Ngongoma

Umlando ngesibongo sakwaNgongoma.

Abantu bakwaNgongoma bangaMalala Nguni ngokwezigaba zabaNguni, basekanye nabantu bakwaNgcobo, abakwaNgidi, abakwaShangase , abakwaHlabisa , abakwaNzama, abakwaChamane kanye nabanye. Zonke lezi zibongo ziphuma kuVumizitha ,owayephila eminyakeni eminingi kakhulu eyadlula . Umuntu ogqama kakhulu emlandweni wakwaNgongoma nguBhongoza ka Mefu iqhawe lempi yaseNcome. UVumizitha kuthiwa wazala uNgcobo, owazala uDingile. UDingile wayenamadodana amaningi esingabala kuwo oNyuswa , uZonca ,uXhonxo, uNgothoma kanye noGasela okunguyena owazala abakwaNgongoma. UGasela wazala uNombikwa owazala uNdaba , uNdaba wazala uMashiza owazala uMavela , uMavela wazala uBhovungane owazala uMafongosi ,uMafongosi wazala uSiphandla owazala uMbozane. Akucaci kahle ukuthi kwakwenzenjani laba bantu bakwaNgongoma kuze kuthiwe ngabakwaNgongoma. Ake sibheke uzalo lukaVumizitha.

*Uzalo lukaVumizitha Ngcobo(esimazi kakhulu ngelikaVumezitha) ,namaqhawe alo.*

UVumizitha nguKhokho wabantu bakwaNgcobo , abakwaShangase , abakwaNgidi, abakwaNgongoma , abakwaHlabisa , abakwaNzama kanye nabanye. Namuhla iningi lethu simazi ngelikaVumezitha,kodwa empeleni igama lakhe eliqondile nguVumizitha. Akucaci ukuthi kwabe kungubani ubaba ka Vumezitha , kodwa yena uVumezitha wazala uNgcobo noMkheshane. UMkhashane wazala abakwaShangase . UNgcobo wazala uDingile owazala oNyuswa , Zonca , uXhonxo, uNontshezi , uNgothoma, uGasela nabanye.Inkosana ka Dingile kwakunguNyuswa. Amathuna amakhosi akwaNyuswa asendaweni yaseMpaphala ,eNtumeni. Indawo yabo yayisuka khona eMpaphala kuhambe njalo kuze kuyofika oThukela. Baningi kakhulu abantu esibaboba begqama esizweni sakwaNyuswa , singaqala ngenkosi uMapholoba okuyiyona egqama kakhulu ezithakazelweni zabo. Inkosi uMapholoba kuthiwa yakhula yaze yadonswa ngesikhumba, yadla inyama egayiwe njemgomcaba. Kwathi ngemuva kokukhothama kwayo kwashona inkosana yayo uMiswayo okunguyena okwakulindeleke ukuba alandele uyise eSihlalweni soBukhosi. Kwathi ngemuva kokushona kukaMiswayo kwaqubuka omkhulu umbango phakathi kwamadodana enkosi uMapholoba oSihayo noMgabhi bebanga uBukhosi.  Kuthiwa umbango wabo wagcina ungenelwe yiSilo uShaka, esawunqamula ngenja. Kuthiwa sabizela oSihayo noMgabhi esigodlweni kwaBulawayo, eNdlayangubo, sabayelela ukuba beze bevunule ngemvunulo abavunula ngayo nxa kunemikhosi emikhulu kwaNyuswa, sabayelela nokuthi beze nabalandeli babo. Kuthiwa bathi sebefikile kwaBulawayo iSilo uShaka sathi makuklelwe umkhumbi . Sekukleliwe umkhumbi iSilo uShaka salanda inja yaso, sayidonsa yahamba inuka abantu ababeklele emkhunjini. Yaqala kubalandeli bakaMgabhi ,yahamba ibanuka ngamunye , naye uMgabhi yamnuka. Yalandela ngabalandeli bakaSihayo , yabanuka, yathi uma ifika kuSihayo ayangamnuka, kepha yalala phambi kwakhe yangabe isaqhubeka nokunuka abantu . Leso senzo senja iLembe yasihumusha ngokuthi ‘nguSihayo owayefanelwe yisihlalo soBukhosi bakwaNyuswa’ . Ngempela wagcotshwa uSihayo ,waba yinkosi yakwaNyuswa eyalandela uyise uMapholoba. ISilo uShaka sabe sesiyalela ukuba kubulawe uMgabhi. Kuthiwa uSihayo waphetheka kabi uma ezwa umyalelo weLembe , wamuncengela umfowabo eSilweni uShaka , wathi ucela athethelelwe, umtaka yise obebanga nje uBukhosi. Ngempela lamxolela iLembe uMgabhi. Laphinde labeka uSihayo njengeNduna yasoBhadaneni umuzi walo elaliwakhe khona eNtumeni. Laphinde lamyalela ukuba abe elilethela njalo ugwayi waseNtumeni ngoba wona wawumnandi kunowaseNdlayangubo lapho kwakumise khona umuzi wakwaBulawayo. Ngasohlangothini lukaMgabhi yena wayesabambe igqubu ngokulahlekelwa kwakhe yithuba lokubusa . Wabe eseqhamuka neqhinga lokuthi aqambe amanga. Waphikelela kwaBulawayo wayothi eSilweni uShaka umfowabo uSihayo wayeqale awushobingele ugwayi ngaphambi kokuba awulethe eSilweni uShaka. Wathi lokho wayekwenzela ukuthi khona ezoba nesithunzi esedlula eseSilo uShaka. Kuthiwa ngempela samkholwa iSilo uShaka, sathukuthela sathelwa ngamanzi. Saphaka impi eyahlasela inkosi uSihayo eyagcina ibulalele inkosi uSihayo oThukela. ILembe laqhubeka lahlasela namanye amakhosi akwaNyuswa esingabala kuwo inkosi uMafongosi Ngongoma kanye nenkosi uNtunja Ngcobo eyayakhe nganeno kwakuNtunjambili, ngasemfudlaneni iHlimbithwa.
Ayavela amagama amakhosi akwaNyuswa ezibongweni zeLembe uma kuthiwa ” Ubhiyoze kuNomangci phezulu, eyakunqamul’umbango kwaNyuswa, kwakungabangwa nalutho kwaNyuswa, kwakubangw’izinxakuv’emanxiweni”
Zibuye ziqhubeke zithi . ” Okhangel’ezansi naMadungela , izinkomo zawoSihayo zabuya! Kwaye kwalandela nezikaMafongosi’

Ngemuva kokuhlaselwa kwenkosi uSihayo abantu bakwaNgcobo bahlakazeka kakhulu, uThondolozi ka Tayi Ngcobo wahola enye ingxenye yakwaNgcobo bayokhosela kwaNgubane. Le ngxenye yaziwa ngokuthi ingeyaseLangeni. AbaseLangeni bathi basahlezi kwaNgubane abahlaselwa yimpi yamaBomvu kwafa amaNyuswa amaningi. Abasindayo beqa baphikelela eNsikeni emzini wenkosi uMacingwane eNgonyameni ukuyokhonza kwaMchunu. Bathi besendleleni ngaseSinyambuzi ukhalo ulusuka kwaNtunjambili izulu lakhithika abaningi bafa bebulawa ngamakhaza. Indawo yagcina ibizwe ngokuthi ‘Kusokhalweni lwabantwana bakaTayi . Lesi sigameko siyavela ezibongweni zeLembe uma imbongi ithi ‘ Owadabul’eMantanjeni, abantu bakaTayi ebebegodola  , beya kuMacingwane eNgonyameni’.

**UBhongoza Ngongoma**

Elinye iqhawe kwaba nguBhongoza ka Mefu Ngongoma owaholela amaBhunu oPhathe kweyaseNcome ngo1838  , 16 Zibandlela. Waqhamuka kumaBhunu esephefuzela wafika kuwo waqamba amanga wathi wayesecishe wabulawa yimpi yeSilo uDingane, wathi wayesinde ngokulambisa. Wafika kuwo ebukeka ethukile , futhi ebukeka okumuntu owayesefelwe yizwe ngempela , kanti wayeqamba amanga.  UBhongoza wayenqume wavumelana nempi yeSilo uDingane ukuthi kugcwaliswe izinkomo iNyonikaphumuli kusuka khona oPhathe zize ziyophumela eMfolozi eMhlophe. UPhathe umhosha othe dwi uze uyophumela khona eMfolozi eMhlophe. Yena wayezofike athi emaBhunwini impi yakwaZulu yayisibaleke yashiya izinkomo. Ngempela waqhamuka uBhongoza kumaBhunu emahuquhuqu, esemhloshana phaqa , esebonakala impela ukuthi wayefelwe yizwe. AmaBhunu akholwa konke uBhongoza akusho kuwo, wabe esewaholela-ke oPhathe , kanti emhlambini wezinkomo kwakulele amaButho kaZulu, ecashe ngazo izinkomo. AmaBhunu aphoqeleka ukuba adilike amahhashini awahole ngamatomu ngoba leyo ndawo yayenile igcwele izihlahla zehlanze . UBhongoza yena wayehola phambili. AmaBhunu athi uma ethalaza uBhongoza angabe esambona kanti usegijime wasithela ngezihlahla. Amuzwa esememeza ethi ‘Sebephakathi Mabandla ka Mjokwana ka Ndaba! Ngoke ngizwe-ke!” . Impi kaZulu yawavukela amaBhunu yawagwaza , kwafa amaningi, kodwa amanye akwazi ukuphulukundlela abaleke. Sakheka kanjalo isisho esithi ‘Ukuholela umuntu oPhathe” , esisho ukuyengela umuntu entweni ezomfaka enkingeni.

**UJohn Langalibalele Dube***

Elinye iqhawe kwaba nguJohn Langalibalele Dube owayezihasho zithi ‘UnguMafukuzela onjengezulu , esingezukumlanda kakhulu ngoba sisazobhala ngaye ePhephandabeni leLanga . Yena uKhokho wakhe kwakunguDube ka Silwane owabulawa yiSilo uDingane.

***Ulibo lwabakwaShangase**

UMkheshane ka Vumezitha wazala uThomani owazala uMajola owazala uShuku owazala uMvula owazala uNdaleka owazala uGusha,uGusha wazala uMshiyane owazala uMnguni owazala uMacebo ,uMacebo wazala uZikhulu.

**AmaQadi**

EQadini uVumezitha wazala uNgothoma owazala oNjila owazala uSilwane owazala uDube

*Ulibo lwabakwaNgongoma*

AbakwaNgongoma baphuma kuNgcobo nabo . UNgcobo wazala uDingile owazala uGasela owazala uNombikwa owazala uNdaba owazala uMashiza owazala uBhovungane owazala uMafongosi ovela ezibongweni zeLembe.

AmaFuze aphuma kuSanimuse owazala uMdumane owazala uDindi owazala

Esinye isibongo esikhulu esiphuma kwaNgcobo ngesakwaHlabisa , sona-ke siphuma kuZonca ka Dingile ka Ngcobo ka Vumezitha ,uZonca wazala uMagunya owazala uNgono owazala uNqina owazala uMdinwa owazala uNgotsha, uNgotsha wazala uMphoswa , uWolizibi kanye noSongiya owaba omunye boNdlunkulu beNkosi uSenzangakhona, wazala  iSilo uMpande esazala iSilo uCetshwayo esazala iSilo uDinuzulu esizala iSilo uMaphumzana esazala iSilo uNyangeyezizwe (uBhusha ka Nayifi) esazala iSilo uMdlokombane esazala iSilo esibusayo iSilo uMisuzulu

Izithakazelo zakwaNgongoma

-Mapholoba

-Nyuswa

-Mabhala ngozipho

-Abanye bebhala ngepensela

-Mafuze afulele njengefu lemvula

-Mavulankungu kuvele ilanga

-Mashiya amahle

-Ngathi azoshumayela

(Ziyefana nezakwaNgcobo)

#Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo