Ndondo

Abantu bakwaNdondo kusengabantu bakwaHadebe , ngakho-ke ngokwezigaba zabaNguni nabo bangabaNguni abawuhlobo lwabaMbo Nguni njengabo abakwaHadebe . Laba bantu babuye baziwe ngokuthi nangaMaHlubi  , kususelwa egameni likaKhokho wabo uHlubi wayephila kudala kakhulu. UHlubi wayeyindodana kaHadebe okwawanjwa ngaye isizwe noma ngithi isibongo .

UHlubi wazala uMhunu owazala uNdlovu (hhayi uGatsheni) . UNdlovu wazala uMhlanga owazala uMusi  . Amanye amadodana ka Mhlanga kwakungoMbongwa noXaba . UXaba wazala abakwaXaba .  UMusi wazala uMthimkhulu wokuqala  , uMthimkhulu wokuqala wazala uHadebe wesibili yena owazala uDlomo wokuqala . UDlomo wokuqala wazala uMashiya owazala  uNsele . UNsele yena – ke wazala uBhungane owaduma kakhulu kunawo wonke amakhosi akwaHadebe.
UNsele wayebongwa ngokuthi
UNsele ungajuse!!
UMathwal’isala sense!
UMathwala besabe
UNsele maHlubi myeken’uyazamazama
UseThaleni phezulu
USifu sabo bon’abahle
Sayikhand’ingwe sayichoboza
Saze safik’emathumbeni laph’ahlalayo
UNtungukuthulini
USifuba mdindi njengensonyama
UBhekabheka limehlo  mahlanu
Elinye libheke uNgwana wakwaMajola
Elinye libheke uDukaduka wakwaMjakade
UMvunga kangakanani
Nasentendeni yesandla angahlala
Umntsha wezindonda isitshekantamo..
#Ibinda Nkosi!
INkosi uNsele yazala iNkosi uBhungane njengoba besengishilo . Kusesendeni leNkosi uBhungane-ke lapho kuphuma khona amaHlubi akwaNdondo . UNdondo wayengenye yamadodana kaZingelwayo  Hadebe. UZingelwayo wayengenye yamadodana eNkosi uBhungane awazalela esigodlweni seNkosi uBhungane sakwaMagoloza esasibuye saziwe ngongokuthi kuseNgolozini . Lo muzi wawakhe lapho sekuyidolobha laseNyukhasela khona eduze komfula uMzinyathi . Amanye amadodana eNkosi uBhungane kwakungoMthimkhulu , Mpangazitha, Manyaza , Monakali, Ngalonkulu, Mabona , Makhonza, namanye amaningi. NguMthimkhulu owalandela iNkosi uBhungane esihlalweni sobukhosi .  Ngesikhathi seNkosi uMthimkhulu isizwe samaHlubi sasesisabalele saze safinyelela naseMnambithi nokuyilapho iNkosi uMthimkhulu yayimise khona isigodlo sayo . Kuleya ndawo iNkosi uMthimkhulu yayakhelene naMaNgwane eNkosi uMatiwane kaMasumpa . Kwahamba kwahamba iNkosi uMatiwame yahlesela iNkosi uMthimkhulu kaBhungane ngendlela eyayinobukhunkuli , kulobo bukhunkuli iNkosi uMatiwane yasebenzisana noZulu kaMafu iSangoma sakhona kwaHadebe kanye nentombi yaseMangwaneni eyayithandana neNkosi uMthimkhulu ngaleso sikhathi .  Kwathathwa isidoda senkosi uMthimkhulu sayosetshenzwa ngemithi ngenhloso yoqeda amandla eNkosi uMthimkhulu. UZulu wayekade eyiSangoma seNkosi uMthimkhulu kodwa wayengaseneme ngendlela ayesekhokhelwa ngayo .
Ngemuva kokubalawa kweNkosi uMthimkhulu amaHlubi ahlakazela agcwala izwe lonke . UZingelwayo washaya wakhukhula wagcina esenkanise lapho sekuyiTsomo khona namuhla. Leya ndawo ngaphambilini yayaziwa ngokuthi kuseTranskei . UMehlomakhulu kaMpangazitha naye wabaleka wabheka enhla wayozimbandakanya nesizwe saBathwakazi esasiholwa yiNkosi uMzilikazi Khumalo . Kwakungunyaka wezi 1825 ngesikhathi uMehlomakhulu ezimbandakanya neNkosi uMzilikazi eyayinkanise lapho sekuyiErmelo khona yakhe isigodlo sayo saseKuphumuleni .UMehlomakhulu akahlalanga isikhathi eside naBathwakazi , wagcina edlulele phambili koLesotho  , nakhona akahlalanga wagcina edlulele khona eKoloni kweleNkosi uHinsa . Aah ! Zanzolo!! Wagcina eshonele khona eKoloni.  Kukhona amaHlubi asala kubaThwakazi angahamba noMehlomakhulu.
UZingelwayo wazala inkosana yakhe Maphaphu noNdondo okunguyena owazala abakwaNdondo . UMaphaphu wazala uLophu owazala uMcandi.  UNdondo wazala uMbulawa owazala uNzimande . Eqinisweni ezindaweni ezifana naseTsomo nakoTsolo eqinisweni lezo ndawo zazihlala noma ngithi zisahlala abantu abangewona amaXhosa ngokwendabuko . Iningi labo yiwona amaHlubi , abanye bangamaNtungwa akwaKhumalo nakwaMabaso,kukhona  nabakwaDlamini ,abaNgubeni,abakwaMkhwanazi  amaMpondo nezinye nje izizwe eziningi. Abantu bakwaXhosa babezibandlulula iziwe ezazihlala kuleya ndawo , bezibiza ngegama elibi . Kwathi ngeminyaka yama 1880s kwatheleka izithunywa zikaCecil John Rhodes ezafike zanxusa abantu ababehlala kuleya ndawo ukuba baphikelele ezweni labaThwakazi lapho sekuyiZimbabwe khona . Zaqhubeka lezo zithunywa zatshela abantu bendawo ukuthi izwe lakwaMthwakazi lalilihle futhi livulekile . Zabathembisa ukuthi babeyohlala ngokuthula, banethezeke  . Ngaleso sikhathi kwaXhosa kwakubhoke izimpi zamaFrontier Wars , ukuthula kwakungekho nje nhlobo . Ngakho-ke iningi labantu lasamukela isicelo samaNgisi , noNzimande kaMbulawa Hadebe naye waba ngomunye wabantu abemukela leso sicelo . Ngakho -ke uNzimande kaMbulawa waqoqa abalandeli bakhe baphikelela khona kwaMthwakazi. Sebefikile kwaMthwakazi  amaNgisi amasikela izwe endaweni yaseMbembesi nokuyindawo eyaqanjwa ngomfula wendawo uMbembesi River.  Labo bantu kuze kube namuhla basakhuluma ulimi lwesiXhosa nokuwulimi abalufunda ngenkathi benkanise eTranskei . Empeleni isiXhosa akulona ulimi lwabo lwendabuko.  INkosi ebusa abantu bakwaNdondo njengamanje iNkosi uDumisani owathatha isihlalo sobukhosi ngemuva kokukhothama kukaYise iNkosi uMichael .
Inhloso kaCecil John Rhodes  yokuthutha abaNguni ababezinze eTsomo abayise kwaMthwakazi kwakuwuphazamisa nje uMbuso weNkosi uLobhengula nokuyiNkosi eyayibusa ngaleso sikhathi . Kwathi ngowe 1893 kwaqubuka impi enkulu phakathi kwaMaNgisi naBaThwakazi . Isiwombe esikhulu saleyompi salwelwa khona eMbembesi . Leyo mpi yaziwa ngokuthi yimpi yaseGadade noma yiMpi yaseMbembesi .
Izibongo zeNkosi uBhungane kaNsele

Bhungane wamakhulukhulu

Ndlubu zamila ebubini


Ngoba zamila emthondweni kwaSothondose

Yinhlabathi yoNdi noThukela

Ngifike beyihlenga beyiphalaza

Ngifike ngayihlenga ngaguzubala

UBhungan’ uyababaza

Ubabaz’eseSigodlweni

Kwaf’izitsha zisemadodeni’ebandla.

UBhungane yindikinda yindaba,

Uze waba yindaba nakuzikhundlwane

Yindlovu yakwa KaMazibuko,

Yinkamisa mlom’onganga zibuko;

UMatshayw’alile njengesikhundlwane.
INdlovu yakwaMqad’eluphondo lunye,
Ekanisel’ezimpondo ngambili
Igeng’eladl’imithi yakwaBhunga.
Sabe sesibona ngebhudulelo.
UBhungane nguqobodisa, ukumisa kwendlovu,
UGengelizis’ukumisa kwenyathi.
Wabulal’uMafu kwabakwabo
Nanamuhl’akwaba ndaba zalutho!
Isilo sakulo Mbikazi

Esimaphuml’anzinzinini,
Umagqula ngaw’emazibukweni.
Mlotshwa thwal’usiba lube lunye
Uyoshis’imizi yamaVimbela!
Jabanq’umntakaMpila
Wawuthe kosal’anjani na?
Kosal’ansiba zibuthakathaka –
Kwasal’uBhaqile waseSwazini
Kuzihlobo zakhe,
Kwasal’ uMthilingwane,
Kwaba kwaKheswa
Amakhubal’abuy’adliwa nguye.
Isihlahla sentshungu sombelebele
Kade bethi bayasigawula!
Izembe lisemsamo kwaMnxanga
UNomaweziwezi kaNsele
Inkomo zakhe zimaqath’amhlophe.
Ngokuwelawel’uMzinyathi.
USosolani, bayadla bayasola,
Akasenamuny’ongasoli
UMlawuzi kamkhont’osandukulolwa.
UMvuni wabantu njengamabele.
UMsiki wezitoto zabaLandakazi;

Kazi bazala ngan’ubanquma nje?
Isilwane sakwaKaMazibuko
Sidla silila zomuk’izinsuku,
Sililel’imihlambi yabantu.
Incinin’ eyongam’ esizibeni,
Izokhiwa ngabanjani na?
Izokhiwa nguMgidi kaNsele.
UMth’oseYenge naseThobozi,
Owath’ukuwa wasambatheka.
Wabhekis’amabombo ekhayakonina.
Bhungane phez ’abantu

Abant’abazukumbatha ngubo,
Abantu bazindondokazana.
Awu! Yebo-ke Mlotshwa wawozingelwayo
Awufi ukufa kwamany’amadoda.

Ibinda Nkosi !

Izithakazelo zakwaHadebe::

Zintathu izithakazelo zakwaHadebe ezitholakele lapha.

Hadebe
Mthimkhulu
Bhungane kaNsele
Nzimande
Wena kaLangalibalele KaNdlubu ezamila endaweni embiNgoba zamila emthondweni.
Amangelengele anzipho zinde Ngokuziqhwandela.
Makhulukhulu!
Hadeb’omuhle okhonz’agoduke
Angaze axakwe yithambo lasemzini.
Sigoloza esikhangel’ umuntuSengathi simjamele,
Umkhulu Bhungane
Kodwa awungangoNkulunkulu.

2

Mthimkhulu
Mashiy’amahle anjengawenyamazane
AbakwaThondo kwabakaSothondose.
AbakwaDlomo-dludlu wezindlu nezindlwana.
Abakwazitho zimhlophe, mashiy’amahle ,
Niye nabuthathaphi ubuhle obumhlophe obunje?
AbakwaMaxovaxova umthombo wenkosi.
AbakwaVangane, kazi sengoneni namhlanje?
UNduku – zimakhulukhulu ,
Sehla ngomnyama entabeni, kuyagonqoka.
Kumnyama phansi.
AbakwaNdlubu zamila emthondweni
KwaSothondose.
Amangelengele anzipho zinde ngokuqhwayana
Umkhulu BhunganeKodwa awungangoNkulunkulu.

3

MthimkhuluBhungane
Ndlubu zamil’ebubini
Ngoba zasaba’ukwehlela
Ingab’emhlabeni zesabani?
Mafuz’afulele njengefu lemvula
Lapho kungavalwa ngesivaloKuvalwa ngenhloko yendoda
Mashwabada!
Owashwabadel’inkomo
Kanye nezimpondo zayo.
Sigoloz’esimehl’abomvu
Esabuk’umuntu samjamela.
Mashiya amahle anjengawenyamazane,
Hlub’elihl’elinzipho zimnyama ngokuqhwayanaNgelengele!

 

Kulobe u-Kholo Khumalo iNxazonke

#Cellphone 084 098 4016

#Email bornkhumalo@yahoo.com

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo