Umlando ngoZwangenda Jele iqhawe lenkosi uZwide

Umlando ngoZwangendaba Jele iqhawe leNkosi uZwide

Kuloba uBongani Kholo Khumalo

UZwangendaba Jele wayeyiqhawe lenkosi uZwide ,wayeyinduna enkulu yebutho lenkosi uZwide elalaziwa ngokuthi yibutho laMaphela . Imbongi uMxhamama ka Soshaya Sibisi iyalithinta ibutho laMaphela ezibongweni zeSilo uShaka uma ithi ‘ Izul’elidum’emuva komuzi eKuqobokeni, laduma lazithatha izihlangu zaMaphela’ . Ibutho laMaphela lalande aBantwana benkosi uZwide esingabala kubo oNomhlanjana, uDayingubo , uNqabeni, uMpepha, uNombengula, kanye nabanye. Kwathi ngemuva kokwehlulwa kwenkosi uZwide yehlulwa yiSilo uShaka uZwangendaba akathandanga ukuzinikela eMbusweni wakwaZulu, wakubona kukuhle ukuba alifulathele elakwaZulu abhekise amabombo enyakatho . Ngempela uZwangendaba walifuthela elakwaZulu ngowe 1821 wabheka enyakatho , kungalawo nyaka lapho oSoshangane ka Zikode Nxumalo noNxaba ka Mbekane nabo bafuthela elakwaZulu babheka enyakatho. USoshangane wayelwe ngasohlangothini lwenkosi uZwide , nguyena owabe engumdidiyeli wempi yenkosi uZwide. Endleleni yakhe ephikelele enyakatho uZwangendaba wahamba ehlasela izizwe, ngenhloso yokuzakhela owakhe umbuso. Ngowe 1822 uZwangendaba wakha amadlangala ngaphezu komfula iNkomati {Manice River} , akahlalanga isikhathi eside kulawo madlangala ngoba ngawo owe 1822 wafuduka wabheka lapho sekuseMbombela khona namuhla lapho afike ahlasela khona eminye yemizi yeNgwenyama uSobhuza, wathumba imfuyo kanye nabantu. Kubantu abathumba kwakukhona nowesifazane ogama lakhe kwakunguHlobiso Xaba owagcina esedume ngelika Nyamazane ngenxa yesibindi nobuqhawe bakhe . Kuthiwa kwakuthi njalo uma impi kaZwangendaba iyohlasela, uNyamazana waphuma nayo , abe yingxenye yayo futhi ahlabane kakhulu kangangokuthi uZwangendaba wagcina esemkhuphulele ekubeni ngenye yezinduna zempi yakhe .  UNdunankulu ka Zwangendaba kwakungumfowabo uNtabeni Jele , isekela likaNtabeni kwakunguMgayi ka Mafu Jele .Enye yezinduna zikaZwangendaba kwakunguZulu wakwaGama.  UMafu wayengumfowabo kaZwangendaba , yena-ke wasala kwaZulu ngesikhathi kufuduka uZwangendaba. ONtabeni noMgayi yibona ababehola impi kaZwangendaba uma iyohlasela.  Kwathi ngowe 1823 uZwangendaba wakha ngaseNingizimu yalapho sekuyizwe laseZimbabwe khona , endaweni eyabe ingenye sizwe saBanyayi. Isizwe saBanyayi sibandakanya amaKaranga , abaLozwi naBalobedu . Enye ingxenye yaBalobedu nansiya laphaya eTzaneen, ibuswa yiziNdlovukazi zakwaMujaji , ezidume ngokunisa izulu . Ekufikeni kwakhe kwelaBanyayi uZwangendaba wabahlasela aBanyayi , waqotha imbokodo nesisekelo . Wabulala nenkosi yawo uMambo Tshilisamuhulu noNdunankulu wayo uThumbale Bhebhe owabe esuke kwaZulu esizweni saseLangeni kwaMhlongo . Akagcinanga lapho okaJele , owabuye wabhidliza nezakhiwo zaBanyayi iKhami neDlodlo ezabe ziligugu kakhulu esizweni  saBanyayi. ABanyayi babengawakhi amaqhugwana , izindlu zabo babezakha ngezitini zodaka , babefunde kumaPutukezi. KwelaBanyayi uZwangendaba wakha imizi yakhe esingabala kuyo eKuphendukeni {kwabo Mphezeni} , eNdingeni{kwabo Mbelwa} , eMbangweni {kwabo Mabulawo},eKhahleni , eLangeni  , eZondweni kanye neminye . UZwangendaba kwakungeyena yedwa uMnguni owayezinze kuleliya zwe osekuyiZimbabwe khona namuhla . Enyakatho yalo kwakwakhe oNxaba ka Mbekane Msane ,maphakathi nalo kwakwakhe uNgwana Maseko . UNxaba wayesuke eHluhluwe  ebalekela ulaka lweLembe, uNgwana yena wayesuke oPhongolo ebalekela ulaka lweNgwenyama uSobhuza .  Kwathi ngowe 1829 kwafika uSoshangane naye owayesuke kwaZulu ngemuva kokwehluwa kwenkosi uZwide yehlulwa yiLembe. USoshangane yena wazinza ezweni laBanyika lapho sekulidolobha laseMutare khona eZimbabwe . uSoshangane izwe lakhe wagcina elinwebile laba likhulu impela , lalisuka khona kwelaBanyika lihambe njalo lize liyodlula ngasemfuleni uSabe , lihambe njalo liyodlula ngaseChamaite eMozambikwe, lihambe njalo lize liyovinjwa yiChweba laseMabhudu.EChamaite uSoshangane wakha umuzi wakhe awubiza ngoyisemkhulu wathi  kukwaGasa omkhulu . Lowo muzi wagcina usubizwa ngokuthi kukwaGazankulu ngenxa yokubhimba kwaMaputukezi . Ngowe 1830 oZwangendaba , uNxaba noSoshangane benza umfelandawonye wokuhlasela izizwe , bedla imfuyo yazo , bethumba nabantu . Kwathi ngowe 1831 lagqabuka igoda phakathi kwabo , kwagcina kuqubuke impi phakathi kwabo , oNxaba noZwangendaba bahlanganyela uSoshangane bamhlasela .  Zanqikilana maphakathi nezwe laseZimbabwe eduze nalapho kwakwakhe khona uNgwana Maseko nabantu bakhe . Kuleyo mpi wanqoba uSoshangane , babaleka oNxaba noZwangendaba, uNxaba wabheka ezweni labaTonga buqamama neMpophoma iVictoria Falls , ngaleso sikhathi iVictoria Falls yayisabizwa ngokuthi yiMosi oa tunya okuwulimi lwesiTonga , okuhumusheka ngokuthi ‘ithuntu iyashunqa ngesiZulu’. UZwangendaba yena wabheka eNingizimu waphindela kwelaBanyayi lapho ayenkanise khona . UNxaba wagcina ebulawe nguSebetwane waBafokeng owayezinze ngaphesheya komfula uZambezi , uSebetwane wayesuke eNtabazwe ebalekela ulaka lweNdlovukazi uMaNtantisi unina wenkosi uSigonyela yabaTlokwa .   Kwathi ngowe 1834 uSoshangane wabuye wagadla futhi kuZwangendaba , kulokhu wahlasela noNgwana Maseko owagcina esale enkundleni ebulawa yimpi kaSoshangane . UZwangendaba yena akasalanga enkundleni kepha kwafa amabutho akhe amaningi , nomuzi wakhe waseKuphendukeni washiswa ushiswa yimpi kaSoshangane. Umfula oseduze nalapho uSoshangane abulalela khona uNgwana wagcina ubizwe ngaye uSoshangane , namuhla lowo mfula ubizwa ngokuthi u ‘Shangane’ ngenxa yokubhimba kwabamhlophe .  Kwathi ngowe 1835 uZwangendaba wafuduka kwelaBanyayi wabhekisa amabombo lapho sekuyizwe laseZambia khona namuhla , wafike wakha ngaseMpumalanga yezwe laseZambia endaweni eyaziwa namuhla ngokuthi kuseChipata . Ekufudukeni kwakhe uZwangendaba washiya uNyamazana nenye yengxenye yesizwe sakhe kwelaBanyayi lapho sekuseZimbabwe khona namuhla. Leyo ngxenye ayishiya yagcina isimdibi munye noMzilikazi Khumalo , naye owayesuke kwaZulu ebalekela ulaka lweLembe. Ngakho-ke ngenkathi uMzilikazi efika lapho sekuseZimbabwe khona wafica sekukhona abanye abaNguni , kwazise nabanye abaNguni ababefike ngaphambi kokufika kukaMzilikazi nabo babeshiye imithonseyana yabantu babo ngenkathi sebefuduka. Leso ngesinye sezizathu ezadala ukuthi isizwe sikaMzilikazi sikwazi ukulondoloza ulimi lwesiNguni uma sesiqathaniswa nabaNguni bakoMalawi , Zambia , Mozambikwe nabaseTanzania.  Ngenkathi uZwangendaba efika eChipata umuzi awuvusa kuqala kwaba umuzi waseKuphendukeni okwabe kuyilona koMkhulu lakhe , walandela ngowaseLangeni . Waqhubeka ehlasela izizwe ngehloso yokukhulisa umbuso wakhe , wahlasela impela waze wayohlasela nesizwe saBafipa {The Fipa People} esitholakala eNingizimu yezwe laseTanzania.  Izwe lakhe lagcina selinwebekile impela ngoba laselisuka khona eChipata lihambe njalo lithathe ingxenye yasenyakatho yezwe laseMalawi , liqhubeke lize liyongena lapho sekuseNingizimu yezwe laseTanzania khona namuhla . Kwathi ngesikhathi abamhlope sebeklaya imingcele eZwenikazi i-Afrika izwe likaZwangendaba balehlukanisa izingxenye ezintathu ezagcina ziwele emazweni amathathu. Ingxenye yokuqala yiMpumalanga yezwe laseZambia, eyesibili yiNyakatho yezwe laseMalawi , eyesithathu yiNingizimu yezwe laseTanzania. Ngasenyakatho yalapho sekuseMalawi khona uZwangendaba wakha umuzi wakhe waseKwendeni endaweni eyaziwa namuhla ngokuthi kuseMzimba eyaqanjwa ngomfula wendawo . Kuleyo ndawo wavusa nomizi yakhe, owaseMbangweni nowaseNdingeni . UZwangendaba wakhothama ngowe 1848 ekhothamela ezweni laBafipa endaweni ebizwa ngokuthi kuseMapupo. Inkosana kaZwangendaba kwakunguMphezeni waseKuphendukeni, nguyena owayefanelwe yisihlalo sobukhosi . Ngemuva kokukhothama kukaZwangendaba kwabamba uNdunankulu uNtabeni owayebambele uMphezeni owayesemncane . Kwathi ngenkathi uMphezeni esekhule ngokwanele uNtabeni washenxa esikhundleni , kwagcotshwa uMphezeni njengenkosi entsha yesizwe sakwaJele. AbaseMzimba abamemukelanga uMphezeni njengenkosi yabo entsha, kwadaleka izinxushunxushu ezaholela ekutheni kugcine kugcotshwe uMbelwa waseNdingeni njengenkosi eyayizobusa ingxenye yabakwaJele eseMzimba . AbaseMbangweni nabo abamemukelanga uMbelwa njengenkosi yabo , nabo bagcina begcobe uMabulawo njengenkosi yabo entsha. Ngakho-ke ngemuva kokukhothama kwenkosi uZwangendaba kwagcotshwa amakhosi amathathu , inkosi uMphezeni yaseKuphendukeni , inkosi uMbelwa yaseNdingeni nenkosi uMabulawo yaseMbangweni . Namuhla eMzimba eMalawi kubusa amakhosi amabili , oMbelwa wesine noMabulawo wesine , eChipata eZambia kubusa inkosi uMphezeni wesine . Isizwe sakwaJele eZambia naseMalawi saziwa ngokuthi singesakwaJere,noma amaNgoni . Inkosi uMphezeni yesine ebusa eChipata isawazisa kakhulu amasiko akwaZulu , iyawugubha noMkhosi wokweshwama njalo ngoNhlolanja minyaka yonke , bona-ke bawubiza ngokuthi yiNcwala.

Imithombo yolwazi

-The Zulu Aftermath {Incwadi eyalotshwa nguOmer Cooper}

-AbakwaNgwana Maseko{Incwadi eyalotshwa nguNgwana Maseko


Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo