqhawe. USotobe wayekhona empini yaseMampondweni okuyimpi eyayiphakwe yiSilo uShaka ukuba iyohlasela inkosi uFaku yaMampondo, leyo mpi yaholwa yinduna uMdlaka ka Ncidi Ntshangase. USotobe wayengagcini ngokuba yiqhawe kuphela , wayebuye abe yimbongi, wayekwazi ukuhasha iZilo oShaka noDingane kanye namanye amakhosi asendulo. Wayebuye abe nekhono elalingandele bani, ikhono lokubala izinkomo. Nguyena owayebala izinkomo zakoMkhulu ngesikhthi seZilo oShaka noDingane. Wayevele awubheke ngamehlo umhlambi wezinkomo bese esho isibalo sawo. ISilo uShaka saze sakhipha isinqumo sokuthi izinkomo zehlukaniswe amaqoqwana ukuze kukholakale okwakushiwo nguSotobe. Kwakuthi noma izinkomo sezehlukaniswe amaqoqwana kuphume sona kanye isibalo esasishiwo nguSotobe. Ikhono likaSotobe lokubala izinkomo lamenza wabaluleka kakhulu eNdlunkulu kaZulu kwazise izinkomo zabe ziwumcebo wezwe ngaleso sikhathi. USotobe ukhumbuleka kakhulu ngo1828 ngenkathi eqokwe yiLembe ukuba ahole ithimba elalizoya eNgilandi liyobonana nenkosi yamaNgisi uGeorge wesine(uMjoji), kodwa oSotobe nethimba lakhe bagcina bengifikanga kuMjoji. Inhloso yohambo kwabe kuwuyobona izikhali zempi amaNgisi ayezisebenzisa ngaleso sikhathi. USotobe nethimba lakhe babezoholwa ngumaqhuzu wesosha uLieutnant JS King (uMkhingi). UMkhingi lona wayengomunye wedlanzana lamaNgisi elalinikwe iziza zokwakha eSibubulungu(eThekwini) ngo1824, linikwa yiLembe. Kulelo dlanzana lamaNgisi kwakukhona noHenry F Fynn owazala uGwalagwala(uHenry F Fynn wesibili) owaba ngomunye wamaNgisi ayewumise kabi umbuso kaZulu ngesikhathi seSilo uCetshwayo ka Mpande.  OSotobe bagibela umkhumbi wamaNgisi ngoNhlaba 1828, bekanye naye uMkhingi owayefunge wagomela phambi kweSilo uShaka wathi nguyena uqobo lwakhe owayezofika noSotobe kuMjoji eNgilandi. Kodwa wagcina engakwenzanga lokho ngoba uSotobe nethimba lakhe bagcina bephelele lapho sekuseGqeberha khona namuhla(Port Elizabeth), uMkhingi akabange esafika nabo kuMjoji njengokwethembisa kwakhe. OSotobe bagcina begitshezwe umkhumbi baphindiselwa kwaZulu ngemuva kokuhlala eGqeberha izinyanga ezintathu, kanti bazofica iLembe selikhotheme. Izibongo zikaSotobe ziyaluthinta uhambo lwabo uma zithi” uGxubhuza ngeshoba emkhunjini wolwandle,uLwandle kaluwelwa, luwelwa zinkonjane nabelungu, uNdaba zingaphesheya kolwandle kubelungu , uNdaba zikuMjoji kubelungu , iNdaba kaMkhingi benoFebana, Oze nolembu oluluhlaza ngaseNgilandi, lungakembathwa muntu kwaZulu. UFebana lona othintwa ezibongweni nguFG Farewell , naye wayengomunye wedlanzana lamaNgisi elalinikwe iziza zokwakha eSibubulungu linikwa yiLembe. Izibongo zikaSotobe zibuye zithinte iqhaza lakhe empini yakwaNtunjambili lapho ayejutshwe khona yiLembe ukuba ahole impi eyahlasela inkosi uNtunja yabakwaNgcobo , eyayakhe nganeno kwakwaNtunjambili ,ngasemfudlaneni iHlimbithwa. Ziyithinta uma kuthiwa “uDungamanz’aphuzwa nguNtunjwa, uMtheno owadl’omuny’uMtheno, ngoba wadl’owakwaZinkwembu”. USotobe wathi uma ebuya ohambweni lwakhe wakha umuzi wakhe awubiza ngokuthi kuseKuntwayizeni. Wawuqamba lelo gama ngoba wayengene emkhunjini engazi lapho kwakuyiwa khona, nendlela okwakuzohanjwa ngayo wayengayazi, wayentwayiza nje. Ngesikhathi sokubusa kweSilo uDingane wabekwa waba ngenye yezinduna zebutho uHlomendlini, ebekwa yisona iSilo uDingane. Wagcina esengesinye sezikhulu zeSilo uDingane, wayeke ahlale eMgungundlovu (esigodlweni seSilo uDingane). Indlalifa kaSotobe kwakunguNobiya owayebuthelwe ebuthweni uDlangezwa elalibuye libizwe ngokuthi liyibutho laMagovu. UNobiya wasala enkundleni mhla uMntwana uZibhebhu ehlasela esigodlweni seSilo uCetshwayo oNdini mhlaka 21 Ntulikazi 1883. Kulesi sibongo sakwaSibiya kuzalwa iNdlovukazi uMthaniya ezala inkosi uSenzangakhona ka Jama.INdlovukazi uMthaniya izalwa nguManyelela Sibiya, inguGogo weSilo uShaka. Kusuke kushiwo yona uma kuthiwa izwe lakwaZulu’ngelikaMthaniya’


Imithombo yolwazi
-Izizwe zamakhosi akwaZulu uMqulu 3(incwadi eyalotshwa nguSolwazi J Maphalala)
-UPhoko (incwadi eyalotshwa nguRS Khumalo)

Thola umlando ngezibongo zaboHlanga kule nqolobane www.indabukoyakho.com

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo