Nina beMbube enamandla ake sibheke ukudla noma izitshalo zasemasimini.Ziningi izilimo ezitshalwa emasimini , iningi lazo zitshalelwe ukudliwa njengokudla kwamihla yonke. Kanti zikhona nokho ezitshalelwa umsebenzi owehlukile , njengokuphisa utshwala . Okunye esingakuphawula wukuthi zikhona izitshalo ezabe zitshalwa ezikhathini ezadlula, esezingasatshalwa namuhla. Kukhona nezitshalo eziba wusizo umhlaba wonke jikelele, ngoba zikhiqiza into esiza noma edingwa cishe yibo bonke abantu abasemhlabeni. NjengoMoba , kwenziwa ngawo into edingwa yiwona wonke emhlabeni, leyonto uShukela . Nawo uMmbila kwenziwa ngawo iMpuphu , ukuyinto ebubaluleke kakhulu ikakhulukazi eAfrika. Ake sibheke nazi ezinye zezilimo zaseMasimini

IBhece\Citrullas lanatus\Tsama Mellon \Kalahari Mellon:
IBhece isilimo saseMasimini esithi asifane neKhabe, umehluko wukuthi iKhabe lona lidliwa luhlaza futhi linoshukela . IBhece liyephuza ukuvuthwa,ngesikhathi soMkhosiwokweshwama iBhece lisuke lingakakulungeli ukudliwa, kanjalo neKhabe. IBhece isilimo okwenziwa ngaso iSinambathi. Kuphekwa izincezwana esezihlutshiwe zeBhece , bese kuvuvuzelwa impuphu yoMmbila, noShukela kancane. Leyo nhlobo yokudla ibuye ibizwe ngeSijingi , noma ngeSidudu , noma ngoJeleza. Kubuye kusetshenziswe neThanga ukupheka lokhu kudla . Lokhu kudla kumnandi kwehla esiphundu. Kunezisho ezimbili ezithinta iBhece . Esokuqala yilesi esithi “Ukugwaza iBhece , okusho ukunqoba kalula ngaphandle kokusebenzisa amandla” . Esesibili yilesi esithi ‘Ukuthinta uBhece esafinya okusho ukuthinta umuntu ongathintwa , onolaka , noma onozwela’. IBhece libizwa ngeCitrullas lanatus ngesiLungu. NgesiXhosa kuthiwa uJodo , iNtyabontyi, noma uBhece.IBhece libuye libizwe ngeTsama Melon, iTsama kuthiwa igama lesiKhoisan elisho indawo yaseNdle.

IKhabe \Watermellon.
IKhabe isilimo esithi asifane neBhece , kodwa sona sidliwa luhlaza futhi sinoshukela. NgesiLungu kuthiwa iWatermellon . Siyadayiswa nasezitolo ezinkulu. Umuntu osebenzisa izandla zombili ngokulingana naye ubizwa ngeKhabe:

IThanga\Pumkin\Cucurbita:
IThanga isilimo saseMasimini, isihlahla saso esibuye sidliwe njengeMfino emnandi edliwa noPhuthu, ebizwa ngokuthi yiMfino yezintanga. Kuleyo Mfino kuye kuqotshelwe neSiklongo , okuyiThanga elincane elisathambile. IThanga kwenziwa ngalo iSijingi , noma iSibambathi njengoba besengishilo. IThanga libuye liqotshwe izincezu kuphekwe iNqeke. Inkovu yeThanga iyaphuzwa , imnandi kakhulu . Ingxenye yomlenze womuntu wesifazane esuka enhla kwedolo iya ngasenyongeni nayo ibizwa ngeThanga.

AmaSelwa \amaKhomane:
AmaSelwa noma amaKhomane nawo adliwa ngesikhathi okudliwa ngaso amaThanga. Incazelo yawo icishe ifane neyeThanga kodwa wona awanayo inkovu emnandi futhi awasenzi iSinambathi. Wona-ke abuye enze neziNkamanzi{isitsha okukhiwa ngaso uTshwala noma amanzi, sibuye sibizwe ngeNkezo} , amaQhaga nokunye. AmaKhomane azinhlobonhlobo futhi ayehluka ngokwakheka, inhlobo eyakha iziNkezo ibizwa ngeCalabash ngesiLungu. NgesiLungu amaKhomane abizwa ngeLagenaria siceraria noma Bottle gourd . NgesiBhunu kuthiwa yiKalbus. Uyabona lo Sayizi engiwufakile yiwona kanye omnandi, amaKhomane akufuneki aqine kakhulu..

Amazambane \Potatoe\s:
AMazambane acishe afane noBhatata , nawo abhiwa phansi njengawo uBhatata. Kuthiwa ama-Potatoes ngesiLungu. Ukudla okwejwayelikile lokhu. Abantu abansundu bakuthathela emaBhunwini, wona-ke amaBhunu awabuza ngama-Aartappel.

UBhatata\Sweet potatoes \Patat
UBhatata wuhlobo lwamaZambane olumnandi olunoshukela abantu abaludla njengeBhulekifasti ekuseni , luphelekezelwa yiTiye kuhle kweSinkwa. Sengathi le nhlobo yamaZambane ayinalo igama lesiZulu ngoba leli elika Bhatata lisuselwa kwelesiBhunu elithi Patat.

Amantongomane\Groundnuts
Amantongomane kwenziwa ngawo iBhotela . Nawo akhiqizela phansi njengaMazambane. Kubuye kuphekwe ngawo izinkobe.NgesiLungu kuthiwa ama-Groundnuts.

IZindlubu\Bambara groundnuts:
IZindlubu ziyinhlobo yamaMantongomane ebizwa ngama-Bambara Groundnuts ngesiLungu. IZindlubu zipheka ezimnandi iziNkobe , ezehla esiphundu. IZindlubu zibizwa ngokuthi i-Akkerbone ngesiBhunu. NgesiPedi kuthiwa i-Nawa. Lena eVenda iZindlubu bazibiza ngoMunawa. Kanti kwaNgwane bazibiza ngeTindlubu.

UMoba\Sugar cane:
Nina beSilo esithombeni uMoba . UMoba umhlanga onoshukela , umnandi , udliwa ngokumfimfithwa nje Mfe. UMoba ngesiLungu kuthiwa yiSugar cane.

IMfe\Sugar drip\Sweet sorghum:
Nina beSilo nanso-ke iMfe, umhlanga onoshukela . IMfe idliwa njengoMoba, iyamfimfithwa. NgesiLungu kuthiwa yiSugar drip, noma Sweet Sorghum. ISorghum kushiwo amabele. IMfe yakheke njengawo amabele. Kusukiwe kushiwo yona ezithakazelweni zabakwaMntungwa uma kuthiwa ‘Enidle iziMfe zambili, kwaphuma khambi linye!’

Amabele\White Sorghum and Red Sorghum:
Nina beSilo nawo-ke amabele, isilimo esihle ekuphiseni utshalwa. Emabeleni kuphuma utshwala obubukhali impela , iSihahadolo. Le mbewu ibuye igaywe ,impuphu yawo kuphekwe ngayo iSitshwala{Pap} , noma iPhalishi. Kubuye kwenziwe ngayo uMcaba kuvutshelwe ngamasi. Umnandi uMcaba wamabele wedlula owoMmbila. Zimbili izinhlobo zamabele, kukhona amabele amhlophe kanye namabele abomvu, njengoba nibona nasesithombeni. Amabele abomvu abizwa ngeRed Sorghum ngesiLungu, kanti amhlophe wona abizwa ngeWhite Sorghum. Zombili izinhlobo zenza umsebenzi ofanayo.

UNyawothi\uNyaluthi\Mungu\Pearl Millet\Lebelebele
Nina beSilo esithombeni uNyawothi , wona kanye okubongwa ngawo iSilo saBathethwa uma kuthiwa “UNyawothi omnyama uNofukuthwayo” . Lezo zibongo zichaza ukwephana eSilweni saBathethwa. Ukufukutha ukudla inyama luhlaza. Izinhlamvu zikaNyawothi ziyagaywa , impuphu yazo ipheke iSitshwala{Pap}, ibuye ipheke nePhalashi elimnandi elehla esiphundu. Bathi iphunga le nhlamvu ka Nyawothi uma ishisiwe ixosha iziKhova kanye nayo yonke imimoya emibi ekhaya.Ngamanye amazwi iyiNtelezi. Lena imbewu engasalinywa manje. Esalinywa lena koZimbabwe. Bathi nomsoco kabi , umuntu oyidlayo bathi uyephuza ukuguga, ikakhulukazi uma eyidla ngeMifino. Bathi uphila eside isikhathi. UNyawothi ubizwa ngePearl Millet ngesiLungu. NgesiTswana kuthiwa yiLebelebele. NgesiTsonga kuthiwa uMungu

UPhoko\Finger Millet\Rapoko:
Nina beSilo nalo -ke uPhoko. Lunezinhlamvu ezincane kakhulu ezithi uma ziwele phansi kube lukhuni ukuzicosha. Uma kuneNdumezulu yoMcimbi endaweni ethile kuye kuthiwe “Kuchitheke uPhoko “kuleyo ndawo. Izinhlamvu zoPhoko nazo ziyagaywa ziphise utshwala , zikhipha iSihahadolo iNtundabebhekene uqobo. Impuphu yoPhoko ipheka elimnandi iPhalishi. Inhlamvu yoPhoko nayo kuthiwa ixosha imimoya emibi uma ishunqiswe ekhaya. UPhoko ngesiLungu lubizwa ngeFinger Millet. Ngolimi lwesiShona lubizwa ngeRapoko. Nayo le Mbewu ayisilinywa namuhla, isalinywa khona koZimbabwe. UPhoko nalo luyagaywa kwenziwe uMcaba , kuvutshelwe ngamasi.