Mphuthi/Hlanyane

AbakwaHlanyane /Mphuthi
Abantu bakwa Hlanyane bangabaNguni baseMbo ngokwendabuko ize namuhla sibathola sebekhuluma ulimi lwesiSuthu. Laba bantu ngesikhathi soMfecane (sezimpi zaseMazansi neAfrika ezaqalwa amakhosi afana nawoDingiswayo, oPhungashe,oHinsa , oZwide, oMacingwane, oMjokwane namanye. Inhloso yoMfecane kwakuwukwakha isizwe esisodwa ngezizwe ezahlukene.Ngamafuphi inkosi yayilwela ukukhothanyelwa ngamanye amakhosi, ibe yiNgonyama)
Laba bantu bakwaHlanyane baphuma kuDlamini owazala abakwa Miya nawo wonke aMazizi. Okudingeka sikubheke kakhulu ukuthi kubeSuthu zimbili izizwe ezaziwa manje ngegama elithi ‘ABaphuthi’. Kukhona aBaPhuthing baka Tabane owazala u Matsiboho owazala u Ntsime owazala uSohlo owazala uSepoko owayephila ngeminyaka yama 1600. Lesi sizwe saBaphuthing ngesikhathi sikaDlungwane kaNdaba sasibuswa ngamakhosi amabili,oMotokoto kanye noSebete. UMotokoto wake wabanjelwa nguyise omncane uMothswane kaMahlaodi. USebete wafa ebulawa yiNgonyama yakithi uMzilikazi ingakho nje ibongwa ngokuthi ‘Wamudla uSibindi kuMaphuthing, wamshaya phansi esidakeni, uKhali zaBentungwa zacwalwa zakhwezwa ethala kithi eKuphumuleni kunini zimoklamokla inhloko zamadoda!
AbaPhuthi besibili yilaba esizokhuluma ngabo namuhla, abaphuma kwaDlamini kodwa bagcina sebezithola ‎sebezinze ezweni labeSuthu ngenxa yezimpi zoMfecane. Umlibo wabo umi kanjena.
UDlamini wazala uThokothoko (uTiti noma uZizi,,endlunkulu uTiti wazala uMiya) owazala u Kobo owazala uTshele owazala uKhanyane (Khoanyane)owazala uThibela owazala uMokheseng, uMonyane(baningi kabi oMonyane kubeSuthu ningadidwa ukufana kwamagama), u Masoabi, kanye noMokhoebi
UMonyane wazala uHlanyane, uKhechane, noKopane.
UKhechane wazala uSetsoba owazala uKhiba owazala uMalilimana.UHlanyane wazala uMatsi.
Laba bantu baziwa kakhulu ngesithakazelo sabo esithi Mphuthi. Babuye baziwe ngokuthi bangaMatebele. Igama elithi ‘tebele’ yigama elisetshenziswa kakhulu ngabeSuthu kanye naBeTswana nxa bechaza umuntu onguMnguni (onguMZulu, Mxhosa, Swazi, Ndebele). Leli gama lakheka ngesenzo sabaNguni sokuphatha izihlangu (amahawu amade). I’tebe’ yigama ‎lesiSuthu elichaza ihawu ngesintu sakithi kwaNtu. Uma sebekhuluma ngesihlangu-ke bathi ‘tebe etelle’ nokuchaza ukuthi ihawu elide. Ngesizathu sokuthi abaNguni babephatha ama’tebe atelle’ (amahawu amade/izihlangu) bagcina sebeqanjwa igama elisha beliqanjwa abeSuthu nokuligama elithi ‘matebele’. Kuliphutha elikhulu ukuthi uma kukhulunywa nga’Matebele’ kusuke kukhukulunywa ngesizwe senkosi yakithi OJingeni inkosi uMzilikazi. Leli gama elithi ‘tebele’ lisasebenza namanje. Yigama elisetshenziswa abeSuthu uma bechaza thina abaNguni, hhayi isizwe senkosi uMzilikazi kuphela.
Bonke abeSuthu abanendabuko yabeNguni uma bezithakazela bathi ‘ ke motebele ohloka kgomo aje motho’..
AbaPhuthi bakaDlamini bona uma bezithakazela bathi..’
Ke Le tebele la ha Miya
La ha Sekelemane ,
Kobo dipedi, ngwana Kgojane ,
Tsabola hlooko,
Tsabola bokalakata,
E ngwe ke ya ho apesa boroko
E ‎ngwe ke ya ho apesa bosudu,
Ke Lephuthi, Lekgolokwe, Lekotshwana,
Mahlaba kgoho ka lemao
A e ise ho Mokgolwane kgorong
A re: Morena bona!
Ke hlabile emanoni amaholo!
Ibinda!!!!
Izibongo zaBaphuthi
Hlanyane
Mphuthi
Malilimane
Masakale
Masoabi
Sepere
Nkopane
Tlali,
Ntabanyane

Ziningi kakhulu bakwethu ake ngime lapho okwanamuhla.


Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo