Mokebe

AbakwaMokebe
Abantu bakwaMokebe bangabeSuthu abaziwa ngokuthi ngaBafokeng baka Mmutla( Bafokeng baMmutla). Isibongo sakwaMokebe saqambeka ngoMokebe wayephila eminyakeni yama 1600 ngesikhathi samakhosi oMageba waseMakheni kanye noPhunga waseBulawini. 
AbaFokeng bahlukaniswe izigatshana eziningana, kodwa namuhla sizogxila kakhulu kuBafokeng bakaMmutla nokuyilapho kuphuma khona isibongo sakwaMokebe kanye naBafokeng bakaPatsa. KuBafokeng bakaPatsa kuyilapho kuzalwa khona iqhawe laBafokeng uSebetwane kaMangwane( hhayi uMangwane wakithi kwaKhumalo). USebetwane lona owayakhe ngaseNtabazwe( Harrismith) eminyakeni yama 1800 ,omakhelwane bakhe kwakungaBatlokwa bakaMantantasi unina kaSigonyela wodumo lwamasongo kaSigonyela. UMantantisi lona wayenamandla ayisimanga ayewathola ezintelezini zakhe ayezixuba nobisi lwakhe. USebetwane wagcina exabane naBaTlokwa, yamududula impi yaBaTlokwa eyabe iholwa nguMantantisi imbala yamxosha yaze yamuweza umfula iGwa. Ngaleso sikhathi uSigonyela wayesemncane, isizwe saBaTlokwa sasibuswa nguMantantisi ebambele indodana yakhe uSigonyela. USebetwane kaMangwane waBafokeng wafika wakha amadlangala ngaseNtilasifali. Ngenkathi efika laphaya ezweni laseNtilasifali elagcina selibuswa ngamabhunu wahlasela izizwe zaBeTswana ngenhloso yokuqinisa impi yakhe. Isizwe esakhiwa uSebetwane saziwa namuhla ngokuthi isizwe saBahololo, leso sizwe sitholakala ezweni laseZambia endaweni eyaziwa ngokuthi yiBarotsiland nokuyilapho uSebetwane agcina efele khona. 
UMokebe wayezalwa ngu Nkupi ka Sebota ka Moseu ka Kgwanyane ka ‎Nyetsane ka Mohala ka Mokoyoane ka Mphofe ka Mofokeng ka Sekete. ABafokeng bakaMmutla baphuma kuMmutla ka Setsete ka Napo.  
ABafokeng kaPatsa bona baphuma kuPatsa ka Tlopo owayebuye aziwe ngelikaMare. Yena -ke wazala uKomane (owazala abakwaKomane, uKomane wazala uModipa owazala uKhalimane owazala u Masilo owazala uSelai owazala u Sekhomathane owazala u Moerane owayephila ngesikhathi seLembe eleqa amanye amaLembe ngokukhalipha.  
UMokebe yena wazala uNalane owazala uSesoane owazala uMokhethi owazala uDamane owayephila ngesikhathi seLembe eleqa amanye amaLembe ngokukhalipha. UDamane wazala uDamanyane, uMahlelehlele, uChachana, uSabina kanye noMaloti 
UDamanyane wazala uLekhema owazala uMokhethi wesibili. 
UMahlelehlele wazala uMajoro noRobi. UMajoro wazala abakwaMajoro. Umfowabo kaMokebe kwakungu Pea igama lakhe.  
Laba Bafokeng bakaMmutla uma bezithakazela bathi ‘ Re Bafokeng ba ana Mmutlanyana mme ba ipitsa kaPhoka. Mmutlanyana o tsejwa ka mahlahahlaha le matjato. 
Ake ngime lapho okwanamuhla nina beNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa umdlebe!


Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo