Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ntombela

Izithakazelo nomlando wakwaNtombela Abantu bakwaNtombela baxhumene kakhulu nabakwaZulu kanye nabakwaQwabe. Ukhokho wabo nguNtombela kaLuzumana owabe engumfowabo omncane wenkosi uMalandela ,uMalandela uyise woQwabe noZulu. NguNtombela owasala ebheke amadodana enkosi uMalandela ngemuba kokukhothama kw... qhubeka ufunde »

Ngema

Izithakazelo nomlando wakwaNgema Lo mlando ucashunwe encwadini kaSenzo Mbatha ethi Izibongo zakwaZulu.Ukhiwe phezulu. Abantu bakwaNgema bangabaNguni abawuhlobo lwabaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni.  Laba bantu bakwaNgema babuye baziwe ngokuthi bangabaseMangadini . Kanti futhi laba bantu kuseng... qhubeka ufunde »

Ngubane

Izithakazelo nomlando wakwaNgubane . Abantu bakwaNgubane bangabaNguni bohlobo lwaMathonga Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Lesi sibongo sakwaNgubane siphuma kwesakwaMkhize ,inkosi uSibiside eyadabula abantu abakwaNgubane. AbakwaMkhize bona bangabaNguni bohlobo lwabaMbo Nguni ,noma ngithi abaNguni baseM... qhubeka ufunde »

Nxumalo

Izithakazelo nomlando wakwaNxumalo Abantu bakwaNxumalo bayingxenye yabakwaNdwandwe , bayindlu encane yakwaNdwandwe. Nabo bangabaMbo Nguni ngokwezigaba zabaNguni njengabo abakwaNdwandwe. Lendlu encane yakwaNdwandwe ingeyesende likaManukuza umfowabo kaMavuso kaLanga wokuqala owayebuye abizwe ngokuthi ... qhubeka ufunde »

Ndwandwe

Izithakazelo nomlando wesibongo sakwaNdwandwe.     Abantu bakwaNdwandwe imvelaphi yabo isenhla yezwekazi laseAfrika njegabo bonke abaNguni. Ngokwezigaba zabaNguni abakwaNdwandwe bangabaNguni baseMbo noma ngithi bangaMbo Nguni. Umuntu owawunothisa kakhulu umlando wakwaNdwandwe inkosi uZwide... qhubeka ufunde »

Nzimakwe

AbakwaNzimakwe Abantu bakwaNzimakwe bangabeSuthu ngokwendabuko. Ukhokho walaba bantu bakwaNzimakwe kwakunguMachi igama lakhe, lendoda yayiphila kudala kakhulu kanti ibuye ibe ukhokho wabantu bakwaXolo,Dlezi,Phehlukwayo, Machi, Ngutshana, Sabela nabanye. Laba bantu bakwaNzimakwe babuye baziwe‎ ngok... qhubeka ufunde »

Ndamase

AbakwaNdamase. Abantu bakwaNdamase bangaMampondo,isibongo sabo saqambeka ngoNdamase owayezalwa yiNkosi yaMampondo iNkosi uFaku(UFaku ofakayo ungathi uyifakile kanti uyikade eboyeni) .INkosi uFaku yayizalwa inkosi uNgqungqushe kaNyawuza, wabe engumzukulu wenkosi uSibiside yaseMbo. UNdamase wayezalwa ... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!