Incazelo ngeNgwavuma\Anthill-Saffrom\Monomane\Elaeodendron transvaalense:

 

Nina bakaMbombosh’omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBuluwayo, uSela lintongande lawo Baleka lithabathe uMshiza lawetshatha liwugalela ngawo eMankenganeni{kumaBhunu}, uSingquma kakhulumi kanamlomo akafani noDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona lwaqed’umuzi ngokunkenkeza!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu , cha thina sisaphila kwaSokhumalo. Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa yiNgwavuma igama lawo lesiZulu . Lo muthi uthe chithi saka lena eMkhanyakude , eButhonga. Uthe chithi saka  naseZimbabwe kwaBulawayo. INgwavuma iyiSikhafulo esihle kakhulu sokubuyisa isithandwa. INgwavuma bayibiza ngeBosveldsaffraan ngesiBhunu. NgesiNgisi kuthiwa yiAnthill-Saffrom. Kanti iBotanical name yawo kuthiwa yiElaeodendron transivaalense. NgesiVenda kuthiwa uMulumanamana. NgesiTswana kuthiwa uMonomane. Lena kwaBulawayo kwelikaMzilikazi bawubiza ngalo eleNgwavuma, endulo babewusebenzisa ukwakha izitsha zokhuni, izingqoko,izigqiki,  izinkezo zokhuni nokunye. Kanti babebuye phalaze ngawo .

Yenzani iNgwavuma?

Nina beSilo kulo muthi kusebenza kakhulu ixolo, liyaphalaza , libuye libe yiSikhafulo esihle sokubuyisa iNtombi noma iSoka. Ixolo leNgwavuma lihle kakhulu nasekuphalazeni , livula amaphupho , livula nezinhlanhla. Liye lithakwe nemithi ebomvu oNtolwane , uVuma obomvu , oNyazangoma elibomvu,oMaphipha kanye neminye. Nokho bayilithaka abanye kwemhlophe. Ixolo leNgwavuma liyangena eMabuthweni athunywa ukuyoshaya izitha. INgwavuma inhle nasekuhlakazeni izitha, uma uyithake noNukani noma noSindiyandiya, bese uyaphalaza , uphalazele eNdlini encane ukhulume usho ukuba ufuna izitha zakho zihlakazeke kanjani. Ubuye ugqume uphinde ugeze ngeNduku efanayo. Impuphu yexolo le Ngwavuma iye ikhothelwe ukwelapha isisu esibuhlungu , ngenxa yezilonda ngaphakathi . Kahle-hle le mpuphu iwumuthi omuhle wokwelapha izilonda ngaphakathi. Uma uthanda ungayifaka emanzini abandayo bese uphuzela ukwelapha zona izilonda ngaphakathi emaphashini, esinyeni nakwezinye izingxenye zangaphakathi . Le mpuphu iyasebeza nasemanxebeni angaphandle, esilwaneni noma kumuntu.


Khumu!!!!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngemoande!

Niphile nina bakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala!

 

INgwavuma\Anthill-Saffrom

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo