Ndamase

AbakwaNdamase.
Abantu bakwaNdamase bangaMampondo,isibongo sabo saqambeka ngoNdamase owayezalwa yiNkosi yaMampondo iNkosi uFaku(UFaku ofakayo ungathi uyifakile kanti uyikade eboyeni) .INkosi uFaku yayizalwa inkosi uNgqungqushe kaNyawuza, wabe engumzukulu wenkosi uSibiside yaseMbo. UNdamase wayezalwa endlini yaseKhohlo, endlunkulu inkosi uFaku yazala uMqikela.Ngakho-ke uMqikela okwakufanele athathe isikhundla sobukhosi ngemuva kukukhothama kukayise ize wayemncane ngokweminyaka kuNdamase. 
Kuthiwa langa limbe uNdamase waphuma wayozingela kwathi ekubuyeni kwakhe wabuya ebulale iSilo. Ngokosiko lwakwaXhosa kwakuthi nxa enye yamadodana enkosi ithe yabula ‎iSilo(ingwe) kwakuba yimpoqo ukuthi ithathe isikhumba seSilo isinike umnewabo/umnawa lowo uzolandela iNkosi ekuphatheni. Kuthiwa uNdamase wala waphetha ukunikeza umnawakhe leso sikhumba seSilo. Leso senzo sikaNdamase sadala uqhekeko emadodaneni enkosi uFaku kangangokuthi uNdamase wagcina edube umuzi kaYise waseQawukeni/Nqawukeni owawakhelwe ngaseLusikisiki wathatha abalandeli bakhe wayohlala endaweni eyaziwa manje ngokuthi kuseLibode eduze nedolobha iSt Johns. Kuleyo ndawo kwabe kuyilapho okwakwakhiwe khona omunye yemizi kaYise owawaziwa ngokuthi kuseNyandeni.  Kuze kube namuhla uzalo lwakhe lwaziwa ngokuthi aMampondo aseNyandeni. Laba abaseLusikisiki bona babizwa ngokuthi aMampondo aseQawukeni. 
Esakhile-ke ngaseLibode wabusa abantu bakhe‎ ayekade esuke nabo eQawukeni,kwathi ngemuva kokukhothama kwakhe kwabusa indodana yakhe uNqwiliso. Kuthiwa inkosi uFaku yakhula kakhulu kangangokuthi aMampondo aseQawukeni agcina ebuswa indodana yakhe uMqikela yona inkosi uFaku isaphila.
Liyavela igama lenkosi uFaku ezibongweni zeSilo uShaka uma kuthiwa 
‘Inyathi ejame ngomkhonto phezu koMzimvubu, aMampondo ayesaba nokuyehlela. Nani noFaku nani boGambushe ningamhlabi, ukuba nimhlabile koba nihlabe uPhunga nahlaba uMageba’ 
Ziqhubeka zithi 
‘Ohlangene nodwendwe lwamankankane, mhla eyodla aMampondo iziphukuphuku’
Lezi zihasho zeLembe zakheka ngenkathi iLembe liyohlasela aMampondo.  
UGambushe lona wayeyinkosi yamaBomvana, wayezalwa nguTshezi ka Zwetsha. AmaBomvana nawo asewuzalo lwenkosi uSibiside yaseMbo. ‎Esendeni likaSibidide kwabuye kwaphuma esinye futhi isizwe, leso sizwe isizwe saMabomvu akwaNgubane. Esinye isibongo esihlobene nalezi zibongo ngesakwaChonco, oShayimamba, oGambushe esizazobuye sixoxe ngabo.  
Kukhona nendawo yakwaGambushe eMpumalanga Koloni eyaqanjwa ngaye uGambushe. Lesi sizwe samaMpondo saqanjwa ngokhokho waso uMpondo ‎kaNjanya kaSibiside owayeyiwele noMpondomise. AMampondo agqama kakhulu ngokuqala uhlobo lomkhonto owaziwa ngokuthi yi’khebezane’ owawusetshenziswa kakhulu ekuzingeleni noma uphathwe izinsizwa uma zazizohamba emahlanzeni ukuze zizivikele ngawo ekuhlaselweni yizilo. Ikhebezane licishe lifane neklwa nokukholelwa ukuthi laqalwa iSilo uShaka kodwa lokho akusilona iqiniso. Iklwa lalikade likhona ngisho nangesikhathi seNkosi uJama. Liyavela igama leklwa ezibongweni zenkosi uJama uma kuthiwa ‘. Obengamqingo wangalitshe laseZihlalo, ebelingalayezwa ngabaphath’izinhlendla. Thina abamaklwa singathatha ichoba silole ‘..
Kanti negama lendodakazi yenkosi uMjokwane kwakunguNomaklwa, elinye igama likaNomaklwa kwakungu Nomcoba owayelama iLembe emhlane. 
Ngesikhathi senkosi uJama iklwa lalisetshenziswa ekuzingeleni, noma liphathwe izinsizwa uma zizohamba ezindaweni ezande izilwane zasendle ukuze zizivikele ngalo. Inkosi uShaka eyathi makuliwe ngalo ezimpini, futhi kungafakwa nezingxabulela. Ezinye izibongo ezihlobene nesakwaNdamase ngesakwaNyawuza, Mqikela, Tshezi nezinye 
Amadolobha asezweni laMampondo ilawa alandelayo,Lusikisiki, Flagstaff( eSphaqeni), Bizana/Mbizana, Ntabankulu, Libode,St Johns, naseNgqeleni, iKostard yona isizweni aMaHiligwa (Griquas)
Ake ngime lapho nina bakaMdayi sabela kweliphesheya. ‎

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo