Umlando ngeMbongi uMagolwana Jiyane

Kuthiwa zazivunula kanjena iziMbongi eNdulo.

Kuloboba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo..
UMagolwana ka Mkhathini Jiyane wayeyimbongi enkulu ka Zulu ngesikhathi sokubusa kweZilo oDingane noMpande . Abantu bakwaJiyane baphuma kubantu bakwaMtshali. Ukhokho wabo nguJiyane wakhona eMantshalini owaxoshwa esizweni ngoba ekhulelise udadewabo. UJiyane wazala uMkhathini owazala uMagolwana . AbakwaJiyane endulo sibathola bakhe ngaseNtabankulu eduze kwalapho sekwakhiwa khona idolobha laseFilidi. Zimbili izibongo zakwaJiyane , kukhona oJiyane abaphuma kwaMtshali , bese kuba khona oJiyane abaphuma ebukhosini bakwaNdebele kwaMabhoko ,  esifundazweni saseMpumalanga . Labo bantu bakwaJiyane eMpumalanga bakanye nabakwaMahlangu, Mabhena , Ndzudza nabanye. Ukhokho wabo nguMbandeni okunguyena abamgqamisa kakhulu ezithakazelweni zabo . OJiyane bakwaMtshali bona bagqamisa u’Mkhabisanyathi ‘ okuyizihasho zikaMagolwana . Wayehasha ngokuthi ungu’Mkhabisa nyathi , hlabana ngomhlubulo , mbambo zenkomo yakwaMashobana phindela khona!’. Lezo zihasho uMagolwana wazithola ngemuva kokuhlabana kwakhe empini yaseMpama kulwa uZulu nenkosi uMzilikazi . Impi kaZulu yayiholwa nguNdlela kaSompisi  Ntuli , ilandela izinkomo ezazisuke nenkosi uMzilikazi kwaZulu ngesikhathi sokubusa kweSilo uShaka . Kuleyo mpi uMagolwana wagwaza wabulala imbongi yenkosi uMzilikazi ngemuva kokuklolodelana kwezimbongi , ekaZulu {uMagolwana} neyenkosi uMzilikazi . UMagolwana wayebuthelwe ebuthweni loFasimba ebuthwa yiSilo uShaka . Izinsizwa zoFasimba zazintanganye neSilo uShaka .Leli butho lalwa ngobuqhawe mhla iSilo uShaka sehlula inkosi uZwide . UMagolwana umsebenzi wobumbongi wawuqala ngaso isikhathi seLembe kodwa akazange agqame , inkonyane yayisathuka isisinga . Okunye okwamenza wangagqama wukuthi ngesikhathi seLembe yayisikhona imbongi eyabe isimnkantsha ubomvu , leyo nguMxhamama kaSoshaya Sibisi . UMagolwana ithuba  uze walithola ngemuva kokubulawa kukaMxhamama owabulawa yiSilo uDingane , imbangela yokubulawa kwakhe kwaba wukuthi wayelokhu ememeze njalo kwaDukuza ethi ‘niyibulele inkosi yami’. Kwakungenkathi kukhothame iSilo uShaka . UMagolwana uyalithinta igama likaMxhamama ezibongweni zeSilo uDingane uma ethi ‘wamudla uMxhamama kaSoshaya eZibisini’. UMagolwana wayenekhono eliyisimanga , wayekwazi ukubongela amakhosi asendulo esuka nawo koLuzamana , ehle nawo aze azofika eSilweni esisuke sibusa . Ekuqambeni izibongo wayecikoza ngendlela eyisimanga , ekwazi ukunonga amagama esiZulu enze izibongo zibe mnandi. Ngenxa yobuciko bakhe wagcina esebeizwa ‘ngonina wezimbongi zakwaZulu’ .Kwakuthi uma iqhawe lixoshiswe yiSilo ngezinkomo liye kuMagolwana liyomcela ukuba ayolibongela eSilweni . Wayeya nalo-ke lelo qhawe eSilweni ayosho izibongo zaleso Silo. Lelo qhawe lalibonga uMagolwana ngenkomo noma ngezimbuzi . UMagolwane washona ngo 1860 ebulawa yiSilo uMpande , wabulawa ngoba wayebulale uMayeza Dlamini ayemsole ngokuba umthakathi . KwaZulu yiSilo kuphela esasinegunya lokukhipha isinqumo sokubulawa komuntu . Ingxenye enkulu yezibongo zeSilo uCesthwayo yaqanjwa nguyena uMagolwana , ikakhulukazi ezithinta impi yaseNdondakusuka kwazise wayelwe nasohlangothini loMntwana uCesthwayo . Impi yaseNdondakusuka yalwa ngo1856, yayiphakathi kwaBantwana oCetshwayo noMbuyazwe bakaMpande. Ngesikhathi sokubusa kweSilo uCetshwayo imbongi enkulu kaZulu  kwaba uMahlangeni KhumaloImithombo yolwazi

-Izizwe zamakhosi akwaZulu{Incwadi eyalotshwa nguSolwazi Jabulani Maphalala}
Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo