Nina aboVemvane lukaPhunga noMageba uVemvane lumabala azibhadu ngibe ngiluthinta luyahwaqabala lunjengoPhunga waseBulawini lunjengoVumakubangoma! USingquma khuluma bakuzw’umoya abasezitheni nabasemakhaya!
Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Cha, thina eMantungweni sisaphila. Nina beMbube lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa yiMpinda igama lawo lesiZulu , iMpandamshaye , iNduku yokuphindisa zonke izinto zabathakathi . Iphindisa izichitho , umkhokha wokushona kwabantu ekhaya ngendlela engaqondakali, imeqo, izilwane kanye nokunye. Iye ithakwe neminye imithi nokho. Iyangena nazentelezini echela ithuna,noma isidumbu.Le Nduku ngolimi lwesiBhunu ibizwa ngokuthi yiSlangklimop. NgesiNgisi ibizwa ngeMonkey , noma ngeSnake climber, noma ngeGummy adenia. Zonke izinhlanhla ezithandela ezinye izihlahla ezinkulu ngokwenyuka zibizwa ngeMonkey rope. IMpinda ngesiZulu ibuye yaziwe ngeMfulwa.
Isebenzani iMpinda?
IMpinda yintelezi emandla kakhulu kwezokuphindisa. Iye ithakwe nezinye. Iphindisa isilwane, isichitho , kanye nezinye izinto zabathakathi. Okuyiyona nto esebenza kakhulu kulo muthi yizona lezi zinduku enizibona esithombeni. IMpinda iyakhafula, iyagquma , iyaphalaza, iyachela , iyageza, iyakhothwa, iyashunqiswa . Ngingasho nje ngithi ‘ikwenza konke’.Iyangena eMabuthweni athunywa ukuyolwa. Iyangena ezinsini ezikhothelwa ukuziqinisa , ukuze abantu bangakwazi ukukukhafula noma ukukuphehla okhambeni. Iyangena ezinsini zeMeqo\aMabekelo, iyangena ezinsini zokuqina uma umuntu eyodlala iNduku eMgangeleni. Iyangena futhi kwezochela iziNduku. Ingena ezindaweni eziningi impela. Iyangena kwezokuphalazela ukukhipha isilwane esilala nabantu ebusuku. Iqeda nezibhobo ezidalwa ngamaphupho amabi kanye nemimoya emibi kumuntu osuke ephalaze ngayo. Iyangena kwezokuphalazela ukulungisa igazi . Inhle futhi nasekwelapheni umuntu ocushiwe , owalala nomfazi womuntu. IMpinda ibuye ibe wumuthi wamanxeba , impande yayo iququdwa umuntu osanda kulunywa yinyoka. Impuphu yempande yeMpinda iye inanyekwe enxebeni lomuntu noma elesilwane , ishise wonke amagciwane , incele nobovu. Impande yeMpinda iye ibiliswe bese iSiphungo sayo siphuzwa umuntu ohlushwa isisu sesiHudo. Kuthiwa lesi Siphungo sihle kakhulu nakumuntu ohlushwa uKhwantalala. IMpinda iyangena nasentelezi echela ikhaya , ixosha izibango zezinyoka, izikhovu nayo yonke imimoya emibi.
Khumu!!
Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumal TV” uthole olunhye futhi ulwazi ngempande!
Niphile nina bakaSimayedwa njengelanga lona limi lodwa eZulwini, uSomndandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!!
