Umlando ngoNozishada ka Maqhoboza Nzuza

Umlando ngoNozishada ka Maqhoboza Nzuza

Ibhalwe ngu Kholo Khumalo

 

UNozishada ka Maqhoboza Nzuza wayeyiqhawe elikhulu leSilo uDingane , wayebuthelwe ebuthweni uDlambedlu ebuthwa yisona iSilo uDingane , uyise uMaqhoboza wabe engenye yezinduna zebutho uDlangezwa okuyibutho elabuthwa yiSilo uShaka . UNozishada wayezalwa yisithole sakwaKhanyile ogama laso kwakunguMasicazana , liyavela igama likaMasicazana ezibongweni zikaNozishada uma kuthiwa ‘unyawo lungangendlu yakwabo kwaMasicazana’ . Le nsizwa yakwaNzuza yaqala ukugaxwa iminyezane empini yaseMpama ngowe 1836 ngenkathi uZulu elandele inkosi uMzilikazi  yabakwaKhumalo eyayisuke kwaZulu ngowe 1821 ngemuva kwengxabano neSilo uShaka , leyo ngxabano yayimayelana nezinkomo zohlobo lukaNyonikayiphumuli . IMpama yintaba engaphezu komfula iGwa{Vaal}, leyo ntaba imise okwesandla somuntu . Empini yaseMpama uNozishada waxaka izinsizwa zakwaMzilikazi ngeKlwa waze wazitholela izihasho ezithi “unguNtaka eduke namhlambi ngob’iduke nezakwaMzillikazi . Omunye omuntu owalwa ngobuqhawe obukhulu eMpama nguDilikana ka Hlakanyana Mbatha . UNozishada wabuye wahlabana kakhulu nasempini yaseNcome ngowe 1838 mhlaka 16 Zibandlela {December}. Impi yaseNcome yalwa ngesikhathi sokubusa kweNkosi uDingane , yabe iphakathi kukaZulu naMabhunu ka Andries Pretorious . Kwathi ngemuva kwempi yaseNcome kwaqubuka ingxabano phakathi kweSilo uDingane nomnawaso uMntwana uMpande, kwagcina kuthathelenwe izikhali , yagcina edumelene mhlaka 29 Masingana{January} 1840. Amaqonqo izintatshana ezimbili ezengamele umfula uPhongo. Empini yaseMaqonqo umfoka Maqhoboza walwa ngasohlangothini lweSilo uDingane , nokuwuhlangothi olwagcina lugobe uphondo . Ize impi yeSilo uDingane yehlulwa eMaqonqo kodwa uNozishada walwa ngobuqhawe obukhulu , walalisa uyaca izinsizwa eziningi . Kuthiwa uNozishada wagwaza waze wavuvuka ingalo , washintsha wasebenzisa eyesinxele , nayo eyaggcina isikhathele kwazise yayingejwayele ukusebenza .Kwathi uma sekukhathele ingalo yesinxele wamemeza wathi ‘sondelani nizongigwaza , angithandi ukubuswa uMpande” . Amabutho kaMntwana uMpande awazange amkholwe , kuthiwa amanye amemeza axwayisa amanye ukuthi uNozishada wayewakhohlisa . UNozishada wagcina ejikijele imikhonto yakhe kude , ekhombisa amabutho kaMntwana uMpande ukuthi wayeqinisile ngayekusho .Amabutho kaMntwana uMpande agcina emkakile , amciba ngemikhonto , wagcina eshonile okaMaqhoboza . EMaqonqo uNozishada wazitholela izihasho ezithi “Unguhlangabeza uZulu eMaqonqo , Kwaze kwabuz’uNdlela ka Sompisi , Wathi: Uzawubamba yiphi mfana ka Maqhoboza na ?Wathi-ke “Nansi eyami engizawubamba kuyo” Wathi kepha ngiyakhala ngibuka nje ngiyeya, Ngibon’engathi inkos’isilethel’abafana!

Umthombo wolwazi

 


-Izizwe zaMakhosi akwaZulu {Incwadi eyalotshwa ngu-Solwazi Jabulani Maphalala, ikhasi 255}

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo