AbakwaKhonjwayo
Abantu bakwaKhonjwayo bangaMampondo ngokwendabuko, nabo baphuma kuSibiside waseMbo. USibiside wazala uNjanya owazala amawele oMpondo noMpondomise. UMpondo wazala isizwe saMampondo, kwathi uMpondomise yena wazala aMampondomise. KuMampondo kwabuye kwaphuma ezinye futhi izizwe ezifana besizwe saMabomvana kaGambushe kaTshezi, aMaBomvu akwaNgubane, amaNtlane kaMkhondane, kuMaNtlane kwabuye kwaphuma aMaGcuda naMavalela. , ezinye izizwe ezingaMampondo ngaMaTshomane, aMaCabe, amaDwera, amaQhiya ,amaNjilo, amaNqanda, zonke lezi zizwe ziphuma ku Cabe kaNcindisa kaNsiza umzukulu kaSibisise waseMbo onguKhokho wabakwaMkhize.
AbakwaKhonjwayo bona-ke bazalwa nguKhonjwayo kaChithwayo ka Bhala kaGangatha kaCiya kaCabe kaNcindisa kaMsiza kaThobe ka Zigqelekazi kaHlambangobubede ka Santshabe ka Muthwa ka kaSithula kaMpondo kaNjanya ka Sibiside. UChithwayo wabuye wazala uNgcayi owazala isizwe samaNgcayi.
UKhonjwayo wazala inkosana uKhiwa uNgcekula owazala amadodana amaningi, kulawo madoda kwakukhona uNzondela (inkosana), uNtsikinyana eKhohlo.
UNzondela wazala uHlaka owazala uNgethu owazala uPhoswa owazala uSilwanyana owazala uMakhalanyana owazala uSikhehlana owazala uThathana.
Endlini yaseKhohlo kaNgceluka uNtsikinyana wazala uMakhanda owazala uNogemane endlini enkulu, ekhohlo uMakhanda wazala uThungana.
UMakhanda wazala inkosi uGwadiso (Ah Dumile! ) ,inkosi uGwadiso yazala inkosi uGodloza eyazala inkosi uNtenteni eyazal inkosi uGobizithwana(Ah Zwelidumile!), inkosi uGobizithwana yazal inkosi uDumisani.
UThungana wazala uSithelo owazala uPhonyela uMakhizinyani owazala uHlathikhulu
Izibongo ezihlobene nabakwaKhonjwayo
Mkhize
Ngubane
Chonco
Ngcayi,
Ndamase
Ncenjane
Nkonjane
Yalo
Ndayini nezinye eziningi ngokuxakayo
Ake ngime lapho okwanamuhla.
Ngicela usizo ngomlando wakithi kwa Thomo
Ngicela usizo ngomlando wakithi kwa Thomo