Mabunda/Maswangayi

AbakwaMabunda. 
Isibongo sakwaMabunda savela ngoMabunda wakwaMazibuko owayeluqhamukise ngaseSt Lucia Bay lapho isizwe sakwaMazibuko sasizinze khona ngaleso sikhathi. Abantu bakwaMazibuko baphuma kuMangweni ingakho bebuye baziwe ngokuthi bangabantu baseMangweni noma bangaMangwe. Bakanye nabakwaZwane, Cebekhulu, Hudla nabanye. Umlando oxoxwayo usitshela ukuthi eminyakeni yama 1700 kwaba khona ukungaboni ngaso linye phakathi kukaMabunda nezikhulu zomndeni wakwaMazibuko, imiphumela yaleyo ngxabano kwaba ukuduba ikhaya kukaMabunda owaqoqa bonke abalandeli bakhe wasingisa amabombo enyakatho. Kulolo hambo uMabunda wayekade ehamba nomnawakhe uMaswangayi owayemelema emhlane.
UMaswangayi naye kwathi ngokuhamba kwesikhathi kwagcina kuphume esinye isibongo esendeni lakhe,leso sibongo isibongo sakwaMaswangayi. 
Ngenkathi uMabunda noMswangayi kanye nethimba labo befulathela indawo yase St Lucia babhekisa amabombo ngaseDalagubha(Delagoa Bay)‎. Kuleyo ndawo bafike bakha ihlalankosi labo ngaphezu komfula uSabe nokwathi ngokuhamba kwesikhathi leyo ndawo yagcina isengeyeNkosi uSoshangane kaZikode Nxumalo, kwagcina sekukwaGasa omkhulu. Lokho kusho ukuthi ngenkathi inkosi uSoshangane ifika ezweni laseMozambikwe yafica sekukhona abanye abeNguni.   Esinye isizwe esafika ngaphambi kokuba kufike inkosi uSoshangane isizwe sakwaNkuna, sona-ke sasiluqhamukise endaweni yaseNgome kwaZulu Natal.Sasikade siyingxenye yabakwaKhumalo. 
Abantu abakwaMabunda kanye nabakwaMaswangayi babuye bafuduka endaweni yaseDalagubha babhekisa ababombo endaweni yaseNhlabe. Umlando usitshela ukuthi ngaleso sikhathi babengasikhulumi isiZulu, kepha basebekhuluma isiDzonga.  
Kwathi ngeminyaka yama 1850s ngenkathi kuxabene amadodana enkosi uSoshangane oMzila noMawewe enye ingxenye yabakwaMabunda kanye neyakwaMaswangayi yazimbandakanya noMawewe owayebalekele enkosini uMswazi ‎eyozicelela usizo lokunqoba umfowabo uMzila. Kuyileso sizathu -ke kukhona abakwaMabunda kanye nabakwaMaswangayi abazinze koGiyane, Thulamahashe (uThulamahashe lona wayengumzukulu kaSoshangane),Malamulele nakwezinye izindawo zaseMpumalanga kanye neLimpopo. 
Enye ingxenye yabakwaMabunda yagcina isidlulele ngaseVenda yayokhonza enkosini uDuvhani eminyakeni yama 1890s.  
AbakwaMabunda uma bezithopha bathi 
Mabunda 
Mhanengwani
Mgodzo
Xilawuli
Hlayuki.
Mghoghoma
Ake ngime lapho nina beNkwazi kaNdaba emaphiko amahlophe!  ‎

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo