Incazelo ngoChakide\Galerella sanguinea\Slender Mongoose:

Nina abeSela lintongande lawo Baleka lithabathe uMshiza lawetshatha  liyawugalela ngawo eMankenganeni! UMkhwamude owangisika isilevu , uSungulo olude lwangithunga impumulo! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abeSilo kuwumhla wamashumi amabuli nane kuNdasa onyakeni ka 2023. Cha, thina siyaphila kwaSokhumalo.

UCHAKIDE:

Lesi silwane enisibona esithombeni sibizwa ngoChakide ngesiZulu , sibizwa ngeGalerella sanguinea ngesiLungu , noma Slender Mongoose. Lesi isilwane esidume ngokuhlakanipha nangesibindi, siziphiliza  kakhulu ngokudla izinyoka.  Imvamisa sizingela emini. Lesi silwane sibuye sibe yinkinga nasemakhaya , siwuhlupho kakhulu impela ngoba sidla isinkukhu . Kukhona nesisho esakheka ngaso lesi silwane ,isisho esithi”UChakide usuheha ngesibhelu isikhukhukazi “ , okuyinkulumo echaza ukuthi uma udinga usizo kumuntu othile kudingeka ukuba  “umeshele ngokumenzela okuhle kuqala lowo muntu ngaphambi kokuba ucele lolo sizo’ . UChakide uhlakaniphe impela kangangokuthi uyakwazi ukuzibulalela uholokoqo lwenkonya uwodwa vo , ungelekelelwa . Uyakwazi nokuvika amathe enyoka lapho ikhwifa, uyakwazi futhi nokuvika lapho  inyoka igadla. Isilwane esihlakaniphe kabi lesi. OBululu laba uChakide awubaboni nhlobo . UChakide uhlala emgodini njengazo zinke izilwanyana ezincane. Esinye isisho esachazeka ngoChakide yilesi esithi “uChakide uhlolile iMamba yalukile” , okuchaza ukuthi uMqaphi akekho , labo abasele bayazenzela nje ngoba phela lowo obabhekile akekho. Akukhona okutheni engikwaziyo ngalesi silwane uChakide kokuthi siyangena ezilwaneni ezishunqisela ingane esanda kuzalwa. Sibaluleke kakhulu ngoba yisona esenza ingane ihlakaniphe. Kune nkulumo eye ikhulunywe iqondiswe kumuntu ongasile kahle ekhanda, leyo nkulumo ithi’ Kwashoda izilwane , kwashoda uChakide”

Amagama okubizwa ngawo uChakide:

NgesiSwati uChakide ubizwa ngoChakidze. NgesiLungu soSosayensi kuthiwa yiGalerella sanguinea , kanti ngesiNgisi kuthiwa iSlender Mungoose. NgesiBhunu kuthiwa yiSwartkwasmuishond , noma Rooimuishond. NgesiNdebele kuthiwa iHobo. NgesiSuthu uChakide ubizwa ngeKgane. NgesiTswana kuthiwa iKgane , noma Khana, noma Ramotsibodi, noma Kganwe. Ngolimi lwesiShona okuwulimi olukhunywa ezweni laseZimbabwe kuthiwa iHovo. NgesiVenda kuthiwa iKhohe , noma Khoke. NgesiTsonga kuthiwa iMangovo.


Khumu!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngzilwane nangampande..

Niphile nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!

 

UChakide

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo